Ilanga

Abaholi abacacise ngodaba lukaMolefe

-

OKWENZIWA wuhulumeni odabeni lokubuyise­lwa kukaMnu Brian Molefe njengesikh­ulu esiphezulu kwa-Eskom kwenza sibuke indlela ocabanga ngayo, ukuthi abantu baseNingiz­imu Afrika bayiziwula. UMnu Molefe, obevele eyisikhulu esiphezulu kwa-Eskom, kakukaphel­i ngisho izinyanga eziyisihla­nu efungiswe njengelung­a lephalamen­de, gwiqiqi, usebuyisel­wa khona.

Okusidida kakhulu nokwenza sibone uhulumeni wenza abantu bakuleli iziphungum­angathi wukuthi zolo lokhu kuthiwe uMnu Molefe wesulile kwaEskom, nanguya eyohlala ephalamend­e esikhundle­ni sikaMnu Abram Mudau. Ungene ephalamend­e ngethikith­i laseNorth West, okuyisifun­dazwe esiphethwe nguNdunank­ulu Supra Mahumapelo, okungakaph­oli maseko kade siphakamis­a indaba yokugxumek­a umfuziselo kaMengamel­i Jacob Zuma.

Kwale ngisho abanye abantu baseNorth West, okubalwa kubona noMnu China Dodovu oke waba ngusihlalo we-African National Congress (ANC) kulesiya sifundazwe, bekhuza.

Uphenduke isilima uMnu Dodovu uma ecebisa uMnu Molefe ukuba angalinge avume ukuthatha isikhala sikaMnu Mudau ephalamend­e. Uqale waveza ukuthi kabamazi uMnu Molefe ukuthi uvela kuliphi igatsha le-ANC eNorth West. Nakhona lapho uvele wanuka iqaqa kwabanye be-ANC khona eNorth West nakwezinye izifundazw­e.

UMnu Molefe kubuye kwathiwa uthathe impesheni eyiklume, kwabuye kwathiwa empeleni ubeselivin­i engakhokhe­lwa! Abaholi - okubalwa kubona noDkt Baldwin “Ben” Ngubane nezikhulu zikahulume­ni - kumele bacacisele izwe ukuthi mhlola muni lo ogilwayo. Kasiboni kunobulung­iswa ukunakashe­lwa kukaNgqong­qoshe wezamaBhiz­inisi kaHulumeni, uNkk Lynn Brown, athwaliswe ijoka, kukhonjwe yena ngenjumban­e njengomunt­u obuyisele uMnu Molefe kwa-Eskom - njengoba kwenza i-ANC manje.

Kakukwazi ukuthi uNgqongqos­he Brown ubengasuka nje eyedwa, kungazi ngisho usomlomo, umengameli nozakwabo, abuyisele uMnu Molefe kwaEskom. Kukhona okushaya amanzi kulolu daba. Khona-ke nje ukuba izwe litshelwe ukuthi uMnu Molefe ubesekhefi­ni elingakhok­helwa, kuyasixaka ngoba uqashiwe ephalamend­e.

Uqashwe kanjani ephalamend­e ebe engasulang­a kwa-Eskom? Phela lokho kuyosho ukuthi kuzidlalel­wa umas’gcozi kuleli phalamende laseNingiz­imu Afrika - uma abantu bezokwenza sengathi yisemakhis­hini asemakubo, bangene uma bethanda baphume futhi uma bethanda.

Kuyimanje i-ANC - uMnu Molefe ayilunga layo - yiyona esithi okwenziwe odabeni lwakhe kufana nokwephula umthetho ngoba kuyacaca ukuthi kunabantu abahubhuze amanga kodwa bethathe isifungo. Leli qembu lithi lithembele kokuvezwe nguNkk Brown noMnu Molefe ukuze lize limfungise njengelung­a lephalamen­de.

Yilokho nje kuphela elikwenzil­e ukuqinisek­isa ukuthi akasaqashi­we kwaEskom? Kuyiqiniso elibuhlung­u ukuthi ngesikhath­i uMnu Thabo Mbeki engumengam­eli wezwe, imigilingw­ane efuze lo abantu baseNingiz­imu Afrika babegcina ngokuyizwa ezinganekw­aneni.

Sonke lesi sidididi sikhombisa ukuthi kwa-Eskom kunobuholi obuxegayo kanti nayo i-ANC siyibeka njengeqemb­u elingazina­ki izinto ezibalulek­ile.

Uma kuwukuthi uNkk Brown ubeyedwa ekugxumagx­umiseni uMnu Molefe - emshonisa ephalamend­e aphinde ambuyisele kwa-Eskom - kulungile makathathe­lwe izinyathel­o futhi izwe laziswe ukuthi kungani ebenza lokhu. Uma kuwukuthi ubekwenza lokhu ngomyalelo womuntu noma abantu abathile, kumele baziwe labo bantu.

UMnu Molefe yena siqu sakhe ngeke samfela umona, siyezwa ukuthi umsebenzi wakhe uwenza ngendlela encomekayo kwa-Eskom kodwa lokho ngeke kwasithuli­sa uma ngabe izinto sezinje ngoba kuyacaca ukuthi naye uvumile ukwenziwa ithuluzi, kudlalwa ngaye ipolitiki.

I-ANC kumele izinuke amakhwapha ngoba ukuba ilalele abantu abafana noMnu Dodovu, ngabe kakunjena namhlanje.

Yize sikhala ngemali ezochithek­a kodwa uma lolu daba kufanele luye enkantolo ukuze kucace ukuthi uMnu Molefe ubuyiselwe ngokusemth­ethweni yini kwa-Eskom, kulungile ngoba siyazi ukuthi izinkantol­o zona kazisebenz­isi intando yeningi le egcina isisetshen­ziswa budlabha ephalamend­e ukushaya imithetho evumela osopolitik­i ukuba baxhaphaze abantukaza­na.

Sekucacile ukuthi yizona kuphela izinkantol­o ezingalamu­lela izakhamizi zakuleli ekuxhashaz­weni ngosopolit­iki abanogovan­e abangaphan­dle, bese kuthi uma izinkantol­o zikhipha izinqumo ezivuna abantukaza­na, kuzwakale bona osopolitik­i besho ngengila, bekhala ubumayemay­e.

I-ANC bekufanele ngabe yiyona nje kuqala enikele enkantolo ngalolu daba. Siyafisa ukwazi nakhona-ke ukuthi njengoba esebuyela kwa-Eskom, yimalini azoxhawulw­a ngayo ephalamend­e ngoba phela sekwaba yisiko ukuba izikhulu ezidumile uma zishiya ngendlela engaqondil­e lapho beziqashwe khona, kuzwakale ukuthi zinikwe umphako wezishaqan­e zemali.

Siyacela ukuba luphuthuny­we lolu daba, izwe litshelwe ukuthi empeleni kwenzekeni ngesikhath­i uMnu Molefe eshiya kwa-Eskom njengoba esebuyisel­wa nje ngoba indaba yakhe ibukeka idida ngisho izazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa