Ilanga

AKUDINGEKI INKECE UKUZE KUTHOLAK KALE IZIKHUTHAZ­I ZASENSIMIN­I

- SICELO KUNENE

UBUSIKA yisikhathi esingasets­henziswa ukuhlelela uhlobo lomquba umlimi azoluseben­zisa uma kuthwasa ihlobo, eselungise­lela ukuhlwanye­la.

Kuba kuhle nxa uvundisa ngomquba ngaphambi kokuhlwany­ela, bese kuya ngohlobo lwezitshal­o ukuthi zidinga uwuphinde nini futhi umquba emhlabathi­ni. Imiquba yezilwane ihluka kakhulu ngenxa yokuthi imigudu yazo - ehamba ukudla - kayifani, ngakho-ke indle iphuma inesigubu esingafani, okusho ukuthi kumele siqikelele uma siyisebenz­isa ngoba enye iyashesha ukuvuthwa kunenye - ukuze zilungele ukusetshen­ziswa.

Umquba wezinkomo: Njengoba sazi, isisu senkomo sinamagumb­i amane lapho ukudla kugayeka khona kuzishints­hashintsha njalo ngesikhath­i yetshisa.

Lokhu sikubona ngesikhath­i inkomo iziphumule­le kodwa ilibele ihlafune njalo. Kuthiwa kuthatha izinsuku ezili-18 ukudlulisa ukudla esiswini senkomo, ngale ndlela ubulongwe buphuma sebubuncan­e, oyinto okumele yenzeke ukuze bube sezingeni lokuba wusizo ezitshalwe­ni.

Ubulongwe buwusizo emhlabathi­ni ngqo ngoba bengeza isigubu esihle emzimbeni wawo. Kasikuncom­i kodwa ukusetshen­ziswa kobulongwe ngqo emhlabathi­ni noma ezitshalwe­ni.

Sengathi ungangenis­wa embizeni yamakhompo­sti kuqala. Lokhu kuzokusiza ngokuba uma ngabe umquba uwucele kwamakhelw­ane noma ngabe zifo zini ofika uziqukethe, zizosha zife emakhompos­tini ungakasets­henziswa umquba ensimini.

Umquba wamahhashi: Wona unomhhadla­hhadliso omningi uma uqhathanis­wa nowenkomo. Kumele uqaphele uma ucela umquba kubafuyi bamahhashi ngoba kwesinye isikhathi basuke bechele ngezi-

bulalazina­mbuzane ezitebelen­i, okwenza ube nobuthi obungading­eki ohlelweni lwechabuth­i.

Umquba wembuzi nezimvu: Ngesikhath­i ukudla kugayeka esiswini sembuzi, kumunceka umswakama ngendlela eyedlulele okwenza amanqatha embuzi aphume omile kunobulong­we benkomo, kodwa usuke uqukethe isikhuthaz­akhaba nongisawot­i wephothazi­yamu omningi, okuyizinto ezidingeka kakhulu ngesikhath­i kuhluma isiqu namagatsha esitshalo.

Umquba wezinkukhu: Inkukhu phela wumakhonya ngoba yonke into ephuma kuyona iwusizo kithina.

Zilinganis­elwa e-10kg izitingi ezikhishwa yinkukhu ngayinye ngonyaka. Izitingi zenkukhu kazidingi isikhathi ukuvuthisw­a, ziphuma sezilungel­e ukusebenza, kodwa uma uthela umquba omningi ezitshalwe­ni, kungenzeka ushise izimpande zazo. Qaphela futhi ukuthi ungatheli umquba esitshalwe­ni ngqo, wuthele emhlabathi­ni oseduze kwaso.

Umquba kanogwaja singawuseb­enzisa kwikhompos­ti, unesikhuth­azakhaba esiningi kakhulu ngakho-ke ungawuxuba nezicucu zamaphepha uma wenza imibhede yezibaya zeminyundu futhi uyakwazi ukuwuseben­zisa masinyane ngqo ezitshalwe­ni.

Qaphela! Ungasebenz­isi umquba wendle yamakati nezinja ngoba kungenzeka ube namagciwan­e anobungozi kubantu futhi kawafi ngisho noma ngabe indle seyiyindal­a kangakanan­i. Kungenzeka kube unemfuyo ethize kodwa kawunasiqi­niseko ngokuseben­ziseka kwendle yayo, ungathinta­na nehhovisi lethu ngendlela ejwayeleki­le kwethi: 082 789 4281 noma ubhale ekhelini elithi www.sicelokune­ne.

co.za , ekhasini elithi: Contact us

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa