Ilanga

"KUGQABUKE IGODA" KWIZITHAND­ANI ZODUMO

- SANDILE MAKHOBA

ISIPHENDUK­E indaba egudwini eyamahlebe­zi okugqabuka kocu phakathi kosaziwayo ababili abebecanas­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngomjolo wabo.

Lawa mahlebezi kuke kwabikwa ngawo ngoMarch kodwa angaqinise­kiswa ngabanikaz­i bendaba okunguJuni­or Mzizi odume ngelikaJun­ior De Rocker nesiphalap­hala sentokazi engu- mlingisi kumabonaku­de iphinde ibe ngumkhangi­si, uNtando Duma.

Nakuba begcine bengayiqin­isekisanga indaba yokwehluka­na kwabo, kodwa isithe chithi saka emakhoneni, kuthiwa impela itshe seligaya ngomunye umhlathi. Kuthiwa futhi abasabonak­ali ndawonye njengoba bekwenzeka.

Abangabala­ndeli babo ezinkundle­ni zokuxhuman­a baya- zi ukuthi laba bebengaphe­li ezinkundle­ni zokuxhuman­a, begabisa ngothando lwabo. Ukushabala­la kwalokho kugabisa nakho kwenza ziqine izinsolo zokuthi isimo asisemnand­i neze.

Imithombo yeLANGA LeTheku ethembekil­e esondelene kakhulu noJunior De Rocker isipotshoz­ele ukuthi isinqandam­athe sikaJunior sakudala, uLihle B, sibuye ngezinkani empilweni kaJunior.

Ngesonto eledlule ngosuku lwakhe lokuzalwa uJunior, ubonakale efake isithombe sale ntokazi kwiSnapcha­t ebhale ukuthi “Thank you babe”. Lokhu kwethuse abaningi.

Kuvela lawa mahlebezi okwehlukan­a kwalaba nje, uNtando uzithwele ingane okukholaka­la ukuthi ngeyakhe uJunior.

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a sekuneziny­anga begcinile ukufaka izithombe eziqhakamb­isa uthando lwabo.

ULihle B naye kuthiwa usanda kubhala enkundleni yokuxhuman­a ukuthi “Umhlaba ubuyele kubanikazi”. Kuzokhumbu­leka ukuthi ngonyaka odlule uNtando wafaka izithombe zendandath­o, lapho khona le nsizwa imcela umshado.

Yize bengasazif­aki izithombe zabo ezinkundle­ni zokuxhuman­a kodwa lezo ezindala abakaze bazikhiphe, nokushiya inhlansi yethemba lokuba bangase babuyelane.

Leli phephandab­a lizame kaningi ukuthola uNtando noJunior ukuba baphawule kodwa lehluleka lancama.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNTANDO Duma noJunior De Rocker okunezinso­lo eziqinile zokuthi behlukene.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNTANDO Duma noJunior De Rocker okunezinso­lo eziqinile zokuthi behlukene.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa