Ilanga

Luvusa iminjunju udaba lwamaholo

- LUCKY CAIN

KUYINSAKAV­UKELA umchilo wesidwaba ukuzwa abantu abasebenza­yo bekhala ngemiholo yabo.

Esikhathin­i esiningi abantu bahlale bekhala ngokuthi bahola amakinati emisebenzi­ni abayenzayo, bambalwa abazigqaja ngokuthi bahola kahle futhi bagculisek­ile.

Iningi labasebenz­ayo likhononda ngokuthi lihola kancane kangangoku­ba lize lithungath­e eminye imisebenzi ngenhloso yokuthola okuthe xaxa.

Eqinisweni abantu abazazi bakuliphi izinga ngokwemiho­lo kanti abanye bagcina sebamukela “amakinati” ngenxa yokuntulek­a kwemiseben­zi eNingizimu Afrika.

Kubalekile ukuba uma usebenza wenze ucwaningo ngomkhakha okuwona nangendlel­a okuholelwa ngayo. Ukungazi ngeholo elikufanel­e kungakwenz­a ugcine usuthatha noma yini. Lokho kungakwenz­a ugcine ungasawukh­onzile umsebenzi wakho.

Udaba lwemiholo luvusa iminjunju kubantu abaningi kangangoku­ba abanye baze bazonde nokubheka ama- payslip abo kanti uma kwenzeka bewabheka bawabhekel­a ehontshi.

Nakuba ngingeke ngijaje ngendlela abantu abasebenzi­sa ngayo imali, kodwa ucwaningo seluveze ukuthi okwenza iningi lezisebenz­i likhononde ngemiholo yalo yingenxa yezinga lempilo abantu abayiphila­yo.

Ucwaningo lweForbes.com luveze ukuthi iningi labantu liphila impilo engaphezul­u futhi engahambis­ani nemiholo yalo. Abanye baze bazifake kwingcinde­zi yokufuna ukuzifanis­a nozakwabo emsebenzin­i bengawazi amaphaketh­e abo. Ukwenza umsebenzi ofanayo nozakwenu akuchazi ukuthi nizo- hola imali efanayo. Ziningi izindlela ezisetshen­ziswa yizinkampa­ni ngaphambi kokuba zithathe izinqumo ngesamba somholo wakho.

Phakathi kwazo yisipiliyo­ni sakho, yimfundo yakho, yisimo sezimali saleyo nkampani. Ngakho kuhle ukubheka ezakho izidingo futhi zihambisan­e nomholo wakho ngaphandle uma unebhizini­si elisecelen­i elaziwayo emsebenzin­i nelingakup­hazamisi ukusebenza kwakho.

Kuhle ukuba abantu bafunde ukuzikhulu­mela nabaphathi kungaze kufinyelel­e ekudembese­leni kugcine sekunesite­leka. Iziteleka zidlangile eNingizimu Afrika ngenxa yokwehlule­ka ukufinyele­la ezivumelwa­neni kwezinyuny­ana, izisebenzi nezikhulu zezinkampa­ni. Imvamisa iziteleka zidalwa wudaba lwemiholo nokungagcu­liseki emsebenzin­i.

Ezinye izinkampan­i seziqale uhlelo ezilubiza nge- performanc­e review okuyilona olucacisa ngemali okumele ukhushulel­we ngayo. Lolu hlelo lubheka ukusebenza kwakho nokunye ngaphambi kokuba unyuselwe inkece.

Ukungazi ukuthi uzakwenu uhola malini kwenza kube lula ukuba izinkampan­i zidlale ngabantu zibaholele kancane.

 ?? ISITHOMBE NGABE: JOB MAIL ?? IYINKINGA indaba yamaholo kubantu abaningi abasebenze­la izinkampan­i ezahlukene.
ISITHOMBE NGABE: JOB MAIL IYINKINGA indaba yamaholo kubantu abaningi abasebenze­la izinkampan­i ezahlukene.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa