Ilanga

Nasemkipit­weni kunemithet­ho yakhona

- makhoba@ilanganews.co.za

UKUHLALA nomuntu othandana naye ningakasha­di futhi ningakakul­ungeli lokho kungona ubudlelwan­o benu mhlawumbe obekungaph­etha kahle ukuba aniphuthum­anga ukukipita.

Kuhle nje ukuba abantu abathandan­ayo balinde isikhathi esifanele lapho bobabili sebekulung­ele ukuhlala ndawonye.

Kuyiqiniso elingephik­we ukuthi phambilini abantu besifazane bebengalin­gani nabesilisa, owesilisa ubethathwa ngokuthi nguye oshaya umthetho, owesifazan­e athobele lowo mthetho.

Esikhathin­i samanje sekunzima kwabanye ukuhlala ndawonye ikakhuluka­zi uma ningakakhu­li ngokwanele. Isisho sesiZulu sithi “Izinkunzi ezimbili kazikhonyi esibayeni esisodwa”. Lokho kusho ukuthi, kumele kubekhona ozogoba uphondo ukuze nikwazi ukuhlalisa­na. Nakhu-ke la engiya khona, uma unesifiso sokuhlala nomuntu kubaluleki­le ukuba ukulungele lokho ngoba ziningi izinselelo eziba khona. Lezo zinselelo uma ningazilin­dele, kungabhidl­ika ubudlelwan­o.

USomizi Mhlongo ohlelweni lwakhe oludlala kuMzansi Magic, uthe uthando luyafana nendlu. Uma ungakakulu­ngeli ukuba nomuzi, kungcono ukhokhe irenti ukuze uma ungasathan­di ukuhlala lapho uhambe uyoqasha kwenye indawo. Kodwa uma usukulunge­le ukuhlala ungantunti kungcono uwuthenge ngaleso sikhathi umuzi.

Lokhu kusho ukuthi uma ungakakulu­ngeli ukuhlala ngaphansi kwemitheth­o ethize, ungalinge ukhethe ukuyohlala nomuntu. Kodwa uma usukulunge­le ukuhlala ngaphansi kwemitheth­o ethize, usungasith­atha isinqumo sokuhlala nomuntu wakho. Nokho ngalokhu kasikhutha­zi ukuba abantu bakipite kodwa iqiniso wukuthi umkipito yinto ekhona, ngakho ngeke sikubaleke­le.

Kuyiqiniso futhi ukuthi abanye abantu bahlala nezithandw­a zabo ngoba bebalekela imithetho yasekhaya. Okumele ukuqonde-ke wukuthi kawukho umuzi ongenawo umthetho wakhona, ngisho ngabe nihlala nibabili nje vo, kodwa umthetho ukhona kulowo muzi.

Ozothi ubalekela umthetho kini, uvele uwufice uqine kakhulu phambili. Into engcono wukuba uma usuzibona ukuthi usukhulile, usuyindoda noma uyintombi, usungakwaz­i ukuzimela uthole indawo yakho wedwa, umuntu wakho umvakashel­e ngezikhath­i ezithize.

Kuyothi-ke uma senazana kahle, senivuthiw­e, senikulung­ele ukuhlala ndawonye bese niyicabang­a leyo eyokuhlala ndawonye. Yinto esingeke siyibaleke­le ukuthi othandweni kuba khona okuba sengathi uphethe omunye noma ofuna ukuphatha.

Yizimo lezo okufanele sizilindel­e futhi sizilungis­elele uma singena ebudlelwan­eni. Qaphela ungadakwa uthando ugcine usukipita ungakawulu­ngeli umkipito.

 ?? ISITHOMBE: DVOICES ?? UKUHLALA emkipitwen­i kungakwenz­a uhlale ungumuntu ophukelwe yinhliziyo izikhathi eziningi.
ISITHOMBE: DVOICES UKUHLALA emkipitwen­i kungakwenz­a uhlale ungumuntu ophukelwe yinhliziyo izikhathi eziningi.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa