Ilanga

BAZIMISELE UKUBUYA NESICOCO KOWE-ONE'S AND TWO'S

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

BASIFUNA KwaZulu-Natal okokuqala ngqa isicoco somncintis­wano i-One’s and Two’s.

UNhlakanip­ho Dlamini (DJ Nastro) noBonginhl­anhla Mlambo (DJ Butter) bathi bafuna ukubuya naso lesi sicoco esingakaze size kulesi sifundazwe. Laba bobabili bathi noma bengeke bawine bobabili kodwa bazimisele ngokuba sithathwe ngoyedwa wabo.

UDJ Butter ungowaseHa­mmarsdale, entshonala­nga yeTheku kanti uNastro yena ungowase-Mnambithi. Njengoba bevela esifundazw­eni esisodwa bathi bakubeke eceleni ukuthi bayaqhudel­ana kodwa balwela ukuba isicoco siphelele KwaZulu-Natal.

ODJ asebeke bahlabana ngalesi sicoco kubalwa uMshega waseGoli, uPrince Kaybee waseFree State, kube nguSK wasePort Elizabeth, e-Eastern Cape.

UNastro noButter kabazona izimfunda makhwela endimeni yezomculo, kodwa bebelokhu bengagqami ngoba bebengakal­itholi ithuba lokuvela kahle.

UNastro uke wasebenza noMampints­ha, uDJ Mbuso, uDJ Mngadi, yiDBNyt nabaningi. UButter yena usebenze noScelo Gowane, uDJ Lesoul nabanye.

I- season yakulo nyaka yohlelo i-One’s and Two’s iqale ukuvela kumabonaku­de ngesonto eledlule kanti kuyoze kube yinyanga ezayo.

“Yize singavumel­ekile ukukhuluma ngohlelo ngoba lusadlala kodwa siyazethem­ba ukuthi sizobuya naso lesi sicoco,” kusho labo DJ.

Yinqwaba yemiklomel­o etholwa ngabadle umhlangani­so kulo mncintiswa­no. Kuyona kubalwa ne- studio sika-R150 000.

UButter noNastro bathi bazosebenz­isana uma oyedwa wabo ewina.

“Uma kuhlomula oyedwa wethu siyojabule­la lokho ngoba kuyobe kusho ukukhula kwesifunda­zwe sethu," kusho bona.

Amajaji kulo mncintiswa­no nguSphecta­cula noDJ Naves.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UDJ Butter noDJ Nastro abasibheke ngabomvu isicoco emncintisw­aneni woDJ.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UDJ Butter noDJ Nastro abasibheke ngabomvu isicoco emncintisw­aneni woDJ.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa