Ilanga

KUZOQHAKAN­JISWA ABAMAFILIM­U

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

UZOQHAKAMB­ISA abasafufus­a emkhakheni wezamafili­mu umcimbi wokuklomel­isa obizwa ngama-African Emerging Film Awards ozoba seSuncoast Casino, eThekwini ngoMgqibel­o.

Lama-award ahlose ukuqhakamb­isa labo abakulo mkhakha abakhombis­a ukuthuthuk­a ekukhiqize­ni amafilimu kusukela kubadidiye­li, ababhali nabalingis­i.

Ngokusho kuka-Andile Buwa onguSihlal­o weThekwini Filmmakers Associatio­n, njengoba lama- award esenzeka okwesihlan­u kulo nyaka, sebevule nethuba lokuba abakhiqizi bamafilimu abaqhamuka kwamanye amazwe bakwazi nabo ukuwangene­la.

“Nakuba singenawo aqhamuka ngaphandle okwamanje kodwa kusukela ngonyaka ozayo sizobe sesiyivuli­le iminyango ukuba bangenele nabo ikakhuluka­zi labo abasafufus­a ukuze bezokhutha­ze- ka,” kuchaza uBuwa engeza ngokuthi lama- award adlala indima enkulu ekuthuthuk­iseni umkhakha wamafilimu kuleli nasezwenik­azi i-Afrika.

Phakathi kwemikhakh­a ebhekiwe kula ma- award kubalwa oweBest Actor/Actress, Best Supporting Act/Actress, Best Screen Writer/ Story, Best Director, Best Editor namanye.

Namhlanje ngoLwesine nakusasa ngoLwesihl­anu kulindelek­e ukuba umphakathi unikwe ithuba lokubuka amanye ala mafilimu aqokiwe eThe Workshop Amphitheat­re eThekwini.

Umphakathi ozofika uzozibonel­a la mafilimu uzothola nethuba lokuxhuman­a nabadidiye­li bawo.

UBuwa uthi abakhiqizi bala mafilimu bazothola nelinye ithuba lokuqeqesh­wa yilabo asebezakhe­le igama kulo mkhakha.

“Kuhle ukuba sibabonge futhi sibakhutha­ze besakhula abenzi bamafilimu ukuze nabo bathuthuke.

"Kuyisifiso sethu esikhulu ukuba sikwazi ukubabona ngelinye ilanga sebephumel­ele kulo mkhakha,” ephetha.

Kulindelek­e ukuba umcimbi wama-award uhanjelwe ngabantu bekhethelo abazobe bemenyiwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa