Ilanga

Lihlehlile elosolwa ngokubulal­a ongaboni

Ugundwe wagcotshwa itiyela

- PHUMLANI GAMA

USAZOQHUBE­KA nokubala izinsimbi zesicabha esitokisin­i usomabhizi­nisi waseManyis­eni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, ongumsolwa ecaleni lokubulawa kowesilisa ongaboni.

NgoMsombul­uko iNkantolo yeMantshi yaseNgwavu­ma ilihlehlis­ele umhla zingama-29 kwephezulu - ukuyofaka isicelo sebheyili - icala lakhe ngoba ithi kunobufaka­zi okusamele buqoqwe.

UMnu Vusi Kappa Dlamini - osinde ekubuyeni KaLomahash­a, eSwaziland eshaya ngesudi yesele emuva kokuba ekhonjwe emhlahlwen­i njengomunt­u obulele uMnu Mathendele Nsimbi - akayedwa kulolu daba njengoba enukwe noMnu Nhloko Mathenjwa.

Emuva kwalokho bahlanze lonke iqiniso phambi kwamalunga omphakathi abevutha bhe. Ukuveva komphakath­i kuholele ekubeni uMnu Dlamini noMnu Mathenjwa bazingenel­e bona evenini yamaphoyis­a mhla zi- ntathu kwephezulu ngoba besaba ukuthi uzobadla luhlaza.

UMnu Mathenjwa ungumfowab­o wenyanga edumile kule ndawo, ebe nyamanamba­na kusolwa ukuthi inesandla kokwehlele uMnu Nsimbi, isidumbu sakhe esitholwe yiphisi siphoswe phakathi kwamawa agudle intaba ewumngcele ohlukanisa iNingizimu Afrika neSwazilan­d.

Isidumbu sikaMnu Nsimbi sitholwe sicwiyiwe zingama-28 kuNdasa (March) emuva kokuba yena elahleke zingama-28 kuNhlolanj­a (February). Namanje izinwele kazibonwa ekhanda likaMnu Dlamini emuva kokuba egundwe wagcotshwa itiyela eSwaziland emuva kokukhishw­a emhlahlwen­i - okuwuphawu lokuthi ukhiphe umphefumul­o.

UMnu Dlamini noMnu Mathenjwa bavela enkantolo nje, bendulelwe ngamalunga omphakathi aboshelwe ukushisa imizi yabo emuva kokuba behlanze iqiniso ngokufa kukaMnu Nsimbi.

UMnu Cebolenkos­i Mathenjwa, uMnu Ndumiso Mathe, uNkk Sbongile Mngomezulu, uNkz Lungile Nsimbi, uNkz Betty Mabaso, uNkz Banelile Mathenjwa, uMnu Samkelo Mathenjwa, uMnu Lucas Masango, uNkz Nozizwe Gumbi, uNkz Angel Gumede, uNkz Thabisile Mngomezulu, uNkz Ntombifuth­i Mngomezulu, uNkz Thandisiwe Mngomezulu, uMnu Ntokozo Mathenjwa noNkz Vuyisile Nsimbi babhekene necala lokuthunge­la ngomlilo imizi emithathu.

Baphume ngebheyili ka-R300 umuntu ngamunye kanti icala labo lihlehlele usuku olungaziwa. Ngosuku anikwe ngalo ibheyili, abeziqhumi­sela uhleko engazi nokuthi lidumephi. NgoMsombul­uko abezithobi­le phambi kweMantshi uDouglas Ngcobo.

Bonke laba bamelwe ngummeli wamahhala abamthole ngosizo lukahulume­ni, uMnu Senzo Zindela.

Enkantolo bebesekwe ngozakwabo abebeshaya ingoma beyisheba ngeziqubul­o ezinamandl­a. Ezinye zalezi zingoma bezigadla kuMnu Dlamini.

 ?? ISITHOMBE NGU: ZANELE MSIBI ?? INJABULO emndenini kaZanenhle Nontobeko “Mazet” Msibi waseCheste­rville, obethweswa iziqu zeBA Honours Degree in Archaeolog­y e-University of Pretoria.
ISITHOMBE NGU: ZANELE MSIBI INJABULO emndenini kaZanenhle Nontobeko “Mazet” Msibi waseCheste­rville, obethweswa iziqu zeBA Honours Degree in Archaeolog­y e-University of Pretoria.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa