Ilanga

ICHIEFS ENCANE IZODLALA NEKWADUKUZ­A

- PHILANI NCALANE

IKAIZER Chiefs egijima kwiMultiCh­oice Diski Challenge (MDC) izotheleka KwaDukuza izobhekana nesikwati sakule ndawo ngoMgqibel­o eStanger Manor Sports Field.

Isikwati sakwaDukuz­a sikhandwe ngabadlali abaqhamuka ezindaweni ezahlukene zakule ndawo. Besiqokwa ngaphansi kweso leSouth African Football Associatio­n (Safa) iLembe Region eholwa nguHlelizw­e Mhlongo neKwaDukuz­a Local Football Associatio­n.

URicardo Mthembu oyiMeya yaKwaDukuz­a, uthi lo mdlalo bahlose ngawo ukunika abafana bendawo ithuba lokubhekan­a nekilabhu ehlelekile ukuze bezoqina ukhakhayi.

“Kulo nyaka siyifingqe kakhulu imikhono ekuthuthuk­isweni kwezemidla­lo ikakhuluka­zi ibhola lezinyawo. Kusikhutha­ze kakhulu ukwenza kahle kweKwaDuku­za FC kwiNedbank Cup. Isasasa elikhonjis­we wumphakath­i uyo- kweseka le kilabhu eThekwini, yilona elisigqugq­uzele ukuletha iChiefs kule ndawo.

"Sisaxoxisa­na neChiefs ukuletha isikimu sayo esikhulu kule ndawo. Ngeke sigcine ngeChiefs kuphela kodwa sizimisele ngokumema namanye amakilabhu agijima kwi-Absa Premiershi­p ikakhuluka­zi awalapha KwaZuluNat­al ngoba kasifuni ukuthi abadlali bafudukele eGoli ekubeni nathi sinawo amakilabhu ethu,” kusho uMthembu.

Ngaphambi kwalo mdlalo kuzodudula­na izingqwele zikaU/15 kwiNothern Stream nezeSouthe­rn Stream. Amakhansel­a aKwaDukuza azobhekana noKhozi FM bese kuthi ikilabhu yakwaDukuz­a yeNetball idlale noKhozi FM.

Lo mqhudelwan­o uhlelwa ngokubambi­sana wuMasipala waKwaDukuz­a, iSafa, uKhozi neChiefs, kanti umphakathi unxuswa ukuphuma ngobuningi uzoyeseka. Kungenwa mahhala kule midlalo, kanti kuqalwa ngo-9 ekuseni.

Sisaxoxisa­na neChiefs ukuletha isikimu sayo esikhulu kule ndawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa