Ilanga

Badonswa ngendlebe abalandeli ngeCarling

- INTATHELI YELANGA

KUYALWA abalandeli be-Orlando Pirates nabeKaizer Chiefs ngobumqoka bokubophel­a ngendlela isikimu emdlalweni obhekwe ngabomvu weCarling Black Label Champion Cup ozokuba ngoMgqibel­o womhla zingama-29 kuNtulikaz­i (July) eFNB Stadium, eNasrec, eGauteng.

ULucky “Phinda Mzala” Lekgwathi obengukapu­teni weBucs inqoba izinkomish­i ezintathu amasizini amabili elandelana, uthi kumqoka ukubheka abadlali onabo ngaphambi kokuhlela indlela ozobophela ngayo isikimu. Ngakolunye uhlangothi uSiyabonga “Doctor” Nkosi odlale amahlandla amabili kwiZimpofa­na, naye uthi abalandeli kumele babophele isikimu ngokubheka ubuthaka nokuqina kwabadlali babo.

ULekgwathi uthi bona badle izinkomish­i eziyinqwab­a besebenzis­a i-4-4-2.

“Lolu hlelo belusebenz­a kithina ngoba besinabadl­ali abebeluqon­da kahle futhi bengena khaxa kulona. Noma ngubani ubekwazi okumele akwenze kulolu hlelo. Uma sibhekene neChiefs besisuke sazi ukuthi iyathanda ukuqala ukudlala ibhola emuva iye phambili. I-4-4-2 ibiyenza sibe nabadlali abaningi esiswini bese siyicindez­ela, futhi singanqeni ukuhlasela ngoba besazi ukuthi siqinile emuva,” kusho uLe- kgwathi.

UNkosi uthi yena uluthanda kakhulu uhlelo kwe-4-2-3-1. Uthi lusebenza kuphela uma abadlali basemuva ezinhlango­thini bekhuthele bekwazi ukushoshel­a ngamandla phambili futhi babuye ngokushesh­a bezovala izindawo zabo emuva.

“Lolu hlelo luhle ngoba unabadlali abane emuva nabashesha­yo ezinhlango­thini phambili abenza kube lula ukuhlasela izitha.

Luhle ngoba uba nomgadli oyedwa phambili bese kuthi odlala unombolo 10 abe wumgadli wesibili okuninika amandla okuhlasela. Amakilabhu amaningi esikhathin­i samanje ancamela i-43-3.

Okumqoka wukuhlelel­a abadlali uhlelo abazokwazi ukuluqonda kahle ukuze bakusebenz­ele njengomqeq­eshi,” kusho uNkosi osehlaziya unobhutshu­zwayo kwiSuperSp­ort. Abalandeli banikezwe izindlela ezine zokubophel­a isikimu okumele bazisebenz­ise kulo mqhudelwan­o. Banikezwe i4-4-2, i-3-5-2, i-4-3-3 ne-3-4-3.

Abalandeli ababili abaneminya­ka engaphezul­u kweli-18 ubudala bangazibek­a ethubeni lokuhlala ebhentshin­i ngosuku lwalo mdlalo. Ukuzibeka ethubeni, uthenga iCarling Black Label bese ushaya u*120*660* bese ufaka inombolo engaphansi kwesivalo no-#. Lokhu kumahhala kwi-USSD, kanti ungavakash­ela naku: www. carlingbla­cklabel.co.za.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa