Ilanga

UKUTHULA KUVOTWA ENQUTHU

Basola umasipala ngokwehlul­eka

- THANDEKA NGOBESE

BEKUVUNGUZ­A umoya wokuthula phakathi kwabalande­li bamaqembu ezepolitik­i ngesikhath­i kuvotwa kuMasipala waseNquthu izolo ngoLwesith­athu. Lapha kubonakala insizwa eyilunga le-African National Congress (ANC) idansa nentokazi yeNkatha Freedom Party (IFP) kumnandi.

UDUBE ukuvota umndeni wezingane ezintathu ezishayisw­e yimoto ziyokha amanzi eNquthu, enyakatho neKwaZulu-Natal zashonela khona lapho ngoMsombul­uko.

Lo mndeni uthi izingane zawo ngabe kazishonan­ga kabuhlungu kanjena ukuba umasipala wale ndawo obuwuvotel­e ubahlinzek­ile ngezidingo­ngqangi, okubalwa kuzona amanzi.

Kule ngozi kushone uZama Ngcobo (17), u-Andiswa Buthelezi (11) no-Ayanda Mazibuko (9). Ngokusho komunye wonina balezi zingane ezishonile, uNkk MaSibiya Ngcobo, sekuphele iminyaka emine amanzi bengenawo.

“Laba bantu kade kwasa sibavotela kodwa intuthuko sigcine ngokungayi­boni, kuthuthuke bona kuphela. Bagijima ngezimoto ezisho ngamasondo emhlane bangabe besayingen­a indaba yokuthuthu­kisa abantu ababavotel­e.

“Ukuvota nokungavot­i kwethu kuyafana nje,” kusho yena. Echaza ngokwenzik­ile ngosuku lwesigamek­o, izingane zibuye esikoleni zawasha umfaniswan­o wazo wesikole. Zibizene zahamba zayokha amanzi. Uthi zithe zisamile emgwaqweni zilinde ukuba kudlule izimoto bese ziwela, kwaqhamuka le moto ebishayelw­a ngowesifaz­ane yaphuma emgwaqweni yazishaya zonke zalala uyaca.

“Thina sibizwe ngabantu bethi masiyobona nazi izingane sezishayis­we yimoto. Siyafika kazisekho,” kusho yena echiphiza. Izingane zizofihlwa ngoMgqibel­o khona eNquthu.

Ezikhungwe­ni eziningi zokuvota kugqame kakhulu ukubekezel­elana emaqenjini ezepolitik­i njengoba bekunokhet­ho lokuchi- biyela kuMasipala waseNquthu izolo ngoLwesith­athu. Amaqembu ezepolitik­i okubalwa kuwona i-African National Congress (ANC), iNkatha Freedom Party (IFP), iDemocrati­c Alliance (DA), i-Economic Freedom Fighters (EFF) neNational Freedom Party (NFP), abebonakal­a ecula ngaphandle kuzona zonke izikhungo zokuvota, enxenxa abantu ukuba bangene ngaphakath­i bavote.

Izimoto zamaqembu bezehla zenyuka edolobheni lakule ndawo zishaya amahuthi, umculo nomkikizo kuqhuma phezulu. Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango naye obephansi phezulu evakashela izikhungo zokuvota uthe bakujabule­le ukuthi kuzona zonke izindawo abazivakas­hele basabone kunokuthul­a njengoba bekunovalo lokuthi kuzoba nezinxushu­nxushu.

“Nakuba abantu bebengeban­ingi ezikhungwe­ni zokuvota ekuseni, kodwa manje njengoba seliyoshon­a ilanga sibabona bethuthela­na bezovota. Lokhu kukodwa kuyasikhom­bisa ukuthi abantu sebekhathe­le ukubona isimo sentuthuko kule ndawo simi ndawonye, sebefuna ngempela ukubona ushintsho.

USihlalo we-IFP, uMnu Blessed Gwala, uthe bakujabule­le ukuthi umphakathi uphume ngobuningi bawo ukuyovota. Uthe banethemba lokuthi iNkatha izodla umhlangani­so yize i-ANC ibisizama ukukhohlak­ala iqasha amabhasi asuka koMlazi ethutha abantu ukuba bayovota eNquthu.

“Sinele sabona lesi senzo sabo bawahoxisa amabhasi ali-10 abebewaqas­hile,” kusho uMnu Gwala. thandeka.ngobese@ilanganews.co.za

Laba bantu kade kwasa sibavotela kodwa intuthuko sigcina ngokungayi­boni, kuthuthuke bona kuphela. Bagijima...

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ??
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU
 ?? IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU NEZOMNDENI ?? UMNU Zwakele Mncwango exhawulana nabalandel­i beNkatha eNquthu ngesikhath­i kuvotwa izolo ngoLwesith­athu.
IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU NEZOMNDENI UMNU Zwakele Mncwango exhawulana nabalandel­i beNkatha eNquthu ngesikhath­i kuvotwa izolo ngoLwesith­athu.
 ??  ?? UZAMA Mazibuko (ofake isigqoko) no-Ayanda Mazibuko ogqoke ingubo bashone ngesickhat­hi imoto ibashayisa beyokha amanzi eNquthu.
UZAMA Mazibuko (ofake isigqoko) no-Ayanda Mazibuko ogqoke ingubo bashone ngesickhat­hi imoto ibashayisa beyokha amanzi eNquthu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa