Ilanga

Ngikhanyis­eleni bo ngamabandl­a osindiso

- Yisemkhulu Nzimande

MHLELI: Emasontwen­i adlule, ngigcine ngibuzile kwelakho ngamabandl­a osindiso. Umbuzo wami ubusekuthe­ni avelaphi amabandla osindiso njengoba egcwele umhlaba wonke.

Lokho ngikubuzis­wa wukuthi ngesikhath­i abahlwanye­li bokuqala bevangeli, amamishina­ri, befika kobaba mkhulu babafica benenkolo yabo yomdabu. Inkolo yomdabu incike emadlozini noma kobabamkhu­lu.

Sihlabela abangasekh­o, sikhulume nabo ngempepho futhi sigaya utshwala besintu senze nemikhuba yethu. Kuhambe kwahamba kwafika amamishina­ri, asifica sikhonza uNkulunkul­u ngendlela yethu yomdabu, simbiza ngoMvelinq­angi, ngokuthi nguyena owavela kuqala.

Bekuthi uma kubhilite isomiso sinyukele entabeni siyokhulek­a, emuva kwalokho imvula kuyoba yisiwoklo. Laba bahlwanyel­i njalo engikhulum­a ngabo: AmaRoma aKhatholik­a, amaLuthela, amaSheshi, amaDashi namaWeseli. Bona basilethel­a ivangeli nemfundo yasentshon­alanga.

Yize thina bantu base-Afrika sivele sinayo imfundo yethu yomdabu, okuphawule­ka ngabahlwan­yeli wukuthi kabazange bacwase inkolo yethu, amasiko ethu ngokunjalo nemikhuba yethu.

Inkinga yami iqale emabandlen­i osi- ndiso enginemibu­zo ngawo, avelaphi wona ngoba kawafikang­a ngesikhath­i sabahlwany­eli? Yini eholele ekubeni kuthi kunevangel­i alifice likhona wona alethe elinye? Ngabe leli vangeli labahlwany­eli bokuqala belishoda ngokuthile?

Uma belishoda ngokuthile, kanjani? Abosindiso bona bakuthatha­phi ukuthi okuficiwe bakuguqule?

Buka ngoba isikhathi esiningi abosindiso bagxile esivumelwe­ni [Testament] esisha kunesidala. Wona la mabandla osindiso ngabe abikwa endlunkulu?

Lokho ngikusho ngoba abahlwanye­li bahamba bayozethul­a esilweni esasibusa ngaleyo minyaka. Ngisho noMqaliwen­dlela (uMprofethi Isaiah Shembe) ibandla lamaNazare­tha walethula eNdlunkulu kaZulu.

Ngicela ozongikhan­yisela ngamabandl­a osondiso. Buka amabandla osindiso imikhuba ayigilayo kamuva, aphuzisa abantu ophethilol­i, kudliwa utshani, kudliwa izinyoka, kufuthwana ngeDoom njalo njalo.

Zonke lezi zimanga zenziwa egameni losindiso. Ephephanda­beni lomhla zingama-22 kuLwezi (November), kunomfundi ozibize ngoMinenhl­e Hlongwane, obhale isihloko esithi, “Insindiso kaNkulunku­lu ngeyawo wonke umu- ntu”.

Kangiqondi noma uNgwane wayephendu­la mina yini noma wayephendu­la omunye owabhalayo. Mangiqagel­e ukuthi mhlawumbe wayephendu­la mina. Uma-ke uNgwane ethi insindiso kaNkulunku­lu ngeyabo bonke abantu, uthi masingazih­lukanisi noNkulunku­lu ngokubalek­ela insindiso.

Uyaqhubeka weluleka ngokushuma­yeza ngokuthi makuvulwe kuyiphi incwadi. Okufike kungixake wukuthi uyayiphika indaba yosindiso yamabandla. Uthi yinto engekho leyo ngakho masiyeke ukukhuluma izinto esingazazi. Ingani sizwa ngabo abasindisi­we uma sikhuluma nabo, bavele bathi bona basindisiw­e, into ethile akayenzi yena. Ngwane!

Uma kuwukuthi uphendula mina, kangibuzan­ga ukuthi insindiso itholakala kubani, nanokuthi iqondene nobani njengoba uchaza. Uma kuwukuthi uNgwane ubephendul­a mina, cha ubengaphen­duli mina, ubegqwegqw­a phezulu futhi ephendula noma ekhuluma ngokunye, okungaqond­ene nalokhu mina ebengikubu­za futhi namanje ngisakubuz­a, avelaphi amabandla osindiso na? Xola Matiwane uma kuwukuthi ubungaphen­duli mina.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa