Maningi amaphutha encwadini kaNzimande
MHLELI: Ngabona isihloko sencwadi esithi “Amaqhawe nezikhulu zombuso zaKwaZulu” maqede ngaya ngeshodi kule ncwadi ebhalwe nguMnu Themba Nzimande. Ngithole ukuthi okuphakathi kakuyi nakuya esihlokweni sencwadi.
Uthola izangoma, izinyanga, osomlando namakhosi amakhulu ayevese enemibuso yawo ezimele ngaphambi kokuba ahlanganiswe yiSilo saKwaDukuza, uShaka. Ngangithi uMphephethwa ubhale ngamaqhawe esizwe saKwaZulu sesizimele nezimpi ayehlabane kuzona eSandlwana, KwaMagidela, eNyezane, eGingindlovu KwaMthashana, eMsebe naseTshaneni.
Yena futhi okaMphephethwa wenze amanye amaphushana uma sekuziwa ekulamaniseni amabutho. Ibutho bekuphela iminyaka eyisihlanu kubuthwe elinye. Abazalwe phakathi kwayo le minyaka bantanganye ngokwaKwaZulu. Kakukwazi ukuba iNdabakawombe ingazalwa ngowe-1821, ilanywe wuMdlenevu ngowe-1883, iNgulube ngowe-1824, ngeke.
Ngikwazi kahle ukulamanisa amabutho, ngazi ngisho izibeko [izithakazelo] zawo kodwa kangiyazi iminyaka yokuzalwa kwawo ngoba kwakuwukudlinzwa kontanyana. Khona lapho uMphephethwa uthi uFasimba 1795-98 ngalo nyaka iLembe - iSilo uShaka - libuthe leli butho ngowe-1798.
Ngalo nyaka iLembe lalilincane kakhulu, lingakafiki ngisho nakwaMthethwa, njengoba lifikele khona ekupheleni ngowe-1803. Maningi amabutho uMphephethwa athi abuthwe yiLembe kodwa uma uhlanganisa iminyaka, ubone ukuthi lalilincane liselusa izinkomo zasoYengweni le eMangenge, osekuyindawo yakwaBiyela ngokwemingcele yanamhlanje. UZulu kaNogandayancwane wayephila ngezikhathi zeLembe.
Ngiyamangala ukuthi washona ngowe-1978 njengoba kubhaliwe. UKhuzwayo kaDingiswayo akazange abe yinduna, enye yamadodana asoYengweni ayemancane kukhothama uyise. Emuva kokwesatshiswa yiLembe, nabafowabo babaleka kwaMthethwa, yena wayobhaca esigodlweni saseGodeni eNkosini Siwangu kaMbikwana Mthethwa. Waganwa yintombi yakwaMazibuko eyayizalwa ebukhosini bamaHlubi esazinze eMadlangeni [Utrech], njengoba afudukela e-Eastern Cape.
UkaMazibuko wathanda ukuhamba noninalume, walandela-ke noKhuzwayo. Uzalo lwakhe luse-Eastern Cape. UZimbili kakuyena okaNgcungeye, okaKhayi ungukhokho kaMfu C.J.Mthethwa (ongasekho) oke waba ngungqongqoshe KwaZulu-Natal. Wabekwa yiLembe eLenge lathi makagade amazimu.
UKlwana wakwaButhelezi eMbongolwane, ngokaNgqengelele kwelinye ikhasi ngokaKhoboyela. Ugcine usudideka. Ngokwazi kwami okaKhoboyela uzalwa nguMaMpungose. Abazalwa nguNgqengelele nguMadanda nentombazana uMagqama - sebezalwa ngengeno, engasekho uKhoboyela.
Maningi amaphutha impela encwadini kaMphephethwa. Ngize ngisole ukuthi kwadukiswa ngababemxhafazela (typing) kokunye, ikakhulukazi iminyaka.
Ngibonile ukuthi iNkosi Khukhulela kaMmiso yakwaDlamini, emaKhuzeni, eBulwer uyikhomba eBaqulisini lapho ethi yayiyinceku khona yoMntwana uMkabayi, inkosi yesizwe eyazala iqhawe lempi yamakhanda, iNkosi Miskofini Dlamini, yayingaba yinceku inesizwe sayo esiqhelelene kangaka naseBaqulisini?
INkosi Khukhulela ike yazinza ngasoThukela oDlamini befuduka bevela eSwazini. Behlele eBulwer sekubulewe uyise weNkosi Mmiso, ibulawa yiSilo uDingane. Ngifunde okuningi okusha encwadini kaGwala. Ngifunde okuningi kwenye incwadi yakhe ethi "King Mpande Children-The Blood Royal Princes and Princesses".