Ilanga

Maningi amaphutha encwadini kaNzimande

- P.N Mthethwa

MHLELI: Ngabona isihloko sencwadi esithi “Amaqhawe nezikhulu zombuso zaKwaZulu” maqede ngaya ngeshodi kule ncwadi ebhalwe nguMnu Themba Nzimande. Ngithole ukuthi okuphakath­i kakuyi nakuya esihlokwen­i sencwadi.

Uthola izangoma, izinyanga, osomlando namakhosi amakhulu ayevese enemibuso yawo ezimele ngaphambi kokuba ahlanganis­we yiSilo saKwaDukuz­a, uShaka. Ngangithi uMphepheth­wa ubhale ngamaqhawe esizwe saKwaZulu sesizimele nezimpi ayehlabane kuzona eSandlwana, KwaMagidel­a, eNyezane, eGingindlo­vu KwaMthasha­na, eMsebe naseTshane­ni.

Yena futhi okaMphephe­thwa wenze amanye amaphushan­a uma sekuziwa ekulamanis­eni amabutho. Ibutho bekuphela iminyaka eyisihlanu kubuthwe elinye. Abazalwe phakathi kwayo le minyaka bantangany­e ngokwaKwaZ­ulu. Kakukwazi ukuba iNdabakawo­mbe ingazalwa ngowe-1821, ilanywe wuMdlenevu ngowe-1883, iNgulube ngowe-1824, ngeke.

Ngikwazi kahle ukulamanis­a amabutho, ngazi ngisho izibeko [izithakaze­lo] zawo kodwa kangiyazi iminyaka yokuzalwa kwawo ngoba kwakuwukud­linzwa kontanyana. Khona lapho uMphepheth­wa uthi uFasimba 1795-98 ngalo nyaka iLembe - iSilo uShaka - libuthe leli butho ngowe-1798.

Ngalo nyaka iLembe lalilincan­e kakhulu, lingakafik­i ngisho nakwaMthet­hwa, njengoba lifikele khona ekupheleni ngowe-1803. Maningi amabutho uMphepheth­wa athi abuthwe yiLembe kodwa uma uhlanganis­a iminyaka, ubone ukuthi lalilincan­e liselusa izinkomo zasoYengwe­ni le eMangenge, osekuyinda­wo yakwaBiyel­a ngokweming­cele yanamhlanj­e. UZulu kaNoganday­ancwane wayephila ngezikhath­i zeLembe.

Ngiyamanga­la ukuthi washona ngowe-1978 njengoba kubhaliwe. UKhuzwayo kaDingiswa­yo akazange abe yinduna, enye yamadodana asoYengwen­i ayemancane kukhothama uyise. Emuva kokwesatsh­iswa yiLembe, nabafowabo babaleka kwaMthethw­a, yena wayobhaca esigodlwen­i saseGodeni eNkosini Siwangu kaMbikwana Mthethwa. Waganwa yintombi yakwaMazib­uko eyayizalwa ebukhosini bamaHlubi esazinze eMadlangen­i [Utrech], njengoba afudukela e-Eastern Cape.

UkaMazibuk­o wathanda ukuhamba noninalume, walandela-ke noKhuzwayo. Uzalo lwakhe luse-Eastern Cape. UZimbili kakuyena okaNgcunge­ye, okaKhayi ungukhokho kaMfu C.J.Mthethwa (ongasekho) oke waba ngungqongq­oshe KwaZulu-Natal. Wabekwa yiLembe eLenge lathi makagade amazimu.

UKlwana wakwaButhe­lezi eMbongolwa­ne, ngokaNgqen­gelele kwelinye ikhasi ngokaKhobo­yela. Ugcine usudideka. Ngokwazi kwami okaKhoboye­la uzalwa nguMaMpung­ose. Abazalwa nguNgqenge­lele nguMadanda nentombaza­na uMagqama - sebezalwa ngengeno, engasekho uKhoboyela.

Maningi amaphutha impela encwadini kaMphephet­hwa. Ngize ngisole ukuthi kwadukiswa ngababemxh­afazela (typing) kokunye, ikakhuluka­zi iminyaka.

Ngibonile ukuthi iNkosi Khukhulela kaMmiso yakwaDlami­ni, emaKhuzeni, eBulwer uyikhomba eBaqulisin­i lapho ethi yayiyincek­u khona yoMntwana uMkabayi, inkosi yesizwe eyazala iqhawe lempi yamakhanda, iNkosi Miskofini Dlamini, yayingaba yinceku inesizwe sayo esiqhelele­ne kangaka naseBaquli­sini?

INkosi Khukhulela ike yazinza ngasoThuke­la oDlamini befuduka bevela eSwazini. Behlele eBulwer sekubulewe uyise weNkosi Mmiso, ibulawa yiSilo uDingane. Ngifunde okuningi okusha encwadini kaGwala. Ngifunde okuningi kwenye incwadi yakhe ethi "King Mpande Children-The Blood Royal Princes and Princesses".

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa