Ilanga

I- MEDIA INGAKWAKHA FUTHI INGAQEDA NGAWE

- LWAZI MBUTHO

ISOUTH Africa ingelinye lamazwe azokumanga­za ngenxa yezinto ezenzekayo. Ikakhuluka­zi umabonakud­e, uzokushiya ukhathele ngezinto ozenzayo empilweni yabantu. Uyazi ukuba abantu bayakuqond­a okwenziwa ngumabonak­ude ezimpilwen­i zabo ngabe bayazama ukuba baziqhelel­anise nezinto eziningi ezikhonjis­wa kumabonaku­de.

Lapha ngikhuluma ngohlelo olungundab­a mlonyeni cishe kubona bonke abesifazan­e kuleli. Haibo, phela ngoLwesine olwedlule kukhonjisw­e isiqephu sokuqala sohlelo olubizwa Uthando neS’thembu kuMzansi Magic (161), ngehora lesi-8 ebusuku.

Lolu hlelo impela ludlisele ogageni cishe izinhlelo eziningi kwamanye ama-channel njengoba amehlo abantu abaningi avele athi njo kulo, befuna ukuzibonel­a le mpunyela enguMnu Musa Mseleku enamakhosi­kazi amane futhi ephilwa impilo ephezulu.

Isiqephu sokuqala salolu hlelo sikuveze obala ukuthi kulo muzi kaludliwa olubabayo kodwa kudliwa izambane likapondo.

Impilo ebuthebele­le ebonakala iphila emizini kaMnu Mseleku yiyona eyenze abesifazan­e bahlanya, kwasala khona nje ukuba bacoshe amaphepha. Ngemuva kokukhonji­swa kwalolu hlelo uMnu Mseleku nomndeni wakhe baphenduke osaziwayo nezilomo ngamaminit­hi nje ambalwa. Kuthe uma si- ngena ezinkundle­ni zokuxhuman­a kwacaca ukuthi hhayi cha liyabhubha. Lolu hlelo lujike umqondo yabesifaza­ne abaningi ngemizuzu engamashum­i amabili nesihlanu nje kuphela ( 25 minutes), kakhulu labo abebengaha­mbisani nesithembu. Kuyamangaz­a ukuthi kukhona abantu besifazane abaze bazibika kuMnu Mseleku ngoba nje bebone impilo ebuthebele­le. Ngiyazibuz­a nje ukuthi kodwa kungani kungenziwa izinhlelo ezibhekisw­e ngqo kubantu besilisa ezikhuluma ngalesi sihlava sokubulawa kwabantu besifazane i-South Africa ebhekene naso kulezi zinsuku ngoba kuyacaca ukuthi mkhulu umthelela ezinye izinhlelo zikamabona­kude eziba nawo kubantu. Angisho ukuthi lolu hlelo alunasifun­do futhi lona alubalulek­ile. Yebo sikhona isifundo esitholaka­layo kulo. Kulokhu ngingathan­da ukuphonsa inselelo kubabhali nabahleli bomdlalo Isikizi ukuba bathi ukunciphis­a izithombe zodlame ezinyantis­ayo abaziveza kulo mdlalo.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ISITHOMBE: CITIZEN ?? SIBHEKWE ngabomvu isiqephu sesibili sohlelo lukamabona­kude kuMzansi Magic, uThando neS’thembu. LUZAMAZAMI­SE iNingizimu Afrika udaba lukaMusa Mseleku nesithembu sakhe.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ISITHOMBE: CITIZEN SIBHEKWE ngabomvu isiqephu sesibili sohlelo lukamabona­kude kuMzansi Magic, uThando neS’thembu. LUZAMAZAMI­SE iNingizimu Afrika udaba lukaMusa Mseleku nesithembu sakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa