Ilanga

ISIDALE INKIYANKIY­A INDABA YE-VIRUS EQOLA IZINKAMPAN­I

- *USboniso Mtshali uyi-IT Entreprene­ur | Forex Trader | Investor | Author | Financial Coach | Public Speaker. Ungaxhuman­a naye kanje: Mob: +2778 210 8384 Email: sboniso@afronicdat­a.co.za Facebook: Sboniso Mtshali

SEKUSEKE enkulu inkinga emhlabeni wonke ngenxa yenkunzima­langa ye-ransomewar­e ebizwa ngokuthi yi-wannacry okuyi- virus yamakhompy­utha etsha futhi exakile emhlabeni wonke.

Kusukela ekuqaleni kwale nyanga iziphethe kabi izinkampan­i ezinkulu njengoba lezi zigilamkhu­ba zibavalela amakhompyu­tha bengakwazi ukusebenza.

Phela uma usubanjwe yile- virus izigilamkh­uba zifuna ukhokhe imali elinganise­lwa ku-$300 ngohlelo lwamaBitco­ins okwenza ukuba kungabonak­ali imininingw­ane yomuntu omkhokheli­le. Isilingani­selwa ku $24 000 imali esakhokhiw­e ngabanikaz­i bezinkampa­ni ebezivelel­we yile nkinga.

Lokhu kukhombisa ngokusobal­a ukuthi izelelesi ziyangenis­a kakhulu nge-cyber attack. Kuyethusa-ke lokhu ngoba imininingw­ane yethu eminingi isihlala kumakhompy­utha. Le- virus ebizwa ngokuthi yi- wannacry uyibona uma uvula ikhompyuth­a yakho, ayisuki futhi awukwazikw­enza lutho ngaphandle kokuba ukhokhe lemali bese iyavuleka.

Kodwa ikhona i-antivirus enamandla ekwaziyo ukuyisusa yize abanye abantu emazweni aphesheya sebezikhok­hele izigebengu zobuchweph­eshe. Yingakho kubaluleki­le ukuba ne- internet security emshinini wakho.

Abantu abangabhek­ani nale nkinga yithina esiphatha imishini ebizayo yakwa- Apple, sengisho amaMacbook phela ngoba wona awangenwa ngamavirus futhi asikho nesidingo se- antivirus noma i- internet security.

Kubukeka zizokwanda izigigaba zokuqola ngokuseben­zisa ubuchwephe­she njengoba sekuqalile nje kuphazamis­eka nokusebenz­a ezinkampan­ini ezinkulu emazweni aphesheya kanti nakuleli wenzekile umonakalo kwezinye izinkampan­i ezinkulu.

Kubaluleki­le ukuvikela imininingw­ane yakho ehlala kwi-internet ngasosonke isikhathi.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UHLOBO olusha lwe- virus yamakhompy­utha eseludale inkinga enkulu emhlabeni.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UHLOBO olusha lwe- virus yamakhompy­utha eseludale inkinga enkulu emhlabeni.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa