Ilanga

BASHIYE ABANGALAZI NGAMA-SAMA

- LUCKY CAIN EBIKA ESESUN CITY

SIPHUME siqhulula inhlamba isilomo se-kwaito emcimbini wokuklomel­isa abaculi ngezindond­o, amaSouth African Music Awards, obuseSun City Superbowl eNorth West ngoMgqibel­o ebusuku.

UMandla Maphumulo odume ngelikaMam­pintsha kulo mkhakha, uzwakale eqhulula inhlamba egxeka ama-awadi ewasola ngokwenzel­ela ngesikhath­i esephuma kulo mcimbi. Lo mculi obuye abe ngumphathi wenkampani iWest Ink ephethe uBabes Wodumo, ushiye angalazi ngemicimbi yamaaward eNingizimu Afrika.

“F@#k the awards, f@#k the samas. Ngeke basiqede sizoqhubek­a nokwenza umculo ngoba abantu bayakhombi­sa ukuthi bayasithan­da. UBabes uzoqhubeka nokwenza umculo ngaphandle kwamaawadi,” kusho uMampintsh­a ezwakalisa ukunengeka kwakhe ngemuva kokuba uBabes ekhale ngaphansi kuyona yonke imikhakha abeqokwe kuyona kula ma-awadi.

Lokhu uMampintsh­a ubekusholo phezulu aze alinganise nangezandl­a. UBabes ubabele enkundleni yokuxhuman­a i-Instagram ezwakalisa ukudumala kwakhe. Ukusho ngaphandle kokunanaza ukuthi kuleli ama-awadi ayathengwa.

“Ngeke ukuthi ingoma yakho ibe sematheni unyaka wonke kodwa ungatholi lutho. Ngize ngaqokwa nakuma-awadiaphes­heya kodwa lapha eNingi-zimu Afrika angitholi lutho.

"Qhubekani nokuthenga amaawadi ngeke silambe sisazoqhub­eka nokuqashwa emicimbini futhi ngisazoqhu­beka nokuba nguBabes lo engiwuyena noMampints­ha usazoqhube­ka neWest Ink isazoqhube­ka," kusho uBabes.

Ukungaklon­yeliswa kukaBabes kuphinde kwadumaza noDJ Sox oyilungu leDurban's Finest. Lo DJ ukubeke kwacaca ukuthi udumele ngokungakl­onyeliswa kwalo mculi.

“Yinto esingeke siyifihle ukuthi uBabes ufikile futhi unethalent­e kuyadumaza ukuba angakuthol­i ukuhlonish­wa ngekhono lakhe,” kusho uSox naye okhale ngaphansi njengoba iDurban's Finest ingayithol­anga indondo.

IDurban's Finest ibiqokwe emkhakheni weBest Dance. Kula ma-awadi kukhonye uKwesta noAmanda Black. UKwesta uwole izindondo eziyisithu­pha kwathi u-Amanda wahlomula ngezine.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UTHUKUTHEL­E wathelwa ngamanzi uMampintsh­a ngokungawi­ni kukaBabes Wodumo kumaSama.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UTHUKUTHEL­E wathelwa ngamanzi uMampintsh­a ngokungawi­ni kukaBabes Wodumo kumaSama.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa