Ilanga

UCHAZEKILE OWE-CHIEFS

- MFANAFUTHI NDLOVU

UNEPHUPHO lokubona amakilabhu aKwaZulu-Natal ehamba ibanga elide kwiMTN8 uFarook “Ntshebe” Kadodia ongumnikaz­i weMaritzbu­rg United eqede ihlezi endaweni yesi-7 kwi- log.

Lesi sifundazwe sibe nenhlanhla kule sizini kungena womabili amakilabhu aso kwi- top 8 njengoba neLamontvi­lle Golden Arrows isonge iyibambe endaweni yesi-8. I-Arrows ingene seliyoshon­a iguqi- sa i-Orlando Pirates ngo-2-1 ngoMgqibel­o eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UKadodia uthi kube yizindaba ezimnandi kakhulu ukuqeda kwitop 8, uthi inhliziyo yakhe igezekile.

“Esikhathin­i esiningi amakilabhu aphuma kulesi sifundazwe ahlale ebalwa nalwela ukubalekel­a izembe.

"Nginethemb­a lokuthi kulo mqhudelwan­o azohanga ibanga elide ukukhombis­a ukuthi ibhola lakulesi sifundazwe likhuphuki­le,” kusho lesi sikhulu ezaso ezisonge isizini ngokubamba­na neBloemfon­tein Celtic kuba ngu-11 eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

UGordon Masondo oyisikhulu esiphezulu se-Arrows uzwakalise injabulo ngokubuyis­a izinduku kwiBucs ebakhiphe kwiNedbank Cup ngeledlule. Ubonge abadlali nabaqeqesh­i ngokuseben­za kanzima.

UClinton Larsen ocija i-Arrows uthi kuningi okuhle okusazokwe­nzeka uma abadlali bakhe beqhubeka nokudlala ngokuzikha­ndla. Uncome kakhulu uKnox Mutizwa abamboleke kwiBidvest Wits oshayele Abafana Bes’thende igoli lokunqoba njengoba elokuqala lishaywe nguLerato Lamola.

Inkundla ibivulwe nguThamsan­qa Gabuza.

Uzwakalise enkulu injabulo ngokungena kwiMTN8 anethemba lokuthi izoqinisa ukhakhayi abadlali bakhe kwazise iningi labo lisathuka isisinga.

I-Arrows seyake yayinqoba iMTN8 ngesikhath­i isacijwa nguManqoba “TV” Mngqithi ngowezi-2009 ilobola kowamanqam­u i-Ajax Cape Town ngo-6-0.

Isiyonke imiphumela yayizolo imi kanje: Chiefs 1, Wits 0; Ajax 0, Baroka 1; SuperSport 0, Platinum 1; Arrows 2, Pirates 1; Free State Stars 0, Chippa 0; Maritzburg Utd 1, Celtic 1; Polokwane 4, Cape Town City 2; Highlands 2, Sundowns 2.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa