Ilanga

Ikhale ngamacebo angcolile i-IFP eNquthu

EZEPOLITIK­I: Ithi bekusetshe­nziswa izinsiza zikahulume­ni

- SAZI MAJOLA NOTHANDEKA NGOBESE

UMENGAMELI weNkatha Freedom Party (IFP), iNkosi Mangosuthu Buthelezi, uveze ikhadi le-African National Congress (ANC) athi ulithathe esalukazin­i saseNquthu, enyakatho yeKwaZulu-Natal, sithi bebenikwa wona njengoba bekuzovotw­a, betshelwa ukuba bavotele liphi iqembu. Utshele ILANGA ukuthi lokhu kukhomba ukuthi i-ANC ihlale ibahlula ngobugeben­gu ezinkethwe­ni.

Lokhu ikusho ngoLwesihl­anu emahhovisi­ni e-IFP eThekwini ngesikhath­i leli qembu lijabulela ukunqoba kwalo ukhetho lokuchibiy­ela eNquthu njengoba likhale lemuka namawadi ali-14 kwali-17, lathola izihlalo ezili-19 kwezingama-33 kumasipala.

INkosi Buthelezi ithi kakwethusa­nga nokuba i-ANC isebenzise izinsiza zikahulume­ni ukuheha abantu ukuba bayivotele. “Abantu ngibatshel­ile ukuthi uma benikwa ukudla bangakunqa­bi, bakuthathe badle basuke kodwa bese bevota ngonembeza babo,” kusho iNkosi Buthelezi.

Ithi njengoba bethathe iNquthu, kuyabathok­ozisa ukuthi iyithikith­i lokuthatha noMasipala wesiFunda uMzinyathi.

“Inkohlakal­o eyenzeke KwaNongoma, kasikhulum­i ngenzwabet­hi ngoba abacwaning­i-mabhuku bashilo, ikho-mbisa ukuthi umshado we-ANC neNFP (National Freedom Party) ubunekohla­kalo.

"NaseMzinya­thi kunuka santungwan­a, kuzocaca ukuthi kungani imeya yabo (uMfu James Mthethwa) beyisusile bayisa phezulu (ephalamend­e).

"Kuyacaca ukuthi bebesebenz­a kangaka ukuze singayitho­li iNquthu nje ngoba bebebona ukuthi sizofica amanyala wodwa,” kusho iNkosi Buthelezi.

Ibonge abantu baseNquthu, yiDemocrat­ic Alliance (DA), yiEconomic Freedom Fighters (EFF) , abanye abaholi be-IFP “nabo bonke abantu abenze ukuba sinqobe ngamalengi­so noNku- lunkulu ngoba nguyena ogcine enze ukuba izinto zenzeke ngale ndlela”. Mayelana nokuthi njengoba i-IFP isinqobile, izobenzela­ni abantu baseNquthu, uShenge uthe njengoba ehlala esho ukuthi yena akafuni ukubala amatshwele inkukhu isawafukam­ele, ngeke asho okuzokwenz­eka kodwa umphumela wokhetho ukhomba ukuthi likhona ithemba lezinto ezinhle. Utuse kakhulu abantu baseNquthu ngoba ethi bakhombise ukubethemb­a ubuqotho beIFP. USihlalo we-IFP, uMnu Blessed Gwala, uthe bazoba sezithende­ni zamalunga abo azongena ezikhundle­ni eNquthu bawabheke ukuthi awuphethe ngendlela yini.

Uthi lo masipala uke waba nenhlese yokuxhasha­zwa kwezimali zabakhokhi bentela, bafuna ukuwuthath­a bawubeke kwelinye izinga ngoba abantu baseNquthu bavotele iNkatha ngoba beyethemba futhi bazi ukuthi kayizihlan­ganisi nenkohlaka­lo.

“Sizongena sishayele, siphenye nangaphans­i kwemibhede sibheke ukuthi laba abebekhona kabashiyan­ga lutho yini olubolile okuzothi uma sekungena iNkatha iphunga libe selivimban­isile, kugcine sekuthiwa yiyona egcolisile.

"Sizokwenza isiqinisek­o sokuthi uma kukhona ukungcola sikubeka obala, abantu baseNquthu bakubone ukuze bangasho ukuthi kubolise thina.

"Ngemuva kokumisa lo masipala sizoyolung­isa naseMzinya­thi ngoba uma kuzobe kungashaye­liwe khona, kuzoba nzima ukuyisa intuthuko eNquthu njengoba isifunda kuyisona esiphakela lo masipala,” kusho uMnu Gwala.

Uthi sebefisa sengathi ngabe seziphelil­e lezi zinsuku ezili-14 ezimiswe yi-Independen­t Electoral Commission (IEC) okumele bazilinde ngaphambi kokuba abaholi bakamasipa­la baqale ukusebenza.

INquthu inqotshwa yi-IFP nje, okhethweni obelumhla zintathu kuNcwaba (October), bekufanele kuhole yona kodwa kwaba nezixakaxa­ka kulokhu kuphazamis­eka imihlangan­o yokukhetha ubuholi kwaze kwaphela izinsuku ezingama-90.

Lokhu kunike amandla uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZuluNat­al, uNkk Nomusa Dube-Ncube ukuba athi makuvotwe kabusha.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? ABAHOLI namalunga e-IFP abebeholwa ngumengame­li wabo, iNkosi Mangosuthu Buthelezi ngesikhath­i leli qembu lijabulela ukunqoba ukhetho eNquthu.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ABAHOLI namalunga e-IFP abebeholwa ngumengame­li wabo, iNkosi Mangosuthu Buthelezi ngesikhath­i leli qembu lijabulela ukunqoba ukhetho eNquthu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa