Kubangwe isibusiso soNyazilwezulu ngobukhosi
Bathe ngeke baphumule
KWENZEKE esicishe sifane nesikaJakobe noEsawu ngoLwesine kubangwa isibusiso seNkosi yamaNazaretha ohlangothi lwaseBuhleni, uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe, sokunqoba umbango wesihlalo sobukhosi bakwaMngomezulu eNgwavuma, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal.
Lo mbango uphakathi kozalo lukaNtunja nolukaKhathwayo, bobabili okuvela ukuthi bangabesende leNkosi uZombizwe okubikwa ukuthi uShembe ugcine ukuya kule ndawo kusabusa yona - wafike wayinika isibusiso sokunqoba izitha zayo ngengubo yakhe enamandla.
Iphelile iminyaka engama-48 lokhu kwenzekile - amaNazaretha abesaholwa yiNkosi Galilee “iLanga” Shembe. Kubikwa ukuthi iNkosi iLanga libambe elikhulu iqhaza ebukhosini bakwaMngomezulu njengoba lisize iNkosi Zombizwe yathola abantwana kwazise ibibhekene nenkinga yokuba ibathole bese bedlula emhlabeni.
UNyazilwezulu, olwamukelwe ngenhlokomo, beluseThempelini lasoSiba, eNkomeni, khona eNgwavuma. Uzalo lukaNtunja nolukaKhathwayo, zombili beziqhuba izinkomo ziyocela isibusiso eNkosini yamaNazaretha.
Umthombo osondelene nalolu daba, uthi zombili lezi zinhlangothi beziyocela ukuba kuxazululeke inkinga ekhungethe lesi sizwe njengoba kukuningi okungasenzeki ngenxa yombango ongapheli. Yize lezi zindlu zibanga, kodwa kugqame ubumbano nokuzwana kwezinkaba phakathi kwazo ngesikhathi ziyobona uNyazilwezulu.
Ngokusho komunye umntwana wasendlunkulu yakwaMngomezulu, ohlangothini lukaNtunja, bakhiphe inkomo ukuyocela ukuba ungawi umbuso wabo njengoba kuyibona abasesihlalweni kumanje emuva kokuvunwa yiNkantolo eNkulu yaseThekwini. Ohola uhlangothi lukaKhathwayo, uMntwana Tindla Mngomezulu, uthe banethemba lokuthi izoxazululeka inkinga yabo ngoba phela kakuxatshenwe kodwa nje kunokushayisana ngemibono ngofanele ukuba athathe isihlalo sobukhosi.
Uthi ngeke bakuthole ukuphumula lungaxazululekanga udaba lwabo. “Silapha ngenhloso yokuba sizocela kubaba uNyazilwezulu ukuba asinxusele ezidalweni nakuNkulunkulu ukuba ixazululeke le nkinga ekhungethe isizwe sakwethu. Ngeke sikuthole ukuphumula kusaphethe lona osesihlalweni (iNkosi Mphumeleli Lubelo II) ngoba kasimazi siwuzalo lwasendlunkulu yakwaMngomezulu. Sikholwa wukuthi nesomiso esidla lubi ezindaweni ezahlukene zesizwe, ikakhulukazi lapha kwaMngomezulu, sizoshabalala.
"Kasazi-ke uma kuwukuthi besize ngento nangomqondo owodwa. Nokho-ke kulungile, uNkulunkulu woNyazilwezulu uzohlukanisa kungekudala ukuthi ngubani okufanele ahlale esihlalweni sobukhosi ngoba iyasikhathaza le nkinga,” kusho umntwana.
Ingaphezu kwama-42 iminyaka lesi sizwe singenakho ukubusa okunokuthula nozinzo ngenxa yombango okubikwa ukuthi uqale ngowe-1969 kwachitheka igazi kwaphuma imiphefumulo yamalunga omphakathi, okuhlanganisa nabantwana basendlunkulu. Umthombo ongaphakathi endlunkulu, uthi kunokwenzeka ukuthi lesi sizwe sithole isiqalekiso ngenxa yokushiswa kwendlu ebiphakathi esigodlweni seNkosi Zombizwe, okubikwa ukuthi yayikhonjwe yiyona inkosi ukuthi iyoze ivulwe uma kufike uShembe.
Ngokusho kukaMvangeli Fanyana Dlamini (87), kukhulu okwenziwe ngabakwaMngomezulu ngokuba babeyimbumba, bashiya phansi ukuklwebhana baya eNkosini uNyazilwezulu ngomqondo owodwa ngoba balazi kahle iqhaza likaShembe emzini wakwabo.
“Mina ngingowokuzalwa lapha kwesakwaMngomezulu, eNgwavuma, umlando ngiwazi njengoba ngizazi mina. Kuningi okwenziwe nguShembe lapha. Sikholwa wukuthi uma beze ngomqondo owodwa, izoxazululeka le nkinga yabo kube nokuzwana.
"Okusithokozisayo wukuthi bayeke le nto yokuklwebhana. Siyathokoza uma sibona bezithoba phansi kweNkosi yamaNazaretha uNyazilwezulu. Nathi sizithola sibakhulu njengoba kufezeke iphupho leminyaka ayekade elifisa amaNazaretha lokuhanjelwa ngumholi lapha eNgwavuma, kungakhathelekile ukuthi usukaphi, uma nje ebeke unyawo lwakhe kuzosala isibusiso sokunqoba imikhuhlane nezinkinga ezingase ziqubuke kulesi sizwe,” kusho uMnu Dlamini.
Bekukhona nabantwana basendlunkulu yobukhosi bakwaMathenjwa abebeholwa nguMntwana Roman Mathenjwa ongundunankulu wesizwe.