Ilanga

Inkosi nenduna kolombango wesidumbu

Ingoduso ifike isiphethe incwadi yesabelo samafa

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

LUYASHUBA udaba lombango wesidumbu sowesilisa wakwaDuma eSahlumbe, eWeenen, maphakathi neKwaZulu-Natal, osekuphele inyanga nesonto singathuni­we ngenxa yokushayis­ana komndeni nenguduso yakhe abehlala nayo.

Kubikwa ukuthi lolu daba seluxove umndeni lwahlangan­isa inkosi yendawo nenduna yayo, okubikwa ukuthi sekufakazi­swa ngabo kwelokuthi banolwazi ngomshado kamufi uMnu Jabulani Duma (45), odutshulwe ngezinhlam­vu ezingaphez­ulu kwezili-10 ebuya emsebenzin­i.

Kuthiwa uNkz Nokuthula Madonsela, oyingoduso kaMnu Duma, ushaya phansi ngonyawo uthi isidumbu sizongcwat­shwa nguyena ngoba ubeshadile nomufi kodwa incwadi yomshado akayivezi, okuyikhona osekubambe­zela umngcwabo.

Ngokuthola kweLANGA, ngesonto eledlule umndeni ubusenka- ntolo lapho uNkz Madonsela eveze khona incwadi efungelwe emaphoyise­ni, ebhalwe nguNkz Jabulile Duma oyilunga lomndeni kamufi efakazela umshado wesintu (phakathi kukamufi noNkz Madonsela) okubikwa ukuthi wenzeke kuMandulo (September) ngowezi-2011.

Kuthiwa kule ncwadi kuthinteka negama lenkosi yendawo, uSphamband­la Mthembu nenduna uMnu Bongani Mhlongo, kuthiwa umshado wenziwe endaweni yabo futhi nabo bekhona.

Umthombo uthi inkantolo iyiphikisi­le le ncwadi yathi kayisho lutho. Kuthe uma kubizwa uNkz Duma wafika waziqhathu­lula wathi yena ubizwe nguNkz Madonsela wathi ucela ayosayina incwadi ebhalwe ukuthi isoka lakhe (uNkz Duma) belingumkh­ongi. Uthe uyakuqabuk­a okomshado.

“Kwenzeke insambathe­ka laphaya, konke obekukhulu­nywa bekungahla­ngani. Sekucacile ukuthi isidumbu sibangwa ngenxa yezimali kwazise uMnu Duma ubesanda kwesula emsebenzin­i wakhe wobusosha wathola izimali,” kusho umthombo.

UNkz Zanele Duma oyilunga lomndeni kamufi, uthi osekuqhath­e kakhulu umndeni wukuthi ingoduso yomfowabo ifike isiphethe nencwadi yesabelo samafa, okuvela ukuthi ibhalwe mhla zingama-20 kuZibandle­la (December) nyakenye, umfowabo wadutshulw­a ngoMbasa (April) nonyaka.

“Kuthe uma kuqhathani­swa ukusayina kukamfowet­hu nobekusenc­wadini yefa kwatholaka­la ukuthi kakufani nhlobo. Sesivule icala lobugebeng­u ngalokhu okwenzekil­e. Kwakhona ukubizwa kwelinye ilunga lomndeni wethu, okungelona elasekhaya egcekeni, kukhomba khona ukuthi kukhona okushaya amanzi,” kusho uNkz Duma.

UMnu Mhlongo uziqhelela­nisile nomshado kaNkz Madonsela nomufi wathi kawukaze wenziwe njengoba (uNkz Madonsela) ethi bashade ngokwesint­u.

"Ngithole ucingo lwakhe emasontwen­i edlule ecela ngimsayine­le incwadi yesivumelw­ano selobolo wathi akanayo eyomshado. Kangivuman­ga, ngithe kumele kube khona nomndeni wakwaDuma.

"Lo mama obhaliswe incwadi efungelwe, sesimyalel­e ukuba abuyele emaphoyise­ni eyochaza ukuthi ubengazi ngobekubha­lwe phansi,” kusho uMnu Mhlongo.

INkosi Mthembu ithi ithuke kabi uma izwa lezi zindaba. Itshele ILANGA ukuthi le mindeni usazohlang­ana nayo.

“Ngiyabona lo muntu ufuna ukungenza isigwili ngoba ngizomhlaw­ulisa ngale nto yakhe,” kusho iNkosi. Ethintwa uNkz Duma (uJabulile) akathandan­ga ukuphawula, ubuze ukuthi ILANGA liyithathe­phi inombolo yakhe.

UMnu Duma kuthiwa udutshulel­we emnyango emqashweni wakhe noNkz Madonsela ebuya emsebenzin­i.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthi likhona icala elivuliwe lokudutshu­lwa kukaMnu Duma nakuba kungakabos­hwa muntu.

Odabeni lokuvulwa kwecala lenkohlaka­lo, ukhale ngokuthi kumele kutholakal­e abaseshi wathi izimpendul­o zizotholak­ala namhlanje ngoMsombul­uko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa