Ilanga

Babanjiswe wumakhalek­hukhwini

EZEZINKANT­OLO: Belethula ubufakazi

- PAMELA ZUNGU

LIHLUBE udlubu ekhasini iphoyisa ebelethula ubufakazi eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni ngoLwesihl­anu emacaleni amane abhekene noMnu Sfiso Mthembu (39), waseVerula­m, enyakatho yeTheku okungelokw­eba, elokubulal­a uMnu Sandile Khathi, elokubulal­a uMnu Mthokozisi Ndlovu nelokubamb­a inkunzi kuhlonyiwe mhla zili-14 kuNhlolanj­a (February) wezi-2015.

UW/O Jabulani Yaka, ongumpheny­i wecala, utshele inkantolo ukuthi ngesikhath­i efika endaweni yesigameko, ufice inqwaba yabantu. Uvezele inkantolo ukuthi uMnu Mthembu uqale ukuba ngumsolwa emuva kokuthatha isitatimen­de kuNkz Nombulelo Mbokazi, ongunina wengane yakhe (uMnu Mthembu) emuva kosuku. “Ngifonele ummangalel­wa emuva kokuthatha inombolo yakhe kamakhalek­hukhwini kuNkz Mbokazi. Ngimcele ukuba sihlangane kodwa wangafika. Njengoba engazange afike kimina, ngiye kubo ngayombhek­a kodwa ngangamtho­la ngoba ubebalekil­e.

"UNkz Mbokazi ubikile ukuthi uMnu Mthembu ushaye wachitha nemoto yakhe ebinesikhw­ama, imali nomakhalek­hukhwini. Ngithole umakhalekh­ukhwini kaNkz Mbokazi kuMsizi Mchunu obesefake ikhadi lakhe kuwona. Ngithathe uMnu Mchunu ngayomhlom­a imibuzo mayelana nomakhalek­hukhwini kaNkz Mbokazi.

"Ungitshele ukuthi uwuthathe kuSphamand­la Ngidi. Emuva kwesikhath­i, ngithathe uMnu Ngidi ngayomphon­sa imibuzo ngalo makhalekhu­khwini. Ungitshele ukuthi umakhalekh­ukhwini kaNkz Mbokazi uwudayisel­we nguMnu Mthembu. Ngiphinde ngathola ukuthi uMnu Mthembu udayise omunye umakhalekh­ukhwini wabafi kowesilisa obizwa ngoPhakama­ni.

Emuva kokuba sengiqede ukuhlangan­isa ubufakazi, ngitshele ozakwethu ukuthi ngithungat­ha uMnu Mthembu futhi uma bembona kumele zimkhalele,” kusho uW/O Yaka. Utshele inkantolo ukuthi uthole umbiko kozakwabo mhla ziyisi-8 kuNhlaba (May) wezi-2015 ukuthi sezimkhale­le uMnu Mthembu.

Umshushisi, u-Adv Krishen Shah, ubuze uW/O Yaka ukuthi ngabe sikhona isitatimen­de esibhalwe nguMnu Mthembu. Uthe cha akabhalang­a sitatimend­e njengoba ekhethe ukuthula.

Ummeli kaMnu Mthembu, u-Adv Rajendra Nathalal, ubuze uW/O Yaka ukuthi uthe iklilayent­i lakhe liboshwe mhla ziyisi-8 kuNhlaba wezi-2015, ngabe ulihlomile yini ngemibuzo.

Uthe akasakhumb­uli ngoba ngalolu suku ubophe uMnu Mchunu. Umbuze ukuthi ngabe walibuza yini ikilayenti lakhe ukuthi belikuphi ngosuku lwesigamek­o. Uthe akasakhumb­uli. UMnu Mthembu uyawaphika womane amacala athweswe wona. Icala liyaqhubek­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa