Ilanga

KUNIKELELW­E ABAFUNDI NGEZINCWAD­I KWAZULU-NATAL

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

IPHUME umkhankaso wokunikele­la izikole ngezincwad­i - ikakhuluka­zi ezasemakha­ya - inhlangano engayenzi inzuzo, iDancing Pencils Literacy Developmen­t Project.

Lokhu ikwenzela ukukhuthaz­a abafundi ukuba babhale futhi bafunde. Umsunguli wale nhlangano, uNkk Felicity Keats (84), uthi kusukela ebuncaneni bakhe ubenesifis­o sokuphonsa itshe esivivanen­i kwezemfund­o. Uthi kunezinkam­pani zabashicil­eli acela kuzona izincwadi ezingasase­tshenziswa bese enikela ngazo ezikoleni ngenhloso yokugqugqu­zela isiko lokubhala nokufunda, aphinde afundise ukubhala kulabo abenza amabanga aphansi.

Utshele ILANGA ukuthi lokhu ukwenza ezikoleni zamabanga aphansi kuze kuyophuma kwaphezulu. “Kulo nyaka sesinikele ngezincwad­i ezivile kwezingama-470 ezikoleni ezine KwaZulu-Natal, okuyiGlenc­ore High, Ndwendwe, Sogidi Primary, Malibela High School kanti zingaphezu­lu kwama-160 ezaseNgwav­uma ezihlomuli­le okubalwa kuzona iNqobizazi Secondary.

INqobizazi ithumele izingane ezili-17 zayoqeqesh­wa, zihambisan­a nothisha wazo ozozisiza acophelele ukuthi zizisebenz­isa kahle izincwadi esinikele ngazo,” kusho uNkk Keats.

Uveze ukuthi emuva kokuqhamuk­a kwabo nalolu hlelo, sinciphe kakhulu isibalo sabafundi abangakuth­okezeli ukuba sesikoleni futhi bayancinti­sana ngokwenza kahle.

Uthi izincwadi abazonikel­a ngazo ngonyaka ozayo zizokwethu­lwa mhla ziyisi-9 kuMandulo (September) nonyaka eBat Centre.

Banesifiso sokusebenz­isana nomasipala abaningi, ikakhuluka­zi KwaZulu-Natal, osomabhizi­nisi, yizinkampa­ni ezahlukene neminyango ethintekay­o ekwenzeni ngcono imiphakath­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa