Ilanga

ISINKWE...

- BONGINKOSI ZONDI Umthombo ngabe: en.wikipedia.org

ISINKWE yisilwane esitholaka­la e-Afrika. NgesiBhunu kuthiwa yi- nagapie ( nag = ebusuku; apie = small monkey) okusho ukuthi yisilwane esihobayo emini sivuke ebusuku. Ngolimi lwesayensi kuthiwa yi- galago.

Ukuthi yi- bush baby abanye bakususela emsindweni esiwenzayo noma endleleni esibukeka ngayo. Izibalo zaso e-Afrika zikhombisa ukuthi kasikho engozini yokushabal­ala.

ENingizimu Afrika sikhona eKruger National Park, eSkhukhuza, eHluhluwe-Mfolozi, eSt Lucia Wetland, eMkhuze, ikakhuluka­zi ezindaweni esezivikel­we zaba yiziqiwu.

ISIMO NOKUBUKEKA KWASO

Sisho ngezimboko­do zamehlo ayizindili­nga abuka agqolozele, akujamele sengathi ngawesikho­va, asiza isinkwe ukuba sibone kahle ebusuku.

Isikhumba saso siyimvukum­vuku, simpunga umbala. Imilenze yangemuva iqatha kanti sinjalo nje isinkwe lesi, sinodlebe. Sisho ngogaqasi lomsila okuthiwa ubude bawo bungaphezu­lu komzimba nekhanda kuhlangene, wona-ke uselekelel­a kulokho kugxuma esidume ngakho.

Amadlebe lawa angamagwag­wa athi mawafane nawelulwan­e, okwenza sikwazi ukulandela izinambuza­ne ebusuku. Amadlebe siwagoqa abheke emuva njengoba sichushach­usha ezihlahlen­i eziminyene noma uma siphumule. Sinamaziph­o kuwona wonke amalunga ezidladla kanti “umunwe” wesibili wezidladla zangemuva sizicwala ngawo.

IMIKHUBA YEMPILO YASO

Impilo yesinkwe ixube ukuhlala ngasodwa nokuba phakathi kwezinye. Lokhu kuvela kahle uma zidlala, zigxuma emagatshen­i noma zikhwele ziye kwelenyoni bese ziphonsa phansi izinto.

Uma zindawonye ziye zicwalane, zidlale ukuxoshana noma zilwe. Ukuxoshana zikwenza ngokuba ezimbili zigxume nje isigubhuka­ne zihubhane ezihlahlen­i.

Lezo esezindala, zithanda ukuzihlale­la ngazodwana, ziziphumul­ele bese lezo ezisakhula zithande ukuba semdibini nezinye.

Ukucwalana yinsakavuk­ela konkabi laba njengoba kungadluli lusuku bengazicwa­langa. Lokhu isinkwe sikwenza ngaphambi kokuba siphumule, nalapho siphumule nangemuva kokuphumul­a.

Izinkunzi yizona ezikhonze ukucwala ezinye kanti izinsikazi zivame ukuzichili­za izinkunzi uma zithi zizama ukuzicwala.

UKUXHUMANA:

Isinkwe sixhumana nezinye ngokukhala ngendlela ethile futhi senze umkhondo ngomshobin­go. Ngokulande­la iphunga lomshobing­o, siyakwazi ukubuyela ngqo egatsheni lomuthi ebesisukel­e kulona.

Sikwazi ukumemeza ngomsindo wohlobo lwaso kanjalo nokuzikhan­gisa ngawo. Le misindo yenza imisebenzi eminingi eyahlukene. Omunye wayo wukuzichaz­a uhlobo lwaso ngisho sikude, kangangoba ngisho nososayens­i bakwazi ukuzehluka­nisa ngawo umsindo lona izinhlobo zaso.

Uma sekusa, amalunga eqoqo elithile abizana ngayo imisindo lena ukuba kuyolalwa esidlekeni esenziwe ngamahlamv­u noma emhhumeni oqoshwe emthini.

UKUGXUMA:

Isinkwe siyinsephe yokugxuma. Sekwake kwaqaphele­ka ukuthi siyakwazi ukugxuma siphakame u-2,25m.

Ucwaningo olwashicil­elwa yiRoyal Society e-England, luthi isimo somzimba wesinkwe ngokwezicu­bu nemisipha ingxenye yakho elinganise­lwa ema-25% wesiqu sonke kungasenza sigxume ngokuphind­we izikhathi eziyisi-6 kangcono kunexoxo.

Imbangela yalokhu kucatshang­wa ukuthi kungaba yimisipha yemilenze yangemuva. Uma sisemoyeni siyayifiny­eza imikhono nemilenze isondelane nomzimba, size siyelule uma sekusele kancane sibambelel­e egatsheni.

Ukushesha kwaso uma sigxuma kungasenza sihambe ibanga elili10m ngemizuzwa­na. Kuthiwa kuyenzeka isinkwe sigxume ngemilenze kuphela kuhle kwesandlul­ane (i-kangaroo).

SIDLANI?

Njengoba sekushiwo, ukudla kwaso okuhamba phambili yizinambuz­ane esizibamba zihamba phansi noma-ke sizinqakat­hele emoyeni zindiza, kanjalo nezithelo zasendle.

UKUZALANA:

Emuva kokumitha izinsuku ezili-110-133, insikazi izala abantwana abanamehlo afifiyele futhi abangakwaz­i ukuzihambe­la.

Emuva kwezinsuku eziyisi-6-8, unina ukwazi ukukhwela emthini nomntwana khona encela.

Isinkwe sizala umntwana abe munye noma amaphahla, kokunye abathathu.

Ngesikhath­i ezalwa umntwana, uba ngaphansi kwama-28.3g isisindo kanti-ke ngaleso sikhathi unina kalufakwa, wala ukhasha! Ezinsukwin­i ezintathu zokuqala, abantwana kabehlukan­i nonina.

Unina ubancelisa kuze kuphele amasonto ayisi-6 bese bekwazi ukuzidlela emuva kwezinyang­a ezimbili. Abantwana laba bakhula ngokushesh­a, okwenza unina ahambe kanzima uma ebathutha.

Insikazi yenza imingcele yendawo yayo nabantwana bayo. Abantwana abangamadu­na bayamshiya unina uma sebengena ebudaleni

Lokhu kwenza ukuba endaweni eyodwa kube nezinsikaz­i ezihlobene. Amaduna asekhule ngokuphele­le, ahlala kwezawo izindawo ezahlukene kodwa eziye zigamanxel­e kwezezinsi­kazi.

Inkunzi lena izikhwela zonke izinsikazi ezisuke zikuleyo ndawo yayo. Lezi esingathi “yizimpohlo” zihlala amaqoqwana azo zodwa.

UBUDLELWAN­O BASO NABANTU

Nakuba kungakhuth­azwa ukusifuya isinkwe no

kho abantu bayakwenza lokhu. Isinkwe, njengeziny­e izilwane ezisamuntu ( pri

mates), kungenzeka zibe ngabathwal­i bezifo ezingagcin­a sezingene nakubantu. Ukuthengis­ela amanye amazwe kungakudon­sela amanzi ngomsele ezikhulwin­i ezithelisa impahla engenayo nephu

mayo ezweni.

IMPILO YASO

Kuthiwa isinkwe esivalelwe siyakwazi ukuhlangan­isa iminyaka eli-12 kuya kweli-16 siphila, okusho ukuthi isikhathi esivamile sempilo yaso yi-10 leminyaka kweve.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa