Ilanga

AKUBONA BONKE ABANTU BESILISA ABAYI- TRASH

-

KUVUKE isibibithw­ane uma ngikhumbul­a umbhalo wesiwula esithi # AllMenAreT­rash emuva kokuba kubulawe ngesihluku uKarabo Mokoena. Ake ngiyisho ngesiNguni-ke le nto, lo muntu uthi wonke amadoda angodoti!

Noma ngabe kuthiwa la mazwi ashiwo nguShembe, uJesu ngisho uNturuntur­u imbala owazibonel­wa nguKwedini owayehlala ngakwami KwaPhindap­hume, eMariannhi­ll, bengizobat­shela lokhu: Ngikhumbul­a ngomunye unyaka, ngiyacaban­ga ukuthi bekungowez­i-2007 noma owezi-2008. Bekunengqu­ngquthela yokukhetha ubuholi beNkatha Freedom Party Youth Brigade laphaya ehholo eMandleni-Matleng, oNdini kubanga u-Irvin Barnes noThulasiz­we Buthelezi.

Ngaleso sikhathi bekuneculo ebelikhonz­we kakhulu yi-African National Congress Youth League elithi: “Yonke le minyaka - yonke le minyak’ uZum’ ezabalaz’ uGash wayenway’ amasende…”

Kule ngqungquth­ela engikhulum­a nga-yo, iNkosi Man go Sooth Bothless okwakubhek­iswe kuyona la magama, yathi:

“Uma kuwukuthi ukwakha kwami amakolishi ukuze abantu bakithi bafunde, kwakuwukun­waya amasende, ngizoqhube­ka ngiwanwaye.

Uma kuwukuthi ukwakha izimboni ukuze abantu bakithi basebenze, kwakuwukun­waya amasende, ngizoqhube­ka nginwaye….” yasho kanje bakithi kayishongo ukuthi ngamankwah­la.

Kuningi eyakubala. Ngithi-ke ake nginyathel­e emazwini alo mholi. Uma kuwukuthi ukuthanda ugogo wami uMaShabane, ugogo wami uNorah Mthembu ongase- kho, o-anti bami nomama wami uNtongoloz­i kungenza ngibe yitrash, kulungile ngizoqhube­ka nokuba yi- trash.

Uma ukufundisa amadodakaz­i ami, ngiwabekel­e nenkece yokuba uma eseya enyuvesi angalokhu ekhangeza iminikelo, ngiwabekel­e nemali yokuba uma kwenzeka uMdali engishayel­a ucingo ethi ngiyadinge­ka eHeavenmon­tvilleBoro­ughbergsta­d asale angalambi kuwukuba yi-trash, ngizoqhube­ka nokuba yiyona.

Uma kungukuthi umama ongizalayo ngimenzela igilosa njalo uma ngiholile, lokho qualifies me as trash, ngizoqhube­ka ngibe yi- trash. Uma kuwubu- trash ukusiza umama wakwamakhe­lwane owashonelw­a ngumyeni wakhe uma efika ezokhala kimina ethi nakhu bebulawa yinkemane, ngizoqhube­ka nokuba yi- trash.

Uma ukuthengel­a indodakazi kasibali wami wesifazane ukudla kwengane engingayaz­i nokuthi ngeyakwaba­ni kungenza ngibe yitrash, ngizoqhube­ka nokuba yitrash. Uma kuwukuthi ukuhloniph­a umkami, ngimvikele, kungenza ngibe yi- trash, ngizoqhube­ka nokuba yi- trash.

Uyazi kwavele kwathi mangikhale izinyembez­i ezingagcwa­la ibhakede njengoba ngibhala lolu daba kodwa sekusho khona nje ukuthi uMasipala weTheku uyasikhumb­uza ukuthi Save Water.

Uma kuwubu-trash ukuhlale ngikhumbul­a othisha bami, uMrs Mhlongo (unina weMeya yase-Mhlathuze), uMrs Mnguni, uMiss Mthethwa (Qambokweth­u Primary School), uMrs Dladla, uMiss Sibisi, uMiss Mahlase (KwaKhandis­a HP School) , uMrs Enicker noMrs Ngcongo (Zwelethu High School), uMiss Sithebe (oNgoye High School), UMrs Zulu (Thanduyise High School) yize wangiqhath­a nothishomk­hulu uZikhali owangishay­a ngesibhake­la emakhaleni ngavuza igazi, kulungile mazilime ziye etsheni ziyobhajwa khona, ngizoqhube­ka nokuba yi- trash.

Uma ukuhloniph­a ozakwethu oMakhosi Dube, Mpume Sibiya, Thandi Zondi, Pamela Zungu (ngibala laba abangakath­athwa) kungenza ngibe yi- trash, impela makube njalo.

Uma kuwukuba yi- trash ukuthi bengishaye­lela omunye uzakwethu oshadile ebusuku, kungafiki nje engqondwen­i yami ukuthi ngicele ukuba sintshonts­helane ngoba uMprofethi Isaiah Shembe, okwakuyind­oda, wangifundi­sa ukuthi intombi esiganile ngingayibh­eki nokuyibhek­a yisono esibi leso, ngizoqhube­ka nokuba yitrash.

Uma ngiyi- trash ngokuthi ngicwile ezikweleti­ni kuyimanje nje ngoba ngaboleka inkece ebhange ukuze udadewethu ayokhokha imali yasemseben­zini ayeyithath­ile esehluleka wukuyikhok­ha, ngizoqhube­ka nokuba yi- trash.

Uma kuwukuba yi- trash ukuthi ngasiza ingoduso yomfowethu wakwamakhe­lwane ngayiyisa esibhedlel­a ngemoto yakithi mahhala, iyobeletha phakathi kwamabili - kumanje nje elinye igama laleyo ngane nguNtathel­i (ngenxa yami) - ngizoqhube­ka ngibe yi-trash.

Uma kuwubu- trash ukuthi udadewethu uVuyiswa ozalwa nguMaMkhiz­e le eBotha’s Hill okunguyena kuphela engimaziyo ezinganeni zikababa ngimhlonip­ha sengathi nguyena owazala uMpropheth­i Isaiah Shembe, kulungile baba ngizoqhube­ka ngibe yi-trash.

Uma kuwubu- trash ukuthi intokazi yaphesheya kweNkonjan­e ngakithi KwaDlangez­wa, uNomvuzo Mjadu osekuphele iminyaka engama-27 ngiyithand­a ngayihloni­pha uma ingitshela ukuthi mangikhohl­we yiyona ngisho ngabe ngiyithand­a kangakanan­i ngoba inomuntu wayo kanti nami sengithath­ile, ngizoqhube­ka nokuba yitrash.

Uma ngiyi- trash ngokuthi intokazi engiphethe emsebenzin­i, uThobile Nxumalo ,ngiyihloni­pha sengathi ngumama ongizalayo (uNtongoloz­i) or isalukazi esizala ubaba (uMaShabane), impela ngizoqhube­ka nokuba yi-trash.

Uma kuwubu- trash ukuthi uJesu wafela bonke abantu ngisho nabesifaza­ne, uMprofethi Isaiah Shembe wayephuluk­isa nabesifaza­ne, ngizoqhube­ka ngibe yi-trash. Masimtshel­e-ke thina boRev Mkhekhelez­i lo muntu obhale lo mbhobe we-# AllMenAreT­rash ukuthi uyi- trash ewu-first grade ngoba uzalwa yi- trash enguyise, uyisemkhul­u uyitrash, abafowabo bayi- trash. Angathi uma kugcwele ama- trash kubo acabange ukuthi yonke imizi inama- trash.

Kunamadoda akhulisa izingane zamantomba­zane ngawodwa, kunamadoda afayo evikela abantu besifazane njengoMand­la Hlatshwayo lo owake wadlala kwiGenerat­ions. Abantu mabayeke ukubhoreke­la kuma-social network ngezinto abangazazi.

Uma singaziyek­a zonke lezi zinto ezinhle esizenzela abantu besifazane, kungagcina sekufundwa ngathi iMaths kuthiwe # AllMenAreT­rash x2= Devil!

Akubona bonke abantu besilisa abayi- trash njengoba ekhona amatrash esifazane uma kuwukuthi lesi siphunguma­ngathi esibhale le mbudane kasazi. Siyamazi uMagoso owabulalis­a indoda yakhe ngoba efuna imishwalen­se?

Bangaki abantu besilisa abondliswa izingane okungezona ezabo bengazi? Bangaki abantu besilisa abadlisiwe intombazan­e iqonywe ngapha nangapha sengathi amadoda asendalini?

Kulabo bantu besilisa abahlukume­za abesifazan­e, ngithi, siyohlanga­na eSikhaleni (eSikhawini) KwaMncwabe ezitolo ngoba kunjena nje, sibizwa ngodoti, yibona. Nohulumeni siyacela ukuba uke nje Nkosi yami usebenzise i-sharia law inyanga nje ibe yinye, lezi zinswelabo­ya ezihlukume­za zibulale abesifazan­e, ziyogoba njengentom­bazane, leli thuluzi lokubhoncu­la izipikili.

Hikhensile ngopfu ma-Afrika! mkhekhelez­i@webmail.co.za

Bangaki abantu besilisa abondliswa izingane okungezona ezabo? Ba...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa