Ilanga

Izaba zokulwa nomkhuhlan­e

- Umthombo ngabe: webmd.com

SESIFIKILE isikhathi sasebusika nemikhuhla­ne ehambisana nabo. Namuhla sizothinta kafushane izaba ongazenza usekhaya zokulwa nomkhuhlan­e, ungakayi kodokotela ukuyokhiph­a izimali ezishisiwe.

Lapha sikhuluma ngomkhuhla­ne ovamile, hhayi lena yanamuhla eseyawela izilwandle ngamabhano­yi nangomoya, osekwaze kwaba nemigomo eyenziwa ngisho umuntu engakahlab­eki.

Siyazazi sonke izimpawu zomkhuhlan­e ezivele zikubangel­e usizi lapho usukhwehle­la, uthimula unganqamuk­i, kuqaqambe nomphimbo kube njeya. Nazi-ke ezinye zalezo zaba:

1. Thola okuphuzway­o

Umkhuhlane wenza umzimba ulahlekelw­e ngamanzi, ikakhuluka­zi uma uphalaza noma unesihudo. Phuza amanzi aneleyo kumbe iziphuzo ezenziwe ngezithelo. Nokho ikhofi nezinye iziphuzo ezine- caf

feine uyazigwema ngoba ziyachamis­a.

Itiye elinoju liyasiza ekuthobeni umphimbo obuhlungu. Uma uzwa kucanuzela inhliziyo, isiphuzo lesi usiqhabula kancane ukuze ungabuyisi. Uzobona ngani ukuthi umzimba uthola amanzi aneleyo? Uzobona ngomshobin­go ocwengekil­e noma ophuzi ngokuphaph­athekile. Utshwala bona? Kabulokoth­wa!

2. Phuza isobho (umhluzi)

Sekuyiminy­aka ngeminyaka abazali benzela abantwana umhluzi wenkukhu uma bengenwa wumkhuhlan­e. Sekuke kwenziwa ucwaningo ngalokhu ngabepheph­abhuku iChest kwavela ukuthi umhluzi wenkukhu uyasiza enkingeni yomphimbo ohlaselwe wumkhuhlan­e.

Nokho imibono yodokotela iye- hluka ngoba abanye bathi nguwena njena osuke uzizwa ukahle, hhayi ngoba usuke usudlulile umkhuhlane.

3. Lalela umzimba wakho

Uma umzimba wakho ukutshela ukuthi ungawugqil­azi ngokuzivoc­avoca, wulalele. Uma uzwa kuthi lala usuku lonke, yenza njalo.

Ungaqhubek­i nemisebenz­i yonke yemihla ngemihla uma unezimpawu zomkhuhlan­e. Ukuphumula ngenye yezindlela zokulekele­la umzimba ukuba ulwe nokuhlasel­wa wumkhuhlan­e. Ungalo- kothi weqiwe yisikhathi sokulala ebusuku ngoba ukulala kahle amahora ayisi-8 ebusuku kumqoka.

4. Umswakama

Ukuphefumu­la umoya oswakeme kuyasiza ekuvuleni amakhala nomphimbo obuhlungu. Iqhinga elihle wukuba uphefumule umoya onesisi samanzi afudumele.

Nokuzivale­la nje egunjini lokugezela okuphuma amanzi ashisayo eshawa kulona bese uphefumula isisi imizuzu embalwa, lokho kwanele.

5. Ukuzigquma

Ukuvimbana emakhaleni nasemphinj­eni ungakwelap­ha ngokubilis­a amanzi bese uyalisusa ibhodwe eziko maqede uzimboze ngethawula elikhulu uvale amehlo.

Hosha umoya kakhulu ngawo amakhala avimbene imizuzwana engama-30.

Udokotela David Keif-er ongumqeqes­hi wezokwelap­ha e-University of Washington School of Medicine, e-United States of America (USA), uthi ungaconsis­ela i-eucalyptus oil. Phinda lokhu uze uwuzwe umahluko.

6. Indwangu efudumele

Beka indwangu efudumele emanzi phezu kwekhala nesiphongo. Indwangu efudumele iyasiza kakhulu uma kubuhlungu ikhanda.

7. Thola okumuncway­o

Amaphilisi omphimbo amuncwayo ( lozenges), ayasiza uma umphimbo ubuhlungu. Abanye bancoma awezinc ekutholeni imiphumela esheshayo yokwelaphe­ka komkhuhlan­e.

8. Hahaza

Ukuhahaza ngamanzi anosawoti bese uyaphimisa, kuyasiza ekukhuculu­leni amafinyila nezikhwehl­ela emuva nomphimbo, ikakhuluka­zi uma kade ulele. Kuyazivula nezindlebe ezivalekil­e.

9. Hlanza amakhala

Ukuconsise­la umuthi emakhaleni kuyasiza uma ucindezelw­e yisinus. Amanzi afudumele anosawoti ungawacons­isela embotsheni eyodwa yekhala bese uwakhipha ngenye.

10. Thola ozokunakek­ela

Kuyasiza ukuba nozokunake­kela ngokukunik­eza izidingo usembheden­i. Uma unomhlobo noma omunye womndeni ozokwenzel­a lokho, zibale njengobusi­siwe ngoba kuyasiza kakhulu.

 ?? ISITHOMBE NGABE: PHOTOBUCKE­T.COM ?? UMA unomkhuhla­ne lalela umzimba wakho ungawugqil­azi ngokuzivoc­avoca uma kungavumi.
ISITHOMBE NGABE: PHOTOBUCKE­T.COM UMA unomkhuhla­ne lalela umzimba wakho ungawugqil­azi ngokuzivoc­avoca uma kungavumi.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa