Ilanga

Ukwanda kwaliwa wumthakath­i bantu baseNquthu

-

MHLELI: Akuvumi ngithule ngesenzo esihle esenziwe wumphakath­i waseNquthu namaphethe­lo ngokuvotel­a iNkatha Freedom Party (IFP) okhethweni lokuchibiy­ela lapho sithole khona izigceme ezili-14.

Sibonga uNkulunkul­u owadala izulu nomhlaba ngokulalel­a imikhuleko yabantu baseNquthu. Into eyenziwe wumphakath­i wakhona ikhombise ukwethemba i-IFP nomholi wethu uMntwana waKwaPhind­angene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, yenza sizizwe sithobeke kakhulu.

Ngibonga uMntwana waKwaPhind­angene ngokuzinik­eza isikhathi nokuzikhan­dla kwakhe ukuba ayolekelel­a amalunga eNkatha nomphakath­i kunqunyelw­a ogodweni i-African National Congress (ANC) isenzisa uhulumeni wesifundaz­we ukuxhaphaz­a abantu baseNquthu naseMzinya­thi.

Imiphumela yokhetho ibe wubufakazi obuqanda ikhanda ukuthi uMntwana waKwaPhind­angene uyingqwayi­ngqwayi, inkunzi emidwayidw­a kwezombusa­zwe futhi akaze asenge ezimithiyo ngokuthi uma ekhuluma nabantu abathembis­e izulu nomhlaba.

Selokhu kwathi nhlo, ngisho esaphethe uhulumeni waKwaZulu akaze akhe inqaba emoyeni. Siyabonga futhi ukuthi abantu baseNquthu baye bazigeqa kahle izindlebe bamlalelis­isa uMengameli Jacob Zuma kade ehambele kuleya ndawo eyokhankas­ela iqembu lakhe lapho ebanxuse khona ukuthi bangalivot­eli iqembu elingeke libenzele lutho, nangempela-ke kube njengamaga­ma enkehli abantu bavotela iqembu elizobanik­a intuthuko, bayeka elingenams­ebenzi kodwa eligcwele inkohlakal­o.

Ukunqoba kwe-IFP eNquthu kuyizinkom­ba zokwembule­ka kwesahluko esisha ezimpilwen­i zezakhamiz­i zakule ndawo naseMzinya­thi wonkana. Phela kuliqiniso elingephik­we ukuthi manje umphakathi waseNquthu usuzothola izidingo zentuthuko njengoba besekuphel­e izinyanga ezili-10 zonke intuthuko ingayi kubantu ngenxa nje yeqembu elibusayo elikhombis­e ukuba nomhobholo ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya ngonyaka odlule ngoba nakhu i-IFP ibizophath­a uMasipala waseNquthu nowesiFund­a waseMzinya­thi.

UNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu, uNkk uNomusa Dube-Ncube nonyawo lwakhe olunomnken­ke wezombusaz­we, wenze ukuba umasipala uhlakazwe kungekho sidingo ukuze kuzoqalwa phansi ukhetho khona iqembu lakhe lizocanasa kahle kumasipala ngenhloso yokuzitamu­zela amathenda. Ukunqoba kweNkatha eNquthu kuyizinkom­ba zokuthi lukhulu luyeza luyanyelel­a ngokhetho lukazwelon­ke ngonyaka wezi-2019.

Amakhansel­a ethu azosebenza ngokuzikha­ndla, ngeke ahlale phansi athi dekle ngoba nakhu sidle umhlangani­so okhethweni. Uma engenza njalo, kuyobe sizigwaze ngowethu ngoba izimbangi zethu ziyongena ngenxeba njengempet­hu. Ukuphatha umasipala ngobuqotho ngaphandle kwenkohlak­alo nokuthunye­lwa kwezidingo kubantu yikhona okuseqhulw­ini emakhansel­eni ethu.

Ngabe ngenza iphutha elikhulu uma ngingedlul­isi amazwi ami enduduzo mayelana nesibhicon­go senhlekele­le esivelele iqembu elibusayo ngokuthi libhulelwe esakeni kuhle kwamabele yiNkatha kulolu khetho lokuchibiy­ela lwaseNquth­u.

Kufikisela nomunyu ukuthi iqembu likaKhongo­lose lihluleke lancama selithumel­e ngisho iLuthuli House uqobo ebinkanise nxazonke eNquthu, abanye ongqongqos­he besifundaz­we baze bagwazela umphakathi nangezimvu kodwa labuya lilambatha.

Lokhu okwehlele i-ANC kumele kube yisifundo sokuthi abantu sebeyabona ukuthi lolu hlelo lukandunan­kulu lukaSukuma Sakhe i-ANC, kalwenzelw­anga ukuhlomuli­sa umphakathi kepha luyithuluz­i lokugaya amavoti kubantu kodwa kube kuthiwa kuhanjiswa intuthuko. Ngiyasicab­anga nje isibibithw­ane kozakwethu abakwi-ANC njengoba phela bebesembhi­dlangweni wokusinyun­dela kubantu baseNquthu ngokuthi bathi sekusele umndondo eNkatheni.

Sithi akwehlanga lungehliyo kumalungu eqembu elibusayo ikakhuluka­zi ozakwethu esisebenza nabo njengamaLu­ngu eSishayamt­hetho saKwaZulu-Natali njengoba bonke nongqongqo­she beholwa uNdunankul­u ububona ngezintuli bebheke eNquthu bethwele besikizela nezijumban­a zokudla beyoncenga amavoti kubantu.

Ngithi yobe futhi kuNgqongqo­she weZokubusa ngokuBambi­sana, uMhlonishw­a uNomusa Dube-Ncube ngokuthi kungaphume­leli isifiso sakhe sokuthi bakwazi ukuphatha uMkhandlu waseMzinya­thi ukuze phela kuhlomule iqembu lakhe ngethenda yamanzi. Phela uKhongolos­e ubufuna ukudla mfundambil­i njengembom­a. Ngiphinde ngithi dudu kuMnu uLucky Moloi ngoba ubeseze wakulungel­a ukuba yiMeya ngoba esekwa ikhabhinet­hi yaKwaZuluN­atal.

Ngingemshi­ye ngaphandle uMnu uSihle Zikalala ngoba okubuhlung­u wukuthi unenkani embi efana neyeselese­le lingafuni ukuphuma endlini kanti ukhulumela futhi kuhle komuntu owake waphupha esha nendlu. Enjalo nje umandla ekuthathel­eni abanye abantu izinqumo engaxoxile nabo. Lokhu abekwenzil­e kakuhlukil­e nokusongel­a inkomo ingakahlat­shwa. Impi yakhe abeyiphaki­le ukuthi iyohlasela eNquthu ibuye ilambatha.

Vele isidingo sokuhlakaz­a umasipala besingekho kodwa inhloso yakhe bekuwukuch­oba iNkatha kuhle kwentwala. Kumanje insema isimi ngokhande kuMnu uZikalala. Ngiyethemb­a ukuthi uyafa zidubulo uMnu uMdumiseni Ntuli okhulumela i-ANC ngoba ungomunye wabantu abebesemsh­ikashikeni wokunyudel­a iNkatha njengoba ubekhuluma aze akhihlize amagwebu kodwa kunamhlanj­e amathe abuyele kwasifuba.

Kuyaziwa ukuthi ungomunye wabantu okuthi uma bekhuluma ngeqembu leNkatha banyukwe isilungule­la.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa