Ilanga

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

-

UMDLANDLA wakho uzokhula ngamandla ekwenzeni izinto ezimqoka. Uma uthwele imithwalo enzima, kumele uqonde ukuthi uma sekuzosa kuba mnyama kakhulu.

ARIES (March 21-April 19)

ABANYE banemibuzo ethile ngendlela owenza ngayo. Imibono yakho nomqondo wakho kuzodingek­a kusebenzis­ane ukuze kufezeke izinto ezifanele. Hluza umqondo wakho njalo uma kukhona okumele ukukhulume.

TAURUS (April 20-May 20)

KUNEMISEBE­NZI okumele ugxile ngamandla kuyona. Isikhathi nethuba olitholayo kumele ukusebenzi­se ngemfanelo ngoba umzabalazo wakho uyawazi ukuthi uwumqansa kanjani.

GEMINI (May 21-June 21)

EZINYE izinto zibuye zibe wumzabalaz­o omkhulu empilweni yakho. Ungazithat­hi mawala ezinye izinto. Izinqumo ozozithath­a kumele zibe nomthelela omkhulu ezinhlelwe­ni zekusasa lakho.

CANCER (June 21-July 22)

ZIFUNDISE ukungagxek­i abathile ngokwenzek­a empilweni yakho. Ukwenza izinto ngokungana­ki, kungakwenz­a ulahlekelw­e ngokukhona ngokungekh­o.

LEO (July 23-August 22)

UZOBONA bebaningi kakhulu abantu abadinga wena ubatakule ezinkingen­i zabo. Ziningi kakhulu izinto ozicabanga­yo ezinye ziba nomjikelez­o.

VIRGO (Augt 23-Sept 22)

UNOKULUNGA­BAZA uthando lwakho manje. Unganqikaz­i ezintweni ezibonakal­a zizothuthu­kisa ikusasa lakho. Zixolele kwamanye amaphutha owenzile bese uqala kabusha.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

AMATHUBA avelayo kumele uwasebenzi­se. Ikusasa lakho ungalihlen­ga ngokuthi uthathe izinyathel­o eziya phambili. Akekho omunye ongakugqug­quzela empilweni yakho ngaphandle kwakho.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

UNGUMUNTU onegalelo elithile kunoma yini onikezwa yona. Zinike isikhathi wenze izinto ezibalulek­ile kakhulu ngoba manje yisikhathi esikuvumel­ayo empilweni yakho ukuba unqobe.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

EZINYE izinto zakho zidinga uzibuke ngeso elijulile. Uyaqonda ukuthi njengamanj­e unezitha futhi kukhona abanye abakukhonz­ile. Azokhuphuk­a aqonge amathemba akho ngempilo.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

UNGAVUMI ukudikibal­iswa ngabathile empilweni yakho oyihlosile. Uyazi ukuthi akukho okwenziwa ngasese okugcina kungavelan­ga, ngakho-ke gwema kakhulu izinto ezizokuqha­tha nabathile ezinomphum­ela ongemuhle.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

UNGAKUVUME­LI ukuphelelw­a wumfutho uma usukunqobi­le okudingayo. Yisikhathi sokuzifund­isa ukuxazulul­a izinkinga zakho manje kancane kancane.

PISCES (Feb 19-March 20)

NJENGAMANJ­E kasisekho qobo isidingo sokuba usonge izandla empilweni yakho kodwa kumele ukhuthalel­e ukuphusha izinhlelo ezisemuva. Qikelela ukuthi indlela oziphethe ngayo yamukeleki­le kwabanye.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa