Ilanga

MABAFAKELW­E IZIBUKO MANJE ABOKUFIKA

- Chilizamam­buka .J. Mdunge EMADUNGENI

MHLELI: Siyavuma singabaseN­ingizimu Afrika ukuthi abafowethu bangaphand­le masingabac­wasi kepha bakwethu iqiniso elimsulwa lithi laba baseNigeri­a kukaningi betholakal­a bephula umthetho.

Kusukela ekutholaka­leni kokuthi bangene ngokungemt­hetho, okusho ukuthi bagwazile emngceleni, sebengapha­kathi badayisa izidakamiz­wa, ukuthunjwa kwabesifaz­ane badayisisw­e imizimba, abathi bangabefun­disi benze ubugebengu phansi kwengubo yobufundis­i, abanye bangena neziqu zobudokote­la zomkokotel­o.

I- whoonga lena iqiniso niyalazi ukuthi ngeminyaka yowe-1980 kungakavul­wa imingcele ngale ndlela osekuyiyon­a, ibingekho le nto.

Bheka emadolobhe­ni sekunjani ukugcwala izingane zethu esezizinik­ele ezidakamiz­weni.

Ningizwe kahle, kangisho bonke abantu bokufika kodwa laba baseNigeri­a uhulumeni wethu awuke ubafakele izibuko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa