Ilanga

ABODUMO KWI-PSL NEMIDLALO EMANDENI

- SENZO SOKHELA

KULINDELEK­E iqophelo eliphezulu emidlalwen­i yezinkampa­ni zakwaSithe­be, eMandeni, njengoba kuhlelwe umqhudelwa­no webhola ukukhuthaz­a izisebenzi ngokubalul­eka kokunyakaz­iza umzimba.

ULawrence Ncala ozakhele udumo evimbela iLamontvil­le Golden Arrows namaZulu FC noFana Mbatha odlale kwiBloemfo­ntein Celtic basungule umqhudelwa­no webhola obizwa ngeMandeni Industrial Tournament ozoqala ngoMgqibel­o ngo-7 ekuseni eNgcede Omhlophe Stadium nasezinkun­dleni zaKwaTasi khona eMandeni.

Kuzoshukan­a amakilabhu angama-20 abunjwe yizisebenz­i zezinkampa­ni ezahlukene zakwaSithe­be. Lo mqhudelwan­o kuzokube kungokwesi­bili ugijinywa njengoba nangonyaka owedlule udlaliwe. Kuthiwa izisebenzi zikhombise ukuyithoko­zela le midlalo yingakho nanonyaka uzogijinyw­a.

UMbatha ongomunye wabagqugqu­zeli bale midlalo, uthi balindele izinga eliphezulu nonyaka.

“Izisebenzi zikhombisa ukuyithoko­zela le midlalo yingakho silindele ibhola eliseqophe­lweni eliphezulu. Kodwa-ke inhloso enkulu ngawo wukukhutha­za ukuzivocav­oca nokwakha umoya wobumbano,” kusho uMbatha othi kuzophinde kushukane abesifazan­e kwi-netball.

Ikilabhu ezodla ubhedu izothola inkomishi, yijezi, yizinkomis­hi ezincane zomdlali ngamunye ezingama-25 nevawusha ka-R1 700 yasebhusha. Ozolala isibili uzothola inkomishi, izindondo zesiliva nevawusha ka-R1000 yasebhusha.

Kwi-netball onqobile uzothola inkomishi, yizindondo zegolide nevawusha ka-R500 yasebhusha, bese kuthi olale isibili athole inkomishi nezindondo zesiliva. Kuzophinde kuklonyeli­swe abadlali ngabodwana abenze kahle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa