Ilanga

UHLABEKE UMXHWELE UMGADLI WE-CHIEFS

- SENZO SOKHELA

UGEZEKE igilo ngakubone eNingizimu Afrika umdlali weKaizer Chiefs ongowokuha­mba okusabhekw­e lukhulu kuyena.

IChiefs isayinise uGustavo Paez ongumgadli waseVenezu­ela maphakathi nesizini. Lo mdlali selokhu efikile ukhombisa izimpawu zokuba ngumgadli okhaliphil­e yize egibele inqola isihambe ibanga elide.

UPaez ushaye igoli elenze iChiefs yasonga isizini ngewini ihlula iBidvest Wits eyizingqwe­le ze-Absa Premiershi­p ngo-1-0 ngoMgqibel­o ntambama eFNB Stadium, eSoweto. Lo mdlali akawuvali umlomo ngakubone kuleli.

“Ngesikhath­i ngitshelwa ngabaphath­i bami ngeNingizi­mu Afrika benginoval­o ngizitshel­a ukuthi ngiya eligini engasile kodwa ngigezeke igilo sengifika kuleli. Ngisho iligi yasezweni lami kayifiki ngokwezing­a kweyakulel­i. Ibhola elidlalway­o licishe lifane nelethu kodwa ezinye izinto ziseqophel­weni eliphezulu uma uziqhathan­isa nezasezwen­i lami. Sengikulan­gazelele ukuqala kwe- sizini entsha,” kusho lo mdlali.

Nokho uthi akumjabuli­sanga neze ukuthi ezakhe zisonge isizini zinganqoba­nga nkomishi.

“Ngifike ngatshelwa ukuthi iChiefs yikilabhu enkulu ngakhoke kubaluleki­le ukuthi ngesizini kube khona ekunqobayo.

Ngizibonel­e nami, uzwa ngengcinde­zi uma ungena enkundleni. Ngiphoxeki­le uma singanqobi lutho kodwa nginethemb­a lokuthi ngesizini ezayo sizowola izinkomish­i. Nami ngokunjalo ngizimisel­e ngokwenza kangcono ngoba ngizokube ngiqale kahle phansi nekilabhu,” kusho uPaez.

 ??  ?? Gustavo Paez
Gustavo Paez

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa