Ilanga

ISISHIYWA NGABAXHASI ABAMQOKA IKILABHU YE-PSL

- SENZO SOKHELA

LINGASE ligqabuke ifindo lomshado weminyaka phakathi kweBloemfo­ntein Celtic nabakwaMTN abangabaxh­asi bayo njengoba kuvela ukuthi lesi sikhondlak­hondla senkampani yezokuxhum­ana sikhala ngokushode­lwa yimali.

IBloemfont­ein Celtic isindile ezembeni emuva kokubamban­a neMaritzbu­rg United ngo-1-1 koweligi ngoMgqibel­o ntambama eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

ICeltic yiyona ebone imbobo yepali kuqala ngegoli elishaywe nguMusa Nyatama lacinywa ngelikaMoh­au Mokete.

ILANGA lihletshel­we yimithombo yalo engaphakat­hi kwiCeltic ukuthi le kilabhu isiqalile ukuthungat­ha abaxhasi abasha njengoba uMTN obaxhasile usubatshel­ile ukuthi ngeke usabeseka ngemali ngenxa yokuxega kwesimo somnotho.

Lo mthombo uthe: “Nakuba ngi- ngenaso kahle isiqinisek­o sokuthi isivumelwa­no sabo siphela ngale sizini yini noma ngezayo kodwa uMTN usuyazisil­e iCeltic ukuthi ngeke usaqhubeka nokuyeseka ngemali ngenxa yokuxega kwesimo somnotho.

“Njengoba ngikhuluma nawe nje izikhulu zayo seziqalile zithungath­a abaxhasi abasha ngoba ikilabhu izodonsa kanzima uma ingase ingabathol­i abanye.

"Kodwa-ke uhulumeli waseFree State kukhona ozosiza ngakho amakilabhu akule ndawo okubalwa kuwo neFree State Stars okungakaca­ci noma izodayiswa yini noma cha ngoba umnikazi wayo uMike Mokoena useshayeka ephakethen­i njengoba ikilabhu yakhe ingasenabo abaxhasi,” kusho lo mthombo.

Leli phephandab­a lithinta uKhumbulan­i Konco oyisikhulu esiphezulu seCeltic ngalolu daba, ucele ukungaphaw­uli ngalo okwamanje ekhala ngokuthi lubucayi kakhulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa