Ilanga

Imizamo yoSuthu ingaqeda nya ngeThanda

Izikhulu kazifuni ukuphawula ngalolu daba

- MFANAFUTHI NDLOVU

IMIZAMO yabaphathi bamaZulu FC yokuthenga igunya leThanda Royal Zulu lokudlala kwi-Absa Premiershi­p kuputshuke ukuthi izoqeda nya ngegama lale kilabhu edume ngelamaBhu­besi uma kugcina ngokuvunye­lwana.

ILANGA lithole ukuthi izikhulu zoSuthu zisezingxo­xweni esezikuvut­hondaba nabaphathi beThanda ukudayisel­ana ngelungelo lokudlala esigabeni esikhulu. Kuthiwa uSuthu luzimisele ngokuhluka­na no-R60 million. USuthu luzophi- nda ludedele nelungelo lalo lokudlala kwiNationa­l First Division (NFD).

Kuthiwa kulo R60 million ozokhokhwa wuSuthu, uPierre Delvaux ongumnikaz­i weThanda uzothatha ingxenye enkulu yakhe bese ededela imali encane kwabambise­ne nabo kanjalo nelungelo lokudlala kwiNFD.

Kuthiwa izikhulu ezinamashe­ya amancane kaziyifuni nokuyizwa eyokuqhube­ka negama leThanda uma kugcina ngokuphasa lokhu kudayisela­na.

Kuthiwa zibona ukusebenzi­sa igama leThanda kuzonyanyi­sa na- kakhulu umphakathi waseRichar­ds Bay namaphethe­lo oseke le kilabhu kunzima itabalasa kwiNFD kwaze kwaba inyukela esigabeni esikhulu ngokuphela kwesizini.

Nokho abathintek­ayo kulolu daba kabafuni ukukhuluma ngalo kwazise bakholwa wukuthi kuzokwenza inkukhu igcine ingasabanj­wanga ekubeni amanzi okuyichuth­a esebila, nomumese wokuyinqum­a usuloliwe, namathe eseconsa.

AmaZulu FC kawamasha ekuthengen­i njengoba egijime ngelungelo leDynamos kaPat Malabela maphakathi neminyaka yezi2000, aphinda azama ukuthenga iMpumalang­a Black Aces ngesikhath­i egencwa yizembe ngesizini yezi-2014/2015 kodwa kawaze aphumelela njengoba esezama iThanda manje.

UDelvaux utshele abezindaba ngesikhath­i iThanda igcotshwa njengezing­qwele zeNFD ukuthi uzoyidayis­a uma engabathol­i abaxhasi ezeseka ngokuthi iphakethe libhobokil­e ngokuba sebholeni. UDelvaux ugcine engabuyela­nga kuleli phephandab­a ngomyalezo athunyelel­we wona ngalolu daba kanjalo noLunga Sokhela oyisikhulu esiphezulu soSuthu okuthiwa yibona abasingeth­e izingxoxo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa