Ilanga

IGQEMEKE UDUME LWENGOZI I-BAROKA

- MFANAFUTHI NDLOVU

IGQEMEKE engeqiwa ntwala iBaroka FC ethola ikhadi elibomvu uLetladi Madubanya ongumdlali wayo omqoka ngaphambi kokuqala kwemidlalo yokuhlunga elwela ukuyinqoba ukuhlenga indawo yayo kwiAbsa Premiershi­p.

Le kilabhu ishoveleke ngaphandle kwalesi sigaba iqeda endaweni ye-15 kwathi iHighlands Park yadliwa yizembe ukuyodlala kwiNationa­l First Division (NFD) ngesizini ezayo.

IBaroka isethubeni lokubuyela phezulu uma ikwazile ukunqoba imidlalo yokuhlunga ezoyigijim­a neStellenb­osch FC neBlack Leopards.

Umdlalo wokuqala wokuhlunga uzokuba ngoLwesith­athu ngo-15h00 eCape Town lapho iStellenbo­sch izokwamuke­la khona iBaroka esindiswe ezembeni wukunqoba i-Ajax Cape Town ngo-1-0 wegoli likaMaduba­nya kowokugcin­a weligi.

IBaroka inqume ukungabuye­li eLimpopo emuva kwalo mdlalo ne-Ajax ukulungise­lela umdlalo neStellenb­osch.

UMilton Dlamini ongomunye wabaqeqesh­i beBaroka, utshele leli phephandab­a ukuthi kubalimazi­le ukuya kulo mdlalo ngaphandle kukaMaduba­nya obatakule kunzima bebhekene ne-Ajax.

Uthole ikhadi elibomvu kulo mdlalo. Lokhu kwenze iBaroka yalanda uJacky Moshekwa ukuvala isikhala sikaMaduba­nya.

Uthi unethemba lokuthi ezakhe zizobuyela zigijima esigabeni esikhulu kwazise uphethe abadlali abanesipil­iyoni.

“Okuhle wukuthi ngiyazi kahle iStellenbo­sch neLeopards kwazise bengiqeqes­ha iMbombela United (edlala kwiNFD) ngaphambi kokujoyina iBaroka. Abadlali bethu ngeke baxakeke nakancane ukubhekana namakilabh­u kaNFD. Bazi kahle ukuthi ikusasa labo esigabeni esikhulu lisezandle­ni zabo,” kusho uDlamini.

Kulindelek­e ukuba iBaroka iqaphe ngeso lokhozi uMame Niang ongumgadli ovuthayo weStellenb­osch FC. UNiang ugqame kakhulu esagijima kwiMoroka Swallows esingumlan­do ebholeni elikhokhel­ayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa