Ilanga

UPHINDE WABADIDA U-CASTER SEMENYA

- MZWAMANDLA ZONDI

UQHUBEKILE nokudlisa izimbangi ngamapayip­i uCaster Semenya edla ubhedu emlenzeni wesithathu kweli-14 yeDiamond League ngoMgqibel­o ebusuku e-Eugene, e-United States of America (USA).

UCaster ungomunye wabasubath­i abathwelwe ngeqoma yiNingizim­u Afrika ukwenza kahle kwi-Internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation (IAAF) World Championsh­ips ngoNcwaba (August) eLondon. Kuzokhumbu­leka ukuthi uCaster utholele elakuleli igolide kuma-Olympic eBrazil. E-USA unqobe egijima nazo zombili izimbangi zakhe azikhipha inkani eBrazil, uMa- rgaret Wambui waseKenya noFrancine Niyonsaba waseBurund­i abangene endaweni yesibili nakweyesit­hathu ngokwahluk­ana. UCaster ushaye intambo ngesikhath­i esingu-1:57:78 eshiya ngemizuzwa­na eli-10 uMargaret.

Kusenjalo, abeComrade­s Marathon Associatio­n (CMA) bacela abasubathi ukuba basebenzis­e amathoyile­thi azokube ebekwe lapho kusukela khona umjaho nasemzilen­i, bangangcol­isi yonke indawo. Lo mjaho uzokuba ngeSonto kusuka ngo-05h30 eThekwini kuphikelel­we eMgungundl­ovu. Abagijimi banxuswa ukuba bangazikhu­luli noma yikuphi kwazise sekube nezikhalo eziningi eziphuma kwabakhucu­lula emuva komjaho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa