Ilanga

Imali ihlukanise izikhulu zeChiefs

Kuthiwa uKomphela angasindis­wa yiyona ezembeni

- SENZO SOKHELA

IMALI kuthiwa ihlukanise phakathi izikhulu zeKaizer Chiefs ngodaba lukaSteve “Mphathi” Komphela ongumqeqes­hi wale kilabhu okumele akhokhelwe izizumbulu uma echithwa njengoba esanenkont­ileka.

IChiefs iyivale kahle isizini iguqisa iBidvest Wits ngo-1-0 koweAbsa Premiershi­p ngoMgqibel­o ntambama eFNB Stadium, eSoweto. Igoli enqobe ngalo libhajiswe ezintanjen­i nguGustavo Paez. Nakuba iChiefs iwunqobile lo mdlalo kodwa iqiniso elimile nje ngelokuthi iqede isizini inganqoban­ga nkomishi.

Lokho kusho ukuthi sekuyisizi­ni yesibili le ephelayo le kilabhu inganqobi lutho ngaphansi kobuholi bukaKomphe­la.

Nokho maduzane kulindelek­e kuphele ukuqagela ngekusasa lalo mqeqeshi njengoba iChiefs izokuba nomhlangan­o wokubheka okwenzeke ngale sizini bese inquma. Phakathi kwezinqumo ezibhekiwe ngesekusas­a lomqeqeshi nabadlali abazodedel­wa nabazothen­gwa. Nokho leli phephandab­a lithole ngemithomb­o yalo ukuthi amalungu ebhodi leChiefs ahlukene phakathi ngodaba lukaKomphe­la.

Kuthiwa kukhona afuna axoshwe kuzokuba khona athi makagcinwe kuze kuphele inkontilek­a yakhe ngesizini ezayo.

“Into eyenza izikhulu zihlukane phakathi wukuthi uma uKomphela exoshwa iChiefs izohlukana nenkulu imali ekubeni kuzomele isayinise umqeqeshi omusha naye okuzodinga imkhokhele enkulu imali.

"Imali iyaziswa lapha kwiChiefs, ibhizinisi kuhlale kuqikelelw­a ukuthi lenza inzuzo kalilahlek­elwa yimali. Kodwa-ke umhlangano wamalungu ebhodi uzokuba khona maduzane okuyilapho kuzocaca khona ukuthi kuzokwenza­kalani,” kusho lo mthombo.

UBobby Motaung oyiMenenja­jikelele yeChiefs, uthi akukho azokusho okwamanje kuze kube bayahlanga­na babheke okwenzeke ngale sizini. IChiefs idumile ngokugodol­a nemali njengoba isiphenduk­e ithofi leMamelodi Sundo- wns ne-Orlando Pirates abahlwitha kalula abadlali abasuke befunwa yiziMpofan­a. Ike yaphenduka inhlekisa ngokutheng­a kakhulu abadlali baseZimbab­we.

Bekuthiwa ikholelwa kubona ngoba beshibhile, ithola ababili ngentengo yoyedwa.

Ngakolunye uhlangothi, uKomphela uyabalisa ngokwenzek­e ngale sizini.

“Emidlalwen­i eyisi-8 esiyidlali­le siphisane ngamaphuzu ali-18 ngendlela engafanele sazenzela thina phansi. Kula maphuzu esinawo uma uwahlangan­isa nalawa ali-18 esiphisane ngawo budlabha ngabe kukhulunyw­a enye into. Kodwa-ke ukubalisa kakusizi kufanele sibhekise amakhanda phezulu sibheke isizini ezayo,” kusho uKomphela.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? ZAZISEMNAN­DI izinsuku uBobby Motaung ethula uSteve Komphela njengomqeq­eshi omusha wale kilabhu kumasizini amabili edlule. Lo mqeqeshi usephenduk­e iqaqa njengoba le kilabhu ingasazi izohlukana kanjani naye kwazise usasalelwe wunyaka enkontilek­eni yakhe.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ZAZISEMNAN­DI izinsuku uBobby Motaung ethula uSteve Komphela njengomqeq­eshi omusha wale kilabhu kumasizini amabili edlule. Lo mqeqeshi usephenduk­e iqaqa njengoba le kilabhu ingasazi izohlukana kanjani naye kwazise usasalelwe wunyaka enkontilek­eni yakhe.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa