Ilanga

Izokhiwa ngamafosho­lo imali emidlalwen­i kaSpencer

Nomphakath­i wakwaNongo­ma uzozitika ngemidlalo yabe-PSL

- PHILANI NCALANE

INYUKILE imiklomelo kwizingqwe­le zeDerrick Spencer Soccer Festival ezokuba mhla zili-17 kuNhlangul­ana (June) eShowe High School.

Izingqwele zizogixabe­zwa ngoR50 000, inkomishi nejezi kuthi abahlulwe kowamanqam­u bahlomule ngo-R20 000, inkomishi nejezi.

Lo mqhudelwan­o ogubha iminyaka eyisi-9 wasungulwa, uhlelwa yiDerrick Spencer Foundation eholwa nguSpencer odlalele amakilabhu amaningi kuleli kubalwa iKaizer Chiefs, iMamelodi Sundowns neBidvest Wits ukubala nje ambalwa.

USpencer unxusa abazali ukufika nezingane njengoba kuzokuba nendawo ekhethekil­e yokujabuli­sa izingane. Uqinisekis­e ukuthi ezokupheph­a zizokube ziqine kakhulu. USpencer uthi uqoke ukufaka uhlelo lwezingane ukuze zizojabula njengoba zibhekene nokuntshon­tshwa nokubulawa.

Ngaphezu kwalokhu, uthi ufuna zijwayele ukubuka ibhola ukuze zingene kulona bese kwanda aba- ntu abazohamba ezinyathel­weni zakhe eShowe.

Ubonge kakhulu abaxhasi okubalwa kubona iKing Cetshwayo District, uMasipala waseMlalaz­i, umNyango WezeMidlal­o nabakwaABI.

Ngaphambi kwemidlalo kaSpe- ncer, umphakathi uzozitika ngeNongoma Profession­al Players Soccer Tournament ezokuba mhla zili-10 kuNhlangul­ana eLindizwe Sports Ground KwaNongoma. Lo mqhudelwan­o okuzodlala kuwona amakilabhu ali-16, uhlelwa ngabadlali baKwaNongo­ma abagijima kwiPremier Soccer League (PSL). Kubona kubalwa uThobani Mncwango wePolokwan­e City, uGoodman “Deco” Dlamini

weFree State Stars noNdabenhl­e Mthembu weRoyal Eagles. Lapha kuzokube kubangwa u-R20 000.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa