Ilanga

IGagasi FM lilandela abalaleli balo

- THANDI ZONDI tzondi@ilanganews.co.za

LIZIIMISEL­E ngokwenza umehluko emphakathi­ni nokwazi kangcono abalaleli balo ithimba elisakaza uhlelo lwasekusen­i i-I Love Mornings esiteshini somsakazo iGagasi FM.

UMzokoloko, uNonjab’s noHeazy banomkhank­aso wokuvakash­ela amalokishi ngenhloso yokuyozwa kubalandel­i bohlelo ukuthi yini abayithand­ayo ngohlelo lwabo nokuthi bangafisa kushintshe kuphi.

NgoLwesihl­anu leli thimba belivakash­ele eMbali, eMgungundl­ovu. Kabagcini ngokuxoxa nabalaleli kodwa bavakashel­a nezikole ngenhloso yokuyonike­la baphinde ba-gqugquzele abafundi.

“Sike sicele abantu kube yibo abasimemay­o ngasemakub­o. Uma sithatha isicelo siphinde sibheke nokuthi yindawo enezikole ezisesimen­i esinjani,” kuchaza uMzokoloko.

Uthi emini uma bevakashel­e izikole kabagcini ngokunikel­a kodwa basuke beyokwethu­la nezinkulum­o ezakhayo.

“Kubaluleki­le ukuba bazi ukuthi njengoba sesikuleli zinga esikulo nathi besinazo izingqinam­ba. Sibatshela ukuthi kakumele bavumele imuva labo kube yilo eliqagula ngekusasa labo,” kuqhuba uMzo.

Ukuze kube nenjabulo nokuthakas­a kwabantu ezindaweni abasuke bezivakash­ele babuye bakhethe noma ngabe iyiphi i-taxi bese bekhokhela bonke abagibeli abasuke bekuyo.

NgoLwesihl­anu baqhubeke baya eSpryt Lounge khona eMgungundl­ovu beyonethez­eka nabalaleli. Bangaphezu kuka-600 abantu abebekhona kanti bekukhona nabaculi abehlukene.

“Kasigcinil­e la sisazoqhub­eka nokuvakash­ela amanye amaloki- shi. Abalaleli sicela baqhubeke nokusimema , thina sizodonswa wubuningi bezicelo,” kuphetha uMzokoloko.

Kubaluleki­le ukuba bazi ukuthi njengoba sesikuleli zinga esikulo nathi besinazo izingqinam­ba. Sibatshela ukuthi kakumele bavumele ...

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNJABZ nomnikazi wendawo uMthokozi Duze nozakwabo eMgungundl­ovu.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNJABZ nomnikazi wendawo uMthokozi Duze nozakwabo eMgungundl­ovu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa