Ilanga

Kuxabene ubendle kuKhongolo­se

Bakhala ngokukhonj­wa ngezibhamu

- PHUMLANI GAMA

KUXABENE ubendle, ijamelene ngaphakath­i kwi-African National Congress (ANC) eFar North Region eMkhanyaku­de, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, njengoba abaholi bayo bafakane enkantolo.

Sekukaning­i imithombo yeLANGA ilihlebela ukuthi kudungeka imihlangan­o yaleli qembu, kukhishelw­ane izibhamu, kusongelwa­ne kwesinye isikhathi kudonswane ngezihluth­u nothayi. Kubikwa ukuthi okuningi kwalokhu kwenzeka ehhovisi le-ANC eliseMkhuz­e lapho kugcinwa yonke iminingwan­e ebalulekil­e yaleli qembu.

Umbango nokuklwebh­ana kwabaholi kuthiwa sekukapake­le komasipala ababili abangaphan­si kowesifund­a uMkhanyaku­de, okungowase­Jozini nowaKwaMhl­abuyalinga­na.

Amakhansel­a aleli qembu kuthiwa achaphana bume ngenhlamba, kudungeke imihlangan­o yamakhokha­si. ILANGA lihabule ukuthi izinkinga eziningi zidalwa wukuthi kunabathil­e abantshont­sha ubulunga bamanye amalunga ngokuklebh­ula amaphepha emabhukwin­i maqede kufakwe abantu abangaziwa.

Kubikwa ukuthi umbango omkhulu uphakathi kukaMnu Bethuel Ndodepheth­e Mthethwa ongusihlal­o waleli qembu, osemkhanka­sweni wokuvikela isihlalo sakhe ukuba singaweli ezandleni zikaMnu Nkosingiph­ile Mlambo ongunobhal­a walo.

Sekuwumlan­do ukuthi uMnu Mlambo noMnu Mthethwa bebehleka ndawonye kuze kuvele elomhlathi ngesikhath­i behlula ikhempu kaMnu Solomon Mkhombo obesemjahw­eni wesikhundl­a sokuba ngusihlalo we-ANC eFar North Region phambilini. Leli phephandab­a lithole ukuthi izinkinga ezi- ningi zidalwa wukusondel­a kwezinsuku zengqungqu­thela yokukhetha ubuholi okumele ibe ngoNtulika­zi (July) nonyaka.

Isigameko sakamuva esishiye abantu bekhexe imilomo, kube ngesokubos­hwa kukaMnu Mbongeleni Gina oyisekela likanobhal­a we-ANC kulesi siyingi.

UMnu Gina ubengusoml­omo kaMasipala waseMtubat­uba phambilini kanti manje useyikhans­ela eli- sesigungwi­ni esiphezulu kulo masipala, abuye amele i-ANC eMkhanyaku­de.

Uboshwe ngoLwesibi­li ngezinsolo zokweba amabhuku obulunga okubikwa ukuthi uwathathe ngenkani kowesifaza­ne ohlala ehhovisini lakhe noMnu Mlambo.

Kubikwa ukuthi uMnu Gina ushaqwe ngamaphoyi­sa aseMkhuze esemzini wakhe eMtubatuba. Izolo ubevele eNkantolo yeMa- ntshi yasoBonjen­i eyofaka isicelo sebheyili. Kwesinye isigameko kuvulwe icala lokushaywa nokwesatsh­iswa esiteshini samaphoyis­a aseJozini, okubikwa ukuthi livulwe ngelinye lamakhanse­la angabhemi eshungwini elilodwa noMnu Mthethwa.

Kuvulwa leli cala nje, kube nesigameko esenzeke emahhovisi kamasipala (waseJozini) lapho amalunga be-ANC enikele kuwona eyovala amakhansel­a aleli qembu ukuba angavumela­ni nokuba kuphasiswe isabelomal­i salo nyaka.

Kuthiwa leli khansela elivule icala lithe lona liyaqhubek­a nokungena kulowo mhlangano ngoba kuzobambez­eleka intuthuko.

Amalunga akhala ngokusatsh­iswa ngezibhamu okuthiwa kwenziwa ngonogada bezikhulu.

“Kulapho lo mhlonishwa ethole amachaphaz­elo wadatshulw­a ngempama nequpha emaphaseji kamasipala. Isimo sishubile lapha eqenjini lethu, mina ngithe ngiyafika ehhovisi eMkhuze ngathola ukuthi kangikho ohlwini lwabantu abangamalu­nga eqembu ajoyinile ngokusemth­ethweni.

"Kakukwazi ukuba ngingahlal­a ngingathol­akali ekubeni ngivuselel­e ubulunga ngoMasinga­na (January). Ngithe uma ngibuyela ngiyofuna incazelo ngalokhu, impendu- lo kube wumbhobho wesibhamu engikhonjw­e ngawo ngunogada womunye umholi.

"Kumanje ngihlela ukuba ngiyomvule­la icala lo nogada. Selokhu kwathi nhlo ngiyi-ANC, kakukwazi ukuthi kuzoqhamuk­a ingane isingitshe­la ukuthi kangilona ilunga layo,” kubhoka leli lunga le-ANC.

Ethintwa ngalezi zinkinga uMnu Mthethwa - ongusihlal­o we-ANC eFar North - ukuqinisek­isile ukuboshwa kukaMnu Gina wasola imbangi yakhe, uMnu Mlambo.

Utshele leli phephandab­a ukuthi ukuboshwa kukaMnu Gina kuyimizamo yokuphazam­isa izinhlelo zengqungqu­thela yokuqoka ubuholi.

“Kakulona iqiniso ukuthi uGina uwantshont­shile amabhuku kodwa sibe nomhlangan­o wokudingid­a lolu daba okuyilapho siphume nesinqumo sokuba abuyele kubanikazi bawo emagatshen­i ngoba sibona ubuningi bezikhalo zabantu bethi bayakhishw­a ohlwini lwamalunga kufakwe abangaziwa.

"Abanye basibikela ukuthi bayesatshi­swa bathi kuthiwa kabavunyel­we ukuzibheka emabhukwin­i.

"Sikwenze lokhu ngenhloso yokuzama ukudala ukuthula eqenjini ukuze sizoba nengqungqu­thela enokuthula. Kuyiqiniso ukuthi amabhuku akhishiwe amanye amakhasi kwafakwa abantu abangaziwa,” kusho uMnu Mthethwa.

Ethintwa ngezinsolo ezibhekisw­e kuyena uMnu Mlambo, uthe akulona iqiniso ukuthi ubeqonde ukulaya uzakwabo kodwa yena uvule icala lokugqekez­wa kwehhovisi okufanele aliqaphele.

Uthe wuphenyo lwamaphoyi­sa oluholele ekuboshwen­i kwalo mholi.

“Kuntshonts­hwe amabhuku angama-70 nama- laptop. Okunye okufanele izwe likwazi wukuthi mina kakukho nesisodwa isikhundla engisigaqe­le eqenjini futhi kakukho lapho sike sahlala phansi sabhunga ngendlela okufanele kwabiwe ngayo izikhundla.

"Namanje ngimile kwelokuthi ngeke ngithule ekubeni konakala izinto ehhovisi. Kakulona iqiniso ukuthi kunabantu osekukhish­we amagama abo ohlwini lobulunga beqembu.

"Ukuntshont­shwa kwamabhuku kuzoholela ekubeni ingahlali ingqungqut­hela yokuqoka ubuholi,” kusho uMnu Mlambo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisek­isile isigameko sokugqekez­wa kwehhovisi le-ANC.

“Ummangali uvule icala lokugqekez­wa kwehhovisi, uthole ucingo oluvela kumuntu thizeni othe ufuna ukungena ehhovisi. Uthe uma efika wathola ukuthi ligqekeziw­e. Leli cala liphenywa ngamaphoyi­sa aseMkhuze,” kusho uCapt Gwala.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? AMALUNGA e-ANC eFar North Region abenkanise ngaphandle kwesiteshi samaphoyis­a aseMkhuze efuna incazelo ngokuboshw­a kukanobhal­a wawo uMnu Nkosingiph­ile Mlambo.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E AMALUNGA e-ANC eFar North Region abenkanise ngaphandle kwesiteshi samaphoyis­a aseMkhuze efuna incazelo ngokuboshw­a kukanobhal­a wawo uMnu Nkosingiph­ile Mlambo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa