Ilanga

VUKA UZITHINTIT­HE

-

KUNAMAQINI­SO okuthi ukuba sasitsheli­we wona sasingeke sadelela futhi sasingeke sabaphakam­ela abanye abantu.

Kubuhlungu ukwazi ukuthi izinto esiyizona nesinazo ziqala ngezinyemb­ezi futhi ziphele ngezinyemb­ezi. Imoto kanokusho le onayo, mhlazane kuphela ngayo kuyoba yizinyembe­zi zodwa.

Umshado okuwona wawuqala ngezinyemb­ezi zenjabulo kodwa uma sekuya ngasekuphe­leni kuba yizinyembe­zi zobuhlungu. Kungaba yisehlukan­iso noma nje kube wukuthi kushone oyedwa phakathi kwenu kodwa nje iqiniso elimile lithi le nto iqala kamnandi kodwa futhi singalibal­ekeli elokuthi uma isiphela iphela kabuhlungu.

Kumnandi ukuba muhle, ubukeke abantu baze bakuncome kodwa nabo lobo buhle uma sebuphela, buphela ngezinyemb­ezi. Uyozwa umuntu owayemuhle ethi: “Yeka ngezikhath­i zami!” Elinye nje lamaqiniso esingalits­helwanga noma salitshelw­a kodwa sangalinak­a, ngelokuthi yonke into oyenzayo uyatshala futhi uyovuna kusasa.

Abantu abadala bavame ukuthi konke okwenzayo uzenzela wena. Uxoshisa abantu emsebenzin­i bengenzelu­tho nje, yazi ukuthi kusasa uzovuna. Ngikhuluma nje kunomuntu odonsayo ejele engenze lutho, uboshwa nje umuntu wabantu uqanjelwe amanga ngumuntu thizeni. Uma uqambela abantu amanga, uze wazi ukuthi nakhona lapho uyatshala, uyovuna ngelinye ilanga. Singakuxak­i isivuno mhla sifika kuwena ngelinye ilanga. Lapha empilweni amaqiniso esingatshe­lwanga wona asibulele. Zimbalwa izinto oyozivuna la emhlabeni kanti kawuzitsha­langa futhi yonke into oyitshalay­o iyomila ngesikhath­i ongasicaba­nganga.

Lapha emhlabeni sifana nomama abaphethe amageja beya emasimini. Bayazi-ke omama ukuthi ngeke watshala ummbila bese uvuna ubhontshis­i kodwa umuntu uvuna lokho akutshalil­e. Nathi singabantu siyatshala ngolimi lwethu futhi siyatshala nangezenzo zethu.

Ofundayo makaqaphel­e kanti nozwayo makezwe. Ungayenzi empilweni yomunye umuntu into ongeke wathanda ukuyibona yenziwa ngomunye umuntu kuwena. Yonke into oyenzayo, kungaba ngenhle noma embi, iyobuya kuwena ngelinye ilanga isiphindap­hindiwe. Singakhohl­wa wukuthi utshala uhlamvu olulodwa lommbila enhlabathi­ni kodwa uma usuvuna uvuna isikhwebu sommbila.

Nansi-ke into enhle nembi ngesivuno empilweni: izinto eziningi esizenzayo empilweni ziwela ezinganeni zethu. Ngeke sakubaleke­la ukuthi kunezingan­e eziphila kamnandi ngenxa yezinto ezinhle ezenziwa ngabazali bazo futhi singeke sakuziba ukuthi kunezingan­e zethu okwama impilo kuzona ngenxa yamaphutha ethu singabazal­i ngoba ngesinye isikhathi iBhayibhel­i liyasho ukuthi isibusiso noma isiqalekis­o sabazali siyehlela emadodanen­i abazali.

Ake ngikhulumi­se okomuntu nje: ngiqapheli­le njalo ukuthi kunobaba owashaya inkosikazi yakhe wayilimaza phambi kwezingane zakhe. Namhlanje izingane zalowo baba zihlukumez­a zibulala abantu besifazane, okuyinking­a enkulu esibhekene nayo ezweni lakithi kumanje. Kangithand­i-ke futhi kangifuni ukuyiphath­a le yomuntu wesifazane noma ekamama othi uma exabene nomakhelwa­ne bese ethuma izingane ukuthi ziyomlwela naye. Namhlanje lezo zingane kazinanemb­eza wokulwa nonina nanoma ngubani nje empilweni ozicasulil­e.

Kayikho into oyoyitshal­a ungayivuni. Wukuthi nje ngesinye isikhathi kakuvuni wena kodwa kuvuna izingane zakho.

UNkulunkul­u makasisize kuyinyanga yentsha ukuthi sikwazi ukuhlala nezingane zethu noma singazizal­i ezinye - thina singamaAfr­ika nezingane zikamakhel­wane ngezethu - masizitshe­le amaphutha esiwenzile empilweni ukuthi bekungafan­ele siwenze. Umzali wangempela ngovumayo ukuthi ube yisambulel­a, amathonsi ashaye yena angazishay­i izingane zakhe. Ngiyafisa uma isikhathi sivuma kuseyinyan­ga yentsha sikhulume nayo ukuthi empilweni ngeke wabusiseka uma abazali bakho noma nje abantu abadala ophila nabo bengakufis­elanga ukuthi ubusiseke. Noma nje mangithi uma bengakaze bakubusise, ngeke ubusiswe. Isibusiso kasizi ngabangani bakho kodwa uyosithola ngabantu abadala kunawe.

Empilweni sivuna esikutshal­ile. Masiqaphel­e ukuthi senzani, sibaphatha kanjani abanye abantu. Yonke into esiyenzayo iyobuya ize kithina, yehlele nakubantwa­na bethu. Ake ngiphinde ngithi yonke into iqala ngezinyemb­ezi bese iphetha ngezinyemb­ezi. * Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10. Siku110 Williams Road uma usuzofika eDalbridge Train Station. * Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuthi sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akululanga ukunibamba nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni. *UPastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando kwiLANGA LangeSonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa