UMUNTU MAKAYOSHAYA UMTHETHO KWAKHE
AKEKHO umuntu ohlupha njengendodakazi engafuni ukuyogana noma ukwakha nokuthenga umuzi wayo, ilokhu igade izindaba zabanewabo, hheyi! Enjalo lo muntu akapheli kubo, phathaphatha nangu ekhaya nosakabhudu lwakhe lwabashana. Uma esefikile kakuvumi futhi athule, uzofika abone izinto ezingahambi kahle zodwa, akukho neyodwa ayincomayo. “Hhayi kodwa umama bakithi uma esangcola kanje akasawashelwa ngani? Khona ukudla usakunikwa nje kodwa umama Nkosi yami?” esho egudle kumakoti.
Uma edlula lapho uyohlola igceke, usefana nemfolomane manje layikhaya, akazikhohliwe enepulazi. Uyomuzwa esekhuza ibhadi: “Yehheni isikhotha esingaka laph’ ekhaya, selokhu kwahamba mina kakusacentwa yini kodwa bandla! Sekusele kancane abantu uma beze laph’ ekhaya bamemeze bathi ‘sibambeleni izinyoka.’”
Akazi ukuthi akavele ngani ahoshe igeja acente yena sikhuthali esikhulu phela, ayeke ukugigiyela umntanomuntu lo ogane umnewabo. Yingakho nje ngibathanda lab’ obhuti abangafuni lutho ngomkabo, ababaphendulelayo uma sekubhilitile ukukhuluma kusisi wasemzini ngoba siyahlupha nathi bo, thina mijendevukazi, siyathanda ukulawula, sinesipepe thumashi! Umuntu asho ngesikhulu isibindi leso athi: “Ngeke ngithule izinto zonakala emzini kababa.”
Usho sengathi lukhulu lonakele ngoba nakhu nje efuna ukushayela isitembu sokuthi kukubo, umakoti yena yisifiki. Uthole noma kulungiselelwa umcimbi kubo nguyena phambili efuna kunikwe yena imali yokufudumezela utshwala, hhayi bo! Kunomakoti nje laph’ ekhaya okumele anike igunya lokulungiselela, thina madodakazi selekelele kuphela hhayi sibe ngo-ngqa phambili okomchamo wasekuseni. Kusegazini kodwa ukupikla kithina besifazane. Kuke kubangwe ngisho ukuthi uyaya yini enkonzweni, ubala lwento, umama wakulowo muzi agcine esechazisisa ukuthi phela la kukwakhe, obonayo ukuthi usengakumela ukushaya umthetho makayowushaya kwakhe naye.
Yena uma ebuka izingane zakhe usazibonela abantwana nje okumele abatshele ukuthi mabenzeni, yize amadodana akhona esenezintshebe namadodakazi akhe ngomthetho sekumele engabe kade aba semizini yawo kodwa umama cha, uzibonela ikhreshi yakhe. Isuka lapho-ke inkinga, kuphikiswane, kupiklelwane kuze kucace ukuthi sonke sesizishaya inqulu ngokuthi sibadala, kumele ngabe ezabafana sezikhishwe amanxiwa ezamantombazane zaya emganweni kodwa cha, sisaficana laph’ ekhaya uma kungamaholidi, naba nabashana bayasiqhatha la, hheyi!
Omunye umkhozi wami uke wavuka ekuseni ngePhasika leli esibuya kulona waxoxa ukuthi kade exabana nonina bebanga ukuthi kumakhaza kepha unina uthi zonke mazibheke enkonzweni yePhasika.
Uthi-ke umkhozi lo uzabalaze impela wacishe wakhipha i-ID efuna ukukhombisa unina ukuthi naye usemdala manje ngakho-ke makanikwe ithuba lokukhetha ukuthi uyaya na enkonzweni noma cha.
Ekugcineni unina ugcine eshaqa izingane zakwabo ezincane, baphuma baya enkonzweni, wahonga lo ozibona esemdala.
Ziyafika-ke lezo zikhathi la umzali ake athi uyakhalima ngendlela yakhe ethi makuyiwe le ubone ukuthi le nto ayishoyo kayisahambelani nawe. Uyaye agcine umama esefuna ukubukwa-ke, ekukhumbuza ukuthi phela la kukwakhe futhi nje kukhala esakhe isicathulo. Umuzwa esekikiliza ethi: “Kukwami la, umuntu ozibonayo ukuthi useyintombi useqagulisana nami makaye kwakhe naye, ngisale mina la kwami.”
He-hee-heee ngoba ave besipensela omama ngamakwabo. Kithi besike simsukele ngamabomu nje umama sidaze inkani bese kuthi la eseqala khona ukufudumala, eseqala ukushaya lezi zaga zabo zokubhensa ngokuthi kusemizini yabo, sisheshe simkhumbuze ukuthi thina-ke kukithi la, yena uyisifiki esazogana, avele abohle lehle negwebu. Kusuke kuntelwa-ke emakhaya uma sekutshelwana lezi, kufana nobaba ave bethanda ukugcona amadodana abo bewatshele ukuthi uma esezibona ukuthi aseyabhonga asenebhesi, mawahambe ayosebenza.
Ngikhumbula ukuthi umamkhulu nje ubeke atshele izingane zakhe zabafana ukuthi: “Ningibuke kahle mina, anginakufukuza ngiwashelane nani izitsha ngoba owami umyeni usalala ethuneni ngaphandle komuzi (esho elikhomba ithuna). Umuntu ozibonayo ukuthi usena”malokhunjana” aluhlaza, makaganwe athole ukuwashelwa nokuneswa ngamathileyi ngumkakhe. Ngangivele ngihleke ngisole sengathi umamkhulu useziphathelwe wukuhalela ukuba nomakoti nje, phela bathanda kabi ukubekelwa ethileyini onkabi laba, mhlawumbe kwakusuke kuyindlela yakhe yokubuza ukuthi: “Kanti umthetho wenu niganwa nini ngike ngiphumule nami,” kwazise wayezele abafana bodwa.
UThobile Nxumalo nguMhleli oMkhulu weLANGA. Ungaxhumana naye ku: Thobile.Nxumalo@ilanganews.co.za noma editor@ilanganews.co.za. Ukhona nakuFacebook: Thobile Nxumalo, kwiTwitter: @ThobileNxumalo nakwi-Instagram: nxumalo_r_nxumalo