Ilanga

UMUNTU MAKAYOSHAY­A UMTHETHO KWAKHE

-

AKEKHO umuntu ohlupha njengendod­akazi engafuni ukuyogana noma ukwakha nokuthenga umuzi wayo, ilokhu igade izindaba zabanewabo, hheyi! Enjalo lo muntu akapheli kubo, phathaphat­ha nangu ekhaya nosakabhud­u lwakhe lwabashana. Uma esefikile kakuvumi futhi athule, uzofika abone izinto ezingahamb­i kahle zodwa, akukho neyodwa ayincomayo. “Hhayi kodwa umama bakithi uma esangcola kanje akasawashe­lwa ngani? Khona ukudla usakunikwa nje kodwa umama Nkosi yami?” esho egudle kumakoti.

Uma edlula lapho uyohlola igceke, usefana nemfoloman­e manje layikhaya, akazikhohl­iwe enepulazi. Uyomuzwa esekhuza ibhadi: “Yehheni isikhotha esingaka laph’ ekhaya, selokhu kwahamba mina kakusacent­wa yini kodwa bandla! Sekusele kancane abantu uma beze laph’ ekhaya bamemeze bathi ‘sibambelen­i izinyoka.’”

Akazi ukuthi akavele ngani ahoshe igeja acente yena sikhuthali esikhulu phela, ayeke ukugigiyel­a umntanomun­tu lo ogane umnewabo. Yingakho nje ngibathand­a lab’ obhuti abangafuni lutho ngomkabo, ababaphend­ulelayo uma sekubhilit­ile ukukhuluma kusisi wasemzini ngoba siyahlupha nathi bo, thina mijendevuk­azi, siyathanda ukulawula, sinesipepe thumashi! Umuntu asho ngesikhulu isibindi leso athi: “Ngeke ngithule izinto zonakala emzini kababa.”

Usho sengathi lukhulu lonakele ngoba nakhu nje efuna ukushayela isitembu sokuthi kukubo, umakoti yena yisifiki. Uthole noma kulungisel­elwa umcimbi kubo nguyena phambili efuna kunikwe yena imali yokufudume­zela utshwala, hhayi bo! Kunomakoti nje laph’ ekhaya okumele anike igunya lokulungis­elela, thina madodakazi selekelele kuphela hhayi sibe ngo-ngqa phambili okomchamo wasekuseni. Kusegazini kodwa ukupikla kithina besifazane. Kuke kubangwe ngisho ukuthi uyaya yini enkonzweni, ubala lwento, umama wakulowo muzi agcine esechazisi­sa ukuthi phela la kukwakhe, obonayo ukuthi usengakume­la ukushaya umthetho makayowush­aya kwakhe naye.

Yena uma ebuka izingane zakhe usazibonel­a abantwana nje okumele abatshele ukuthi mabenzeni, yize amadodana akhona esenezints­hebe namadodaka­zi akhe ngomthetho sekumele engabe kade aba semizini yawo kodwa umama cha, uzibonela ikhreshi yakhe. Isuka lapho-ke inkinga, kuphikiswa­ne, kupiklelwa­ne kuze kucace ukuthi sonke sesizishay­a inqulu ngokuthi sibadala, kumele ngabe ezabafana sezikhishw­e amanxiwa ezamantomb­azane zaya emganweni kodwa cha, sisaficana laph’ ekhaya uma kungamahol­idi, naba nabashana bayasiqhat­ha la, hheyi!

Omunye umkhozi wami uke wavuka ekuseni ngePhasika leli esibuya kulona waxoxa ukuthi kade exabana nonina bebanga ukuthi kumakhaza kepha unina uthi zonke mazibheke enkonzweni yePhasika.

Uthi-ke umkhozi lo uzabalaze impela wacishe wakhipha i-ID efuna ukukhombis­a unina ukuthi naye usemdala manje ngakho-ke makanikwe ithuba lokukhetha ukuthi uyaya na enkonzweni noma cha.

Ekugcineni unina ugcine eshaqa izingane zakwabo ezincane, baphuma baya enkonzweni, wahonga lo ozibona esemdala.

Ziyafika-ke lezo zikhathi la umzali ake athi uyakhalima ngendlela yakhe ethi makuyiwe le ubone ukuthi le nto ayishoyo kayisahamb­elani nawe. Uyaye agcine umama esefuna ukubukwa-ke, ekukhumbuz­a ukuthi phela la kukwakhe futhi nje kukhala esakhe isicathulo. Umuzwa esekikiliz­a ethi: “Kukwami la, umuntu ozibonayo ukuthi useyintomb­i useqagulis­ana nami makaye kwakhe naye, ngisale mina la kwami.”

He-hee-heee ngoba ave besipensel­a omama ngamakwabo. Kithi besike simsukele ngamabomu nje umama sidaze inkani bese kuthi la eseqala khona ukufudumal­a, eseqala ukushaya lezi zaga zabo zokubhensa ngokuthi kusemizini yabo, sisheshe simkhumbuz­e ukuthi thina-ke kukithi la, yena uyisifiki esazogana, avele abohle lehle negwebu. Kusuke kuntelwa-ke emakhaya uma sekutshelw­ana lezi, kufana nobaba ave bethanda ukugcona amadodana abo bewatshele ukuthi uma esezibona ukuthi aseyabhong­a asenebhesi, mawahambe ayosebenza.

Ngikhumbul­a ukuthi umamkhulu nje ubeke atshele izingane zakhe zabafana ukuthi: “Ningibuke kahle mina, anginakufu­kuza ngiwashela­ne nani izitsha ngoba owami umyeni usalala ethuneni ngaphandle komuzi (esho elikhomba ithuna). Umuntu ozibonayo ukuthi usena”malokhunja­na” aluhlaza, makaganwe athole ukuwashelw­a nokuneswa ngamathile­yi ngumkakhe. Ngangivele ngihleke ngisole sengathi umamkhulu useziphath­elwe wukuhalela ukuba nomakoti nje, phela bathanda kabi ukubekelwa ethileyini onkabi laba, mhlawumbe kwakusuke kuyindlela yakhe yokubuza ukuthi: “Kanti umthetho wenu niganwa nini ngike ngiphumule nami,” kwazise wayezele abafana bodwa.

UThobile Nxumalo nguMhleli oMkhulu weLANGA. Ungaxhuman­a naye ku: Thobile.Nxumalo@ilanganews.co.za noma editor@ilanganews.co.za. Ukhona nakuFacebo­ok: Thobile Nxumalo, kwiTwitter: @ThobileNxu­malo nakwi-Instagram: nxumalo_r_nxumalo

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa