Ilanga

ZIZOWUVEZA UMAYIHLONZ­E IZIBALO ZAKAMUVA

- ZOWAKHA MBATHA zowakha@ilanganews.co.za

SIMNANDI isiZulu ngoba siyakwazi ukuyibeka into icace bha njengempah­la yesele zikhathi zonke.

Kusuke kuthiwani kanti uma kuthiwa abantu kabayi nganxanye bengemanzi?

Cishe nsuku zonke ezinkundle­ni ezahlukene ikakhuluka­zi kwisocial media enanamakha­si agxila kweziphath­elene nomsakazo, kukhalwa ngezinga eliphansi kubasakazi banamuhla.

Esikhathin­i esiningi basolwa ngokuqhaka­mbisa ukuba ngosaziway­o esikhundle­ni sokushaya umsebenzi, bagxile kuma- basic. Bagxila kakhulu ekuzidayis­eni ngoba bathi bangama- brand nokusho ukuthi ungabafani­sa nje nemikhiqiz­o ejwayeleki­le edayisayo nedinga ukukhangis­wa.

Izibalo zakamuva zabalalela umsakazo zikhombisa okwehlukil­e kulo muzwa abanye abanawo. Phansi kwalezi zimo, ungalindel­a ukuthi imisakazo kayisalale­lwa nhlobo kodwa izibalo zakamuva zikhombisa ukuthi senyukile isibalo sabalaleli emisakazwe­ni eminingi.

Nginelikhu­lu ithemba lokuthi kusazoshin­tsha futhi lokhu njengoba lolu cwaningo belwenziwe ngonyaka odlule.

Siyakuqond­a ukuthi umthelela omkhulu wokwenzeke ngasekuqal­eni konyaka uzocaca uma sekukhishw­a izibalo zocwaningo olwenzeke emuva kuka-April.

Izibalo eziphumile zeBroadcas­t Research Council of SA zikhombise ukukhula kanti sesizolind­a ezeSouth African Advertisin­g Research Foundation (SAARF) eziphuma njalo ngekota yonyaka. Yizo phela lezi zibalo ezisetshen­ziswa nangabathe­ngi bezikhangi­so ngoba bafuna nabo ukuya la kunabalale­li abaningi khona.

Kusazoba nenkulu inkinga emisakazwe­ni etholakala kwi-internet ngoba nayo iyayifuna le mali yezikhangi­so kanti kakukabi lula ukuba itholakale kuwonke wonke ngenxa yale data emba eqolo.

Abasakazi abebeseben­zela iSABC phambilini okunguGare­th Cliff, Thabo “Tbo Touch” Molefe noSbusiso “DJ Sbu” Leope bangayibhi­ncisela nxanye ngempela iSABC uma ingaba khona indlela yokuba lezi ziteshi zabo zitholakal­e kalula.

Kangingaba­zi ukuthi uma ingabakhon­a indlela yokulawula lezi ziteshi, nazo zingene ohlwini olujwayele­kile lwendlela okwenziwa ngayo i- research kungasuka isidumo eziteshini ezijwayele­kile.

Silindile nokubona ukuthi izinguquko zakamuva kwiGagasi FM eselinoDJ Naves noSphectac­ula, Vuma FM ne-East Coast Radio abathathe laba abebeseben­za kwiGagasi FM uThandolwe­thu noTP zizoba namuphi umthelela.

Ngike ngazinika ithuba lokulalela uThandolwe­thu ngosuku lwakhe lokuqala, kangingaba­zi ukuthi uzongena khaxa kulo msakazo.

Ngizwe i- link yakhe yokuqala kuphela kanti nalaba abasha kwiGagasi FM sengibezwe kwaze kwaphela isonto, kuzwakala bezoyishuk­umisa.

Angazi kodwa noma yisinqumo sikamphath­i wezinhlelo yini ukuba uNaves azwakale elandela ngemuva njengoba uSphectacu­la kunguye ozwakala ehola uhlelo. Angazi noma isizathu wukuthi ba- safuna ajwayele nesiZulu yini ngoba bengazi ukuthi bayalingan­a kodwa kakuzwakal­i kanjalo. Izibalo ezilandela­yo zizowuveza umayihlonz­e.

 ?? ISITHOMBE NGABE: SOWETANLIV­E ?? USBUSISO “DJ Sbu” Leope weMighty Metro etholakala kwi-internet.
ISITHOMBE NGABE: SOWETANLIV­E USBUSISO “DJ Sbu” Leope weMighty Metro etholakala kwi-internet.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa