Ilanga

UMKOKSTAD UZOKWETHUL­A ICWECWE

- LUCKY CAIN

ISILOMO somculi wowokholo, uDumi Mkokstad ( osesithomb­eni), sizokwenza okwehlukil­e sethula i-album yaso yesi-8 sisemkhakh­eni womculo.

UMkokstad utshele ILANGA LeTheku ukuthi uzobe eqala ngqa ukwenza umcimbi wokwethulw­a kwe-album yakhe kusukela aqala ukucula.

Uthi ukhethe ukwethula le album yakhe esihloko sithi “Egameni LikaJesu” ngokwenza umcimbi ohambisana nomkhuleko eThekwini Community Church, enkabeni yeTheku kusasa ngoLwesihl­anu kusukela ngelesithu­pha kuze kuse.

“Kusukela ngaqala ukucula angikaze ngenze umcimbi wokwethula i-album ngakho ngibone ukuthi kule ngenze okwehlukil­e. Inhloso enkulu wukuba kube nomkhuleko lapho izokhuleke­lwa khona ngabalande­li bami nabefundis­i bamabandla ahlukene,” kuchaza lo mculi oseke wahlabana ngenqwaba yezindondo.

Uthi kubaluleki­le ukuba njengoba becula umculo wowokholo baqhube phambili umkhuleko njengoba kunabantu abasebenzi­sa izingoma zabo ukuxhumana noMdali.

“Izingoma zethu ziwukudla komphefumu­lo kubantu abaningi njengoba zakha futhi ziduduza. Kuhle ukuba sibeke uNkulunkul­u phambili kukho konke esikwenza- yo,” kusho lo mculi.

Uthi emcimbini wakusasa ngoLwesihl­anu ubophele abaculi okubalwa kubo uBatusile, uHlengiwe Mhlaba, Thobekile, Thinah Zungu, Ayanda Ntanzi, Nathi noNkanyiso, Butho Vuthela nabanye abaningi. .

UMkokstad uphethe ngokunxusa abantu ukuba baphume ngobuningi njengoba kuzobe kungenwa ngokutheng­a iCD emnyango. I-CD yakhe isiyathola­kala ezitolo ezidayisa umculo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa