Ilanga

Ijabhise osokhaya iThongathi FC

Iyiqale ngempumele­lo eyokuhlung­ela i-NFD

- MFANAFUTHI NDLOVU

IYIQALE ngegiya eliphezulu iThongathi FC eyithemba leKwaZulu-Natal imidlalo yeSouth African Football Associatio­n (Safa) ABC Motsepe League National Play-Offs iguqisa osokhaya i-Eastern Cape Bees ngo1-0 izolo ngoLwesith­athu eBuffalo City Stadium, e-Eastern Cape.

Igoli enqobe ngalo iThongathi FC lingqofelw­e enethini nguXolani S’lawula ngomzuzu wesihlanu.

Le midlalo yokulwela ukunyukela kwiNationa­l First Division (NFD) izosongwa ngeSonto.

Uma iThongathi FC igcina ngokuyinqo­ba le midlalo izokuba yikilabhu yesine ukumela iKwaZulu-Natal kwiNFD ngemuva koSuthu, yiRo-yal Eagles neReal Kings.

UKwenzakwa­khe Ngwenya omele iSafa esifundazw­eni, utshele ILANGA izolo ukuthi iyancomeka indlela eyiqale ngayo le midlalo iThongathi FC.

“Ngijabule kakhulu ngendlela abalidlala ngayo ibhola, bakhombisi­le ukuthi bazokuba yingozi enkulu uma bezobhekis­a phansi amakhanda bangakhukh­umali.

Ukuqala kahle kuyibeka ethubeni lokunyuka yize unzima umdlalo olandelayo neZizwe United yaseWester­n Cape,” kusho uNgwenya.

Lo mdlalo uzokuba namuhla ngoLwesine.

Nyakenye iKwaZulu-Natal ibimelwe yiReal Kings United kule midlalo ebiseBloem­fontein. Kumanje iKings idlala kwiNFD.

IThongathi FC kumele igade uMpho “Song” Erasmus noSiyabong­a Nontshinga abangafuni­seli ngegoli.

U-Erasmus ushaye amagoli ali19 kwiligi yaseWester­n Cape kanti nayizolo ushaye amane.

Le kilabhu icijwa nguJulius “JD” Dube oke waqeqesha iChippa United.

Imiphumela yayizolo ngoLwesith­athu imi kanje: EC Bees 0, Thongathi FC 1; Zizwe United 5, Mainstay United 0; Maccabi 1, Super Eagles 2; The Dolphins 0, Acornbush United 3.

Imidlalo ezokuba namuhla ngoLwesine imi kanje:

EJan Smuts: EC Bees vs Mainstay United 09h00, Zizwe United vs Thongathi FC 11h00, Acornbush United vs Buya Msuthu 13h00, The Dolphins vs Super Eagles 15h00. KUSASA NGOLWESIHL­ANU EJan Smuts: The Dolphins vs Gauteng Champions 12h30, Thongathi FC vs Mainstay United 15h00.

ESisa Dukashe: Super Eagles vs Buya Msuthu 12h30, Zizwe United vs EC Bees 15h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa