Babambise ngetayitela "beqolwa" ngosaziwayo
Bekuthiwa bazokhonga bashaye nengoma
UYAVEVA umndeni wakwaNdimande eQuarry Heights, enyakatho yeTheku othi uqolwe u-R40 000 ngowesilisa esebenzisa amagama omasikandi abadumile eNingizimu Afrika nosaziwayo kwezemicimbi yezenkolo.
Lona wesilisa ongu-Ayanda “Sxoxodade” Makhathini, othi ungumculi kamasikandi waKwaMaphumulo, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, uthembise ukuyocela indodakazi yalo mndeni, uNkz Bathobile Ndimande (19), ambese aphinde azishaye zonke kwindumezulu yomcimbi ebizoba kwaNdimande mhla zingama-26-28 kuNhlaba (May).
Ngokusho kukanina kaBathobile, uNkz Simangele Ndimande, u-Ayanda uthe abakhongi bakhe bekuzoba ngabaculi bamasikandi, uThokozani "Somnandi" Langa noAli Mgube.
Laba baculi uthe ngeke bagcine ngokumkhongela kodwa bazophinde banandise uma sekwembeswa. Uthe bebetshelwe ukuthi umakoti uzogqokiswa nguNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongumsunguli weGospel Powerhouse ehlela iSABC Crown Gospel Awards ehambisana noBuselaphi Gxowa, obecula phambili eqenjini likamasikandi iMithente phambilini.
Ngempelasonto eyandulela eyosuku lokucela isihlobo esihle, zili19 kuNhlaba, uNkz Ndimande uthi indodakazi yakhe ibiyoqoma ngokwesintu kwaMakhathini, bathenga izingubo zokulala nezitsha kwafika kwembeswa iphelezelwa ngamantombazane.
“Kuthe ngemuva kwalo mcimbi umkhwenyana wathumela izithombe ezinesiphihli sengozi wathi yenzeke eStanger. Uthe kushone abantu bakubo abali-7, umcimbi ngeke usaba khona kuze kungcwatshwe. Ucela uhlehle umcimbi ube mhla zili-10 kuNhlangulana (June).
"Uphindile wafona wathi yena njengoba engumculi, akafuni umcimbi ube sezingeni eliphansi. Ube esecela ukuba sikhiphe u-R10 000 wokuba kuthungelwe uBatho ingubo azoyigqoka ngomcimbi, ezothungiswa eGoli. Nempela uthumele udadewabo wazoyilanda le mali. Kuthe esehambile wathumela umyalezo ethetha ethi kunabantu abasabisa udadewabo abathi bafuna u-R1 000 kule mali ayiphethe, bayazi ukuthi ubeyolanda imali. Kuthe uma simfonela udadewabo wathi kayikho leyo nto, umfowabo unamaphaphu aphezulu, labo bantu bebemsabisa futhi usezofika yena kubo uhambe kahle. Uphindile wafona umkhwenyana wathi udadewabo ubanjwe yizigebengu inkunzi edolobheni eStanger, akafikanga ekhaya naleyo mali. Yilapho esiqale khona sa- bona ukuthi kukhona okushaya amanzi ngalo muntu,” kuchaza uNkz Ndimande.
Uthi njengoba ebelokhu eqhubeka ebafonela eqinisekisa ukuthi bayeza, baqhubekile namalungiselelo omcimbi bamema nabantu. Kuthe ngoMgqibelo ekuseni ngosuku okumele baye ngalo abakhongi kwaNdimande, wafona u-Ayanda esethi uBathobile makagibele bahlangane eMgungundlovu bayothenga izimpahla, ngokusho kukaNkz Ndimande.
“Kusididile nje lokho ukuthi bazithenga kanjani izimpahla ngosuku okumele beze ngalo. Amalunga omndeni anqabile wagcina engahambanga. Lo mfana usimoshe kabi njengoba sigaye utshwala saboleka nezimali zabantu ngoba sithi bayeza. Kumanje nje ngibambise ngetayitela lomuzi wami komunye obengiboleke imali yokuthenga ukudla komcimbi. Kuduma ikhanda kangazi ukuthi ngizokwenzenjani ngoba kangisebenzi,” kuzikhalela uNkz Ndimande.
Ekhuluma neLANGA uBathobile, uthe uqale ukuthandana noAyanda efunda uGrade 10. Uthi ubengamazi njengomuntu oyiqola kodwa usexakekile uma sekunje.
Uthi umyekise nesikole kulo nyaka wathi ufuna azibambele yena mathupha kulo mcimbi wabo, engalokhu ethumela abantu ngoba esesikoleni.
Ethintwa uSomnandi, uthe akamazi nokumazi lo Sxoxo. Uthe yena useSoweto emcimbini kanjiniyela wakhe omhlanganisela izinsimbi.
“Umuntu engike ngamkhongela yinsizwa yakwaMawelela eJozini eyeza yazongicela ekhaya. Kangimazi nhlobo lo mfo kaMakhathini,” kusho uSomnandi.
UMgube uvele wahleka usulu wathi: “Hawu! Ngikhongela bani?
"Hheyi kangimazi lo muntu okhuluma ngaye, akekho umuntu oke wangicela into enjalo."
UBuselaphi obekuthiwe uzogqokisa umakoti, uthe uyazwelana nomndeni ogilwe yiqola.
"Kangimazi umuntu wesilisa okuthiwa nguSxoxo. engimkhumbulayo onaleli gama ngowesifazane, naye owayethe uhlela umci-
mbi ngobaba uNelson Mandela kodwa sagcina simbambile ukuthi uyiqola. Umndeni mawuphephise, yaze yabuhlungu le nto ewuvelele,” kusho uBuselaphi.
UZanele Mbokazi-Nkambule ubuze intatheli ukuthi iyazizwa yini ukuthi ikhuluma nobani.
“Mina nginguZanele, ngihlanganaphi nomasikandi? Umakoti ugqokiswa wumndeni mina ngingena kuphi lapho? Kangiyazi leyo nto,” kusho yena.
Ethintwa yiLANGA u-Ayanda, ucingo lubanjwe ngowesifazane othe basendleleni, umnikazi wocingo akakwazi ukukhuluma ngoba uyashayela. Kuthe esephinda ethintwa, wathi impela bekufanele ubekhona lo mcimbi kodwa wabhedelwa ngabasekhweni lakhe bangayithumela indodakazi yabo ukuyoguqa kubo.
Uthe uma intombi iyoguqa ifika ngoLwesihlanu imbese bese ikhipha negilosa yasekhaya kuthi ngakusasa ihambe nabakhongi sekuyocelwa.
“Bathe kabanayo imali yokumthengela izimpahla. Njengoba bengithi ngifuna sihlangane naye eMgungundlovu nje, bengifuna ukuthenga lezo zimpahla abazoza nazo ekhaya kodwa kwangenzeka.
"Mina kangizange ngithinte maphepha njengoba bona sebenza nje. Nathi besigayile ekhaya sahlaba ngisho imbuzi yokuthi uzothi uma efika simamukele, sathenga nokudla," kusho yena.
Uphikile ukuthi abakhongi bakhe ngoThokozani Langa ongumculi no-Ali Mgube. Uthe ngomunye uThokozani Langa osebenza emayini eGoli ubezobe ephelezelwa ngo-Anton Mgube waseMzinto, hhayi u-Ali ongumculi. Uma ecelwa izinombolo zalaba bakhongi bakhe, uthe kazikho kumakhalekhukhwini wakhe makathintwe nge-zithuba ze-15h00 uzozibheka kwi-dayari esendlini. Ebuzwa ngoBuselaphi noZanele, uvele wavala ucingo. Esethintwa ucingo lwakhe ubeseluvalile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe umndeni kufanele uvule icala esiteshini samaphoyisa esiseduzane.
“Uma amaphoyisa engabavuleli icala, kumele bacele ukukhuluma nomasiteshi ngoba kawukwazi ukuvele uye enkantolo yamacala aphathelene nezimali ungalivulanga icala,” kusho uLt Colonel Zwane.