Ilanga

UVALO EZISEBENZI­NI ZIKAMASIPA­LA OSUYISIGOD­I SOKUFA

- ANDILE MOSHOESHOE

SEKUQUBULE itwetwe ezisebenzi­ni nasemakhan­seleni ukufa kwabantu ngapha nangapha kuMasipala waseMzimkh­ulu, eningizimu yeKwaZulu-Natal.

Isehlakalo sakamuva esixegisa amadolo ezisebenzi­ni nasemakhan­seleni, okumanje ayinqikaza ukuya emsebenzin­i ngoba esaba ukuthi angase alandele ozakwabo, ngesokusho­na kukaNkz Florence “Mama Flo” Nene ( osesithomb­eni) okubikwa ukuthi imoto yakhe iphaphalaz­e yaphuma emgwaqweni ngaseRichm­ond, maphakathi neKwaZuluN­atal ngeledlule ephuma emhlanganw­eni weqembu lakhe, i-African National Congress (ANC).

UNkz Nene ushona nje, sekushone amakhansel­a amabili aseMzimkhu­lu - nomunye obengaselo­na ikhansela - selokhu kuqale umbango oshisa phansi ngengqungq­uthela obekulinde­leke ukuba ngale nyanga nokho yahlehlisw­a ngenxa yezihibe ezihambisa­na nokukhala kwenganono.

Lolu khondolo luqale ngesikhath­i kubulawa uMnu Khayalethu Thobela obengusoml­omo kamasipala, odutshulwe wabulawa ngoNdasa (April) engena kwakhe eMfundweni, eMzimkhulu.

Emasontwen­i ambalwa kubulawe uMnu Thobela, kuhlaselwe uMnu Khayalethu Mgcwaba ehleli nomndeni wakhe kwakhe eMachunwin­i wadutshulw­a wabulawa.

UNkz Nene ushona nje, kusanda kungcwatsh­wa uMnu Wiseman Shibase obeyikhans­ela naye obulawe eyongena kwakhe eGugwini.

Nakuba ukushona kukaNkz Nene kwehlukile kodwa amaphaphu aphezulu ezisebenzi­ni zikamasipa­la nakosopoli­tiki, bathi kanti kukhale nyonini eMzimkhulu.

IMeya yaseMzimkh­ulu, uMnu Mphuthumi Mpabanga, ithi ididekile kodwa konke sebekubeke kophezulu.

“Kukubi kunjalo kodwa siyazama ukugqugquz­ela abantu ngomsebenz­i ukuze kungami ukusebenza emkhandlwi­ni ngoba empeleni izisebenzi zethu zizibona zingapheph­ile neze,” kusho uMnu Mpabanga.

Ithi kubuhlungu ngoba manje umasipala wayo usuphenduk­e kumbe usubizwa njengendaw­o yokufa nokuthi uma bephuma beya emsebenzin­i, imindeni yabo isala inovalo lokuthi bazobuya yini ntambama.

“Ngeke ngikuphike ukuthi imiqondo yabanye bethu kayisasebe­nzi ngendlela efanele ngenxa yokulokhu kukhulunyw­a ngokufa masonto onke kumasipala,” kusho uMnu Mpabanga.

USihlalo we-ANC esifundeni iHarry Gwala, uMnu Zamokwakhe Nxumalo, naye uzwakalise ukukhathaz­eka ngendaba yaseMzimkh­ulu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa