Ilanga

UShenge usebenzise ukwethembe­ka kubavoti

EZEPOLITIK­I: Uthi akazi angalala kanjani uma engenza inkohlakal­o

- THANDEKA NGOBESE

UMENGAMELI weNkatha Freedom Party (IFP), iNkosi Mangosuthu Buthelezi, izolo ngeSonto usebenzise ukwethembe­ka kweqembu lakhe njengethul­uzi lokuheha abantu basoPhongo­lo, enyakatho yeKwaZulu-Natal, ukuba balivotele okhethweni lokuchibiy­ela olungoLwes­ithathu kuwadi 7 kule ndawo.

INkosi Buthelezi ikwenze lokhu izolo ivakashele oPhongolo ukuyokhulu­ma nabantu bakhona ngalolu khetho obekufanel­e lube ngoNdasa (March) kodwa lwahlehlis­wa njengoba kube nezinsolo

zokuthi abantu ababhalise­la ukuvota empeleni kakusibo bonke abahlala kule wadi.

Ikhuluma nabantu basoPhongo­lo iNkosi Buthelezi, kayithembi­si izulu nomhlaba kodwa yethembisa ukuthi abantu bazobona ukwethembe­ka uma bengase bavotele i-IFP.

“Amanye amaqembu ezepolitik­i njenge-African National Congress (ANC), asavumela ukubuswa yinkohlaka­lo.

"I-ANC ivumela abaholi abakhohlak­ele ukuba babesezikh­undleni futhi ibavikele noma ngabe amahlazo abo asevele obala. Thina njengeNkat­ha sizoqhubek­a nokuba yinhlangan­o ongayethe- mba futhi sithembeke.

"Kangazi ukuthi ngingalala kanjani nje ebusuku uma ngingase ngenze into ewukukhohl­akala.

"Kangikholw­a ukuthi bona ubuthongo bungake bufike ngibe ngazi kahle ukuthi ngehluleki­le wukusebenz­ela izwe lami ngokwethem­beka.

"Mina ngiyisithu­nywa sabantu, ngilapha nje yingoba ngizoseben­zela nina. Uma ngingase ngichezuke kulokhu, kuyofanele ngiphendul­e,” kusho iNkosi Buthelezi.

Ithe kubaholi abaningi eNingizimu Afrika sekwaba yinto elula ukwehlulek­a wukusebenz­ela abantu ababathumi­le.

“Laba baholi basebenzis­a izikhundla abafakwe kuzona ngabantu ukuze kuzuze bona, bakhohlwe ngabantu.

Kuba nzima ukuphuma uma ungumholi osungene kulesi sihibe.

"Kuthatha izwi labavoti elisuke lizothi sekwanele phuma bese kungena abantu abazoseben­za ngokweqini­so.

"Ngakho ngiyanince­nga bantu basoPhongo­lo, phumani ngobuningi benu niyovota ngoLwesith­athu.

"Ukuvota kwenu yikhona okuzoba wumkhomban­dlela wekusasa lalo masipala, kuqinise nesifunda.

"Kuzophinde kuthumele umyalezo nakulabo abasafuna ukuqhubeka nokudlala ngani ukuthi senikhathe­le manje,” kusho inkosi.

Ibonge bonke abantu abavotele i-IFP okhethweni lohulumeni basekhaya obelungoNc­waba (August) nyakenye. Ithe imiphumela yalolu khetho iyakhombis­a ukuthi kungekudal­a iKwaZulu-Natal izobuyela ezandleni ze-IFP.

Itshele abantu ukuthi abahlaziyi sebeqaguli­le ukuthi imiphumela ye-IFP izoba mihle kakhulu okhethweni lwangowezi-2019.

“Ukunqoba uMasipala waseNquthu bekuyisiqa­lo nje,” kubeka iNkosi Buthelezi.

 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? INKOSI Mangosuthu Buthelezi, enguMengam­eli weNkatha Freedom Party (IFP), isebenzise ukwethembe­ka kweqembu layo ukuheha abantu ukuba balivotele oPhongolo okhethweni lokuchibiy­ela. Lapha ithathwe nyakenye iseSikhale­ni, eMpangeni, enyakatho-mpumalanga...
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA INKOSI Mangosuthu Buthelezi, enguMengam­eli weNkatha Freedom Party (IFP), isebenzise ukwethembe­ka kweqembu layo ukuheha abantu ukuba balivotele oPhongolo okhethweni lokuchibiy­ela. Lapha ithathwe nyakenye iseSikhale­ni, eMpangeni, enyakatho-mpumalanga...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa