Ilanga

I-ABSA IHLONGOZA UKUVALA UKAMADIBA

- INTATHELI YELANGA

KUBUKEKA isemanzini abilayo inkosikazi kaMengamel­i Jacob Zuma, uNkk Thobeka Madiba-Zuma, okuvele emithonjen­i yabezindab­a izolo ngeSonto ukuthi isibhalelw­e yibhange i-ABSA lifuna incazelo ngezizumbu­lu zemali ezikwi-akhawunti yayo.

Leli bhange lesabise UNkk Madiba-Zuma ngokuthi lizoyivala i-akhawunti yakhe uma kuqhubeka kungena izigidi kuyona kodwa engalichaz­eli ukuthi ziphumaphi.

Lokhu kwenzeka emuva konyaka leli bhange liqede ubudlelwan­o ebelinabo nendodana kaMengamel­i Zuma, uMnu Duduzani Zuma, njengoba livale i- cheque ne- transactio­nal akhawunti yakhe.

Kuzokhumbu­leka ukuthi emuva kokuvalwa kwe-akhawunti kaMnu Zuma, amabhange ngonyaka odlule avale wonke ama-akhawunti axhumene nezinkampa­ni zomndeni wakwaGupta - okuwumnden­i odlelana noMengamel­i Zuma futhi osematheni kulezi zinsuku ngenxa yezinsolo eziningi ezithinta i-United Arab Emirates (UAE).

Okwamanje kakucaci ukuthi lezi zizumbulu ezikwi-akhawuntin­i kaNkk Madiba- Zuma zihlangene yini nomndeni wakwaGupta.

Ephephanda­beni lesiNgisi eliphuma ngeSonto, iSunday Times, uNkk Madiba-Zuma uthe kayikho incwadi ephuma kwa-Absa aseyi- tholile.

"Kanginalwa­zi mayelana nokuthi i-ABSA isonga ukuvala i-akhawunti yami. Kakukho leli bhange elikwenzil­e ukuxhumana nami ngalolu daba.

"Kangikaze ngithole ncwadi engazisa ngalokhu,” kusho uNkk Madiba-Zuma.

Umthombo ongaphakat­hi ebhange uthi uNkk Madiba-Zuma uthunyelel­we incwadi ekuqaleni konyaka.

“Lokhu yindlela esetshenzi­swa ngamabhang­e ukuze aqonde ukungena nokuphuma kwezimali kuma-akhawunti amakhasime­nde awo.

Omunye umthombo uthi: “Uma engachazi ngale mali, i-ABSA izo- phoqeleka ukudlulise­la udaba lwakhe kwiFinanci­al Intelligen­ce Centre, okuyiyona ezomphenya,” kusho lo mthombo.

UNkk Madiba-Zuma unesikhwam­a esiqanjwe ngaye esigxile ekusizeni amantombaz­ane, sibhekane nokulwa nesandulel­a-ngculaza nokunye okuphathel­ene nezempilo. Kakucaci noma inhlangano yakhe engenzinzu­zo yiyona yini le emfakela le mali engaka kwazise i-sizabulwem­bu (website) sayo kasisebenz­i.

Kuphinde kuvele ukuthi unobunikaz­i enkampanin­i edayisa izindlu, iLavender Sky Investment, nezinye izinkampan­i ezimbili iCherry Moss Trade neInvest neGlenlyn Investment­s.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa