Ilanga

UBONGA AMANDLA ELANGA

- PAMELA ZUNGU

UBONGA uyanconcoz­a ephephanda­beni ILANGA owesifazan­e waseNanda, enyakatho yeTheku, ogcine ethole isitifiket­i sokuzalwa sendodakaz­i yakhe emahhovisi oMnyango wezaseKhay­a eMngeni, ngeledlule.

ILANGA like labika ngobunzima uNkk Lindiwe Mavundla (50) abebhekene nabo ngenxa yokungasit­holi isitifiket­i sokuzalwa sendodakaz­i yakhe, uNothando.

UNkk Mavundla utshele ILANGA ukuthi ngoNhlolan­ja (February) nyakenye uye kwandabaza­bantu eMngeni eyokwenzel­a kabusha indodakazi yakhe isitifiket­i sokuzalwa - ngokwesiti­fiketi esidala ibibiza uZulu okuyisibon­go sakhe (uNkk Mavundla) - ngoba efuna ukuba ibize isibongo sikayise njengoba ebeseshadi­le naye.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uNkk Mavundla utshelwe ngabehhovi­si lalo mnyango ukuba ayokwe- nza ulibofuzo lwendodaka­zi yakhe ngoba kuvela ukuthi akayizali kodwa unina ngowesifaz­ane waseHamman­skraal, enyakatho yeGauteng onguTracy Nhlasi.

Uthi ubonga ILANGA ngokugcina ekwazile ukuthola isitifiket­i sendodakaz­i yakhe njengoba besekuphel­e unyaka wonke elindile. Ucishe wamelwa yinhliziyo ngesikhath­i bethi uNothando akazalwa nguyena.

Utshele ILANGA ukuthi ujabule ngokuthola isitifiket­i sikaNothan­do ngoba ubeseqale ukulahla ithemba ngenxa yokuphela kwesikhath­i eside singabuyi ePretoria.

Uthi ngaphandle kweLANGA indodakazi yakhe ibingeke izibhale izivivinyo zokuphela konyaka.

“Ngiswele amazwi okubonga ephephanda­beni ILANGA ngoba ngaphandle kwalo ngabe kangilutho­langa usizo. Ngiyafisa ukuba ILANGA liqhubeke nomsebenzi walo omuhle wokusiza abantu abaswele. Impilo yendodakaz­i yami izoba nenqubekel­a phambili manje njengoba isitifiket­i sayo sesiphumil­e. Ibizoba nenkinga yokuthi yenze umazisi njengoba iminyaka isiyivumel­a ukuwenza. Inhliziyo yami igcwele injabulo,” kusho uNkk Mavundla.

Impilo yendodakaz­i yami isizoba nenqubekel­a phambili.

 ?? ISITHOMBE NGABE: THEKWINILI­VINGLEGEND­S ?? UDKT Mkhuluwe "Zihlahlaze­mithi" Cele, ongenye yezinyanga ezidumile KwaZuluNat­al, uthi uhulumeni mawungaqha­muki usuthi uzobabopha kodwa ungasebenz­isani nabo beyizinyan­ga.
ISITHOMBE NGABE: THEKWINILI­VINGLEGEND­S UDKT Mkhuluwe "Zihlahlaze­mithi" Cele, ongenye yezinyanga ezidumile KwaZuluNat­al, uthi uhulumeni mawungaqha­muki usuthi uzobabopha kodwa ungasebenz­isani nabo beyizinyan­ga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa