Balengelwa yijele abelaphi bendabuko
Kumele bakhokhe...
BAZULELWA yijele abelaphi bendabuko nabantu nje phaqa abadayisa amakhambi esintu njengoba abeZemvelo KZN Wildlife beqinisa imithetho elawula ukusetshenziswa kwemithi kulesi sifundazwe.
Emhlanganweni obungoLwesine eRoyal Hotel, eThekwini, abezeMvelo bathe imithi eminingi isiyashoda kulesi sifundazwe ngenxa yokuthi abantu bavele bayivune sakuyibulala, okwenza ukuba ishabalale noma igcine ingasahlumi nhlobo.
Bathi abelaphi bendabuko abazotholakala nemithi abangavumekile ukuba bayiphathe, bazoboshwa. Kule mithi kubalwa umabopha, umaphipha oyintelezi, ingwevu, isigqiki somkhovu, udumbakasibumbu, unukani, umathithibala, ubulili bekhonde, imfingo, uvuma omhlophe, ukhokho, ilabatheka, ibhade, imfulwa (uphindamshaye), isihlehle, isiklenama, isihlalakhahle, ichitha, umavumbuka nemfe yenkawu.
Ngokusho kwesikhulu esiphezulu esibhekelele ukonginwa kwemvelo nokugcinwa kwemithetho kwezeMvelo KZN Wildlife, uMnu Sonboy Bapela, ngisho izinyanga zitholakala nale mithi esiyibalule ngenhla zithi ziyobethela noma ziyokwelapha kwezinye izindawo, zizoboshwa uma ingekho imvume.
“Akekho umuntu ozothi uma esebanjwa bese ethi mina bengingazi njengoba silapha nje sizonifundisa le mithetho. Kakusiyona le mithi kuphela enizoshushiswa uma nitholakale nayo, kukhona nezilwane eningasavumelekile ukuba nazo ngoba ziyashoda.
“Kulezi zilwane kubalwa imfene, indlozi, indwe, ufezela, ufudu, ingwenya, inhlwathi, inkentshane, ubhejane nendlovu. Uma wena sikubamba uphethe amafutha engwenya noma indlozi, ngeke sikuyeke sizokubopha njengoba senza kulabo esibabamba bezingela ngokungemthetho,” kusho uMnu Bapela. UMnu Bapela uthi imvume ibiza u-R50.00 kanti ukuyikhipha kubiza u-R57 00.
Uthi noma ngabe isangoma sikhiphe ithwasa lakwelinye izwe, okungaba ngelaseSwaziland, saliphathisa imithi lizovinjwa emngceleni liboshwe uma lingenayo imvume.
UMengameli waBelaphi beNdabuko, uMnu Sazi Mhlongo, uthe abezeMvelo KZN Wildlife kakumele bajahe ukubopha izinyanga bengakaze bazinike izihlahla zemithi ukuthi bazitshalele.
“Uma sephucwa izikhwama zethu sizophoqeleka ukuphindela khona ehlathini siyovuna bese kucekeleka phansi imvelo, uma kodwa sinikwa imithi sizitshalela, imvelo izokongeka,” kusho uMnu Mhlongo.
UMnu Mkhuluwe “Zihlahlazemithi” Cele - ongenye yezinyanga ezidumile KwaZulu-Natal, onekhemisi kwaJ eMlazi, eningizimu yeTheku, yihlathi elikhulukazi lemithi nesikole sokufundisa abelaphi bendabuko ngakubo eNgonyameni ngaseMlazi - ucele kube khona ukusebenzisana phakathi kwabelaphi bendabuko nohulumeni.
Uthi uhulumeni uma uzothuthukisa indawo ezokwakha umgwaqo, bacela izinyanga zakuleyo ndawo zibizwe ziyobheka ukuthi kayikho yini imithi ezingayithola.
“Uma kutshalwa izihlahla ( gumtrees) nezimoba, sikhumbuleni phela nisibize sizobheka ukuthi kayikho yini imithi esingayithola kuleyo ndawo ngaphambi kokuba kutshalwe.
Ningaqhamuki senithi sizoboshwa kodwa ningafuni ukusebenzisana nathi. Senza umsebenzi wokuphilisa abantu, kasibulali muntu ngakho-ke masisizwe. Ngeke nje mina ngimyeke umuntu ezongidayisela umuthi engingenawo ngilokhu ngimbuza ukuthi unayo yini imvume kodwa ngiyokhipha imali ngifake umuthi endlini ngoba ngiphila ngawo,” kusho uMnu Cele.