Ilanga

Ubulawelwe imali yesondlo sezingane

Isidumbu sitholwe ngaphansi kombhede sesiqala ukonakala

- MTHOBISI SITHOLE

USABABAZA isihluku umphakathi waseMfekay­i, eMtubatuba, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZuluN­atal, emuva kokutholak­ala kwesidumbu sowesifaza­ne ngaphansi kombhede sisongwe ngengubo kanti kusolwa isoka lakhe ngalokhu.

UNkz Nkosingiph­ile Gumede (22), wakhona eMfekayi, kuthiwa uthathwe yisoka lakhe elinguMnu Zakhe Khumalo (34) ngoMgqibel­o odlule baya kubo (kwesoka) - nalo ngelakhona eMtubatuba.

Kuthiwa uNkz Gumede ubulawa nje, bekunokung­ezwani kahle phakathi kwakhe noMnu Khumalo kubangwa ukuthi akazondli izingane zabo ezintathu.

Nokho kakwaziwa ukuthi indaba isuswe yini ngosuku abulawe ngalo - ngaphandle nje komdonsisw­ano wesondlo. Kuthiwa uMnu Khumalo uzivumele phambi komphakath­i obugcwele emzini okutholaka­le kuwona isidumbu ngoLwesith­athu olwedlule wathi uNkz Gumede umdlise umuthi wamagundan­e ngoba ecasukile.

Isidumbu sithathwe ngalo usuku lwesigamek­o sayohlonzw­a njengoba kukhona nezinsolo zokuthi uNkz Gumede uklinyiwe.

Uyise kaNkz Gumede, uMnu Thomas Ngema, uthi kayikho ingxabano enkulu yakamuva ayaziyo phakathi kwengane yakhe noMnu Khumalo. Uveze ukuthi ufisa nokufa ngenxa yobuhlungu abuzwile kubulawa indodakazi yakhe.

“Lo mfana kuthiwa ubefika njalo kwami ngezikhath­i zakusihlwa, athathe ingane yami ahambe nayo kuthi uma umkami ekhuluma, amlwise. Kukaningi ngizama ukuhlangan­a naye lo mfana engibaleke­la kanti izinhloso zakhe ngezokuba angizwise ubuhlungu emhlabeni,” kusho uMnu Ngema.

Uthi indodakazi yakhe ibibikile kunina ngesikhath­i ihamba, yathi isayolanda imali yokuthenge­la abantwana izimpahla zokugqoka kubo kaMnu Khumalo.

ILANGA lithole ukuthi uNkz Gumede ubatshelil­e nabangani bakhe bakomakhel­wane ukuthi uma kwenzeka edlula emhlabeni, kuyobe ubulewe yisoka lakhe ngoba kababoni ngaso linye.

Kuthiwa uMnu Khumalo ubelala endlini naso isidumbu singaphans­i kombhede.

Umthombo weLANGA osondelene nalolu daba, uthi kuhlatshwe umkhosi emuva kokunyamal­ala kukaNkz Gumede kwazise isoka lakhe beliphika lithi kalimazi.

“Kuphunyiwe kwabhekwa yonke indawo kwaze kwangenwa nasendlini yalo mfana. Kuzwakale iphunga elingelihl­e endlini saphakamis­a umbhede kwavela isidumbu sesithanda ukonakala,” kusho umthombo.

Umphakathi waseMtubat­uba ukhuza ibhadi uthi kayikaze yenzeke into efana nalena endaweni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt uColonel Thulani Zwane, usiqinisek­isile isigameko wathi umsolwa uboshiwe.

UMnu Khumalo uvelile eNkantolo yeMantshi yaKwaMsane ngoLwesihl­anu.

Kwenzeka lokhu nje, kukhalwa nkalo zonke ngokubulaw­a kwabantu besifazane eNingizimu Afrika.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa